Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Izithombe zobulili ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?

Izithombe zobulili ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?

Izwe namuhla linentilibathwa yezithombe zobulili ezingcolile. * Zingatholakala ezikhangisweni, kwezemfashini, kumabhayisikobho, emculweni, komagazini, kuthelevishini, emidlalweni ye-video, komakhalekhukhwini, kuma-computer aphathwayo, ezingosini ze-Internet futhi muva nje nasezingosini zokuthumelelana izithombe. Kubonakala sengathi izithombe zobulili ezingcolile ziyinto ethandwayo emphakathini wanamuhla. Ezindaweni eziningi liyanda inani labantu ababuka izithombe zobulili ezingcolile kunanini ngaphambili.—Bheka ibhokisi elithi  “Amaqiniso Ngezithombe Zobulili Ezingcolile.”

Ziya ngokuya zishintsha izithombe zobulili ezingcolile. UProfesa Gail Dines uyabhala: “Izithombe zobulili ezingcolile namuhla, sezedlulele kakhulu kunalokho okwakubhekwa njengezithombe zobulili ezingcolile ezingamanyala.”

Uwubheka kanjani lo mkhuba owandayo? Ingabe izithombe zobulili ezingcolile ziyinto yokuzijabulisa engenangozi noma ingabe ziwushevu obulalayo? UJesu wathi: “Yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle, kodwa yonke imithi ebolile ithela izithelo ezingenamsebenzi.” (Mathewu 7:17) Ziyini izithelo zezithombe zobulili ezingcolile? Ukuze sithole izimpendulo, ake sixoxe ngemibuzo ethile eyisisekelo ephathelene nezithombe zobulili ezingcolile.

 Zibathinta kanjani abantu izithombe zobulili ezingcolile?

OKUSHIWO OCHWEPHESHE: Izithombe zobulili ezingcolile zikwenza isigqila sazo, abanye abacwaningi nodokotela baze bazifanise nesidakamizwa okuthiwa i-crack cocaine.

UMandla, * owayengumlutha wezithombe zobulili ezingcolile kuyi-Internet, uyalandisa: “Akukho okwakungangivimba. Kwakuba sengathi kunento engilawulayo. Ngangize ngiqhaqhazele kube buhlungu ikhanda. Ngazama ukuziyeka, kodwa kwaphela iminyaka ngilokhu ngiwumlutha wazo.”

Abantu abazitika ngezithombe zobulili ezingcolile ngokuvamile bayawufihla lo mkhuba wabo. Bawenza ngasese futhi abathembekile. Akumangazi-ke ukuthi abaningi bazizwa benomzwangedwa, benamahloni, bekhathazekile, becindezelekile futhi benentukuthelo. Abanye baze bafune nokuzibulala. USerge owayekopisha izithombe zobulili ezingcolile kuyi-Internet ngomakhalekhukhwini wakhe cishe nsuku zonke, uthi: “Ngaqala ukukhathazeka ngokweqile futhi ngaphelelwa ithemba. Ngangizizwa ngingelutho, nginomuzwa wecala, nginesizungu futhi ngivalelekile. Nganginamahloni futhi ngesaba ukucela usizo.”

Ngisho nokuzithi shazi izithombe zobulili ezingcolile kungaba nemiphumela engemihle. Enikeza ubufakazi phambi kwekomiti ye-U.S. Senate, uDkt. Judith Reisman, umcwaningi wezithombe zobulili ezingcolile ohamba phambili, wathi: “Izithombe zobulili ezingcolile ziyanamathela engqondweni futhi zithinta ubuchopho, zibangela inkumbulo ehlala njalo, engalawuleki, okunzima ukuyisusa noma engasoze yasuka.” USusan, oneminyaka engu-19 owazithela engosini ethile yezithombe zobulili ezingcolile, uyalandisa: “Lezo zithombe zigxilile engqondweni yami. Zivele zifike engqondweni ngingalindele. Kubonakala sengathi angisayukuphinde ngikwazi ukuzisusa ngokuphelele.”

IQINISO LIWUKUTHI: Izithombe zobulili ezingcolile ziyabagqilaza labo abayizisulu zazo futhi zidala umonakalo omkhulu.—2 Petru 2:19.

Ziyithinta kanjani imindeni izithombe zobulili ezingcolile?

OKUSHIWO OCHWEPHESHE: “Izithombe zobulili ezingcolile zihlukanisa imindeni nemishado.”—The Porn Trap, kaWendy noLarry Maltz.

Izithombe zobulili ezingcolile zilimaza imishado nemindeni

  • Ngokuqeda ukwethembana, ukusondelana nothando.—IzAga 2:12-17.

  • Ngokukhuthaza ukuzicabangela wena, ukungabi nandaba nemizwelo, nokunganeliseki ngalowo oshade naye.—Efesu 5:28, 29.

  • Ngokubhebhezela imicabango nezifiso ezingafanele zocansi.—2 Petru 2:14.

