UmShumayeli 9:1-18

  • Bonke banesiphetho esifanayo (1-3)

  • Jabulela ukuphila yize kukhona ukufa (4-12)

    • Abafile abazi lutho (5)

    • Akukho msebenzi eThuneni (10)

    • Isikhathi nezenzakalo ezingalindelekile (11)

  • Ukuhlakanipha akwaziswa ngaso sonke isikhathi (13-18)

9  Ngakho ngakufaka enhliziyweni konke lokhu, ngaphetha ngokuthi abalungile nabahlakaniphile kanye nemisebenzi yabo basezandleni zikaNkulunkulu weqiniso. + Abantu abaluqapheli uthando nenzondo okwaba khona ngaphambi kwabo.  Bonke banesiphetho esifanayo, + olungile nomubi, + omuhle nohlanzekile nongahlanzekile, labo abenza umhlatshelo nalabo abangawenzi. Omuhle uyafana nesoni; owenza isifungo uyafana nalowo ongaxhamazeli ekwenzeni isifungo.  Lena yinto ecindezelayo eyenzeka phansi kwelanga: Ngenxa yokuthi bonke banesiphetho esifanayo, + izinhliziyo zabantu zigcwele ububi; kukhona ukuhlanya ezinhliziyweni zabo phakathi nokuphila kwabo, bese beyafa!  Kukhona ithemba nganoma ubani ophakathi kwabaphilayo, ngoba inja ephilayo ingcono kakhulu kunebhubesi elifile. +  Ngoba abaphilayo bayazi* ukuthi bayokufa, + kodwa abafile bona abazi lutho, + futhi abasenawