Dlulela kokuphakathi

Ingabe Kufanele Sisole UNkulunkulu Ngokuhlupheka Kwethu?

Ingabe Kufanele Sisole UNkulunkulu Ngokuhlupheka Kwethu?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli liphendula ngocha omkhulu! Ukuhlupheka kwakungeyona ingxenye yenjongo kaJehova uNkulunkulu ngesintu. Nokho, abantu ababili bokuqala bahlubuka ekubuseni kukaNkulunkulu, bakhetha ukuzibekela izindinganiso zabo zokulungile nokungalungile. Bamlahla uNkulunkulu futhi bathola imiphumela ebuhlungu.

Namuhla sibhekana nemiphumela yesinqumo sabo esibi. Kodwa akuyena uNkulunkulu owenza ukuba abantu bahlupheke.

IBhayibheli lithi: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Ukuhlupheka kungafikela noma ubani—ngisho nalabo uNkulunkulu abathandayo.