  • Ngokulinga abazibukayo ukuba bafune ngenkani izenzo zocansi ezingafanele kulabo abashade nabo.—Efesu 5:3, 4.

  • Ngokukhuthaza ukungethembeki ngokomzwelo nangokomzimba kulowo oshade naye.—Mathewu 5:28.

 IBhayibheli litshela abashadile ukuba ‘bangenzi ngokukhohlisana.’ (Malaki 2:16) Ukungethembeki emshadweni kuwuhlobo lokukhohlisa okungalimaza umshado futhi kuholele ekuhlaleni ngokwehlukana ngisho nasekudivoseni. Le zimo zilimaza abantwana abatholwe emshadweni.

Izithombe zobulili ezingcolile zingazilimaza ngokuqondile nezingane. UMandla, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyachaza: “Ngesikhathi ngineminyaka eyishumi, ngathola omagazini bakababa bezithombe zobulili ezingcolile ngephutha ngesikhathi sidlala umacashelana. Ngaqala ukuzibuka ngasese, kodwa ngangingaqondi ukuthi kungani zazingikhanga. Ngawuqala kanjalo lo mkhuba olimazayo owaqhubeka ngaze ngaba mdala.” Ucwaningo lubonisa ukuthi izithombe zobulili ezingcolile zingathonya intsha ukuba iqale ukuya ocansini isencane futhi iziphathe kabi, ibe nobudlova obuhambisana nocansi futhi ingazinzi ngokomzwelo nangokwengqondo.

IQINISO LIWUKUTHI: Izithombe zobulili ezingcolile zilimaza ubuhlobo obuhle futhi ekugcineni zilimaze inhliziyo zibangele nobuhlungu.—IzAga 6:27.

 Lithini iBhayibheli ngezithombe zobulili ezingcolile?

IZWI LIKANKULUNKULU LITHI: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu . . . ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha, okuwukukhonza izithombe.”—Kolose 3:5.

Ngamafuphi nje, uJehova * uNkulunkulu uyazizonda izithombe zobulili ezingcolile. Lokhu akubangelwa ukuthi unenhlonipho eyedlulele ngocansi. Nguye owadala amandla ethu okuya ocansini futhi ehlose ukuba abantu abashadile bawasebenzisele ukujabulisana, basondelane ngokomzwelo futhi bahlanganyele ndawonye isimangaliso sokuletha abantwana emhlabeni.—Jakobe 1:17.

Kungani-ke, singasho kugcwale umlomo ukuthi uJehova uyazizonda izithombe zobulili ezingcolile? Nazi izizathu ezimbalwa.

  • Uyazi ukuthi izithombe zobulili ezingcolile zingonakalisa ukuphila kwabantu.—Efesu 4:17-19.

  • Uyasithanda futhi ufuna ukusivikela ekulimaleni.—Isaya 48:17, 18.

  • UJehova ufuna ukuvikela imishado nemindeni.—Mathewu 19:4-6.

  • Ufuna siziphathe ngendlela ehlanzekile futhi sihloniphe namalungelo abanye abantu.—1 Thesalonika 4:3-6.

  • Ufuna siwahloniphe amandla ethu okuzala futhi siwasebenzise ngendlela ehloniphekile.—Hebheru 13:4.

  • UJehova uyazi ukuthi izithombe zobulili ezingcolile zibonisa umbono osontekile ngocansi, owubugovu futhi owubusathane.—Genesise 6:2; Jude 6, 7.

IQINISO LIWUKUTHI: Izithombe zobulili ezingcolile zilimaza ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu.—Roma 1:24.

Nokho, uJehova uyabazwela kakhulu labo abafuna ukugqashula ezithombeni zobulili ezingcolile. IBhayibheli lithi: “UJehova unesihe futhi unomusa, uyephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando. Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:8, 14) Umema abathobekile ukuba beze kuye ukuze ‘bathole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.’—Hebheru 4:16; bheka ibhokisi elithi  “Ukugqashula Ezithombeni Zobulili Ezingcolile.”

Abantu abaningi baye balwamukela usizo lukaNkulunkulu. Ingabe luyasebenza? Phawula lokho okushiwo iBhayibheli ngabathile abanqoba imikhuba emibi: “Seniye nagezwa nahlanzeka, . . . seniye nangcweliswa, . . . sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.” (1 Korinte 6:11) Njengomphostoli uPawulu, abanjalo bangase bathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13.

USusan, owanqoba umkhuba wokubuka izithombe zobulili ezingcolile, uthi: “UJehova kuphela ongakusiza ugqashule. Uma ucela usizo nesiqondiso sakhe, ungamukeleka kuye. Ngeke akuphoxe.”

^ isig. 3 Amazwi athi “izithombe zobulili ezingcolile” abhekisela ezintweni eziveza ubulili ingcaca eziklanyelwe ukuvusa inkanuko kozibukayo, ozifundayo noma ozilalele. Zingahlanganisa izithombe, okubhaliwe noma okulalelwayo.

^ isig. 8 Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 25 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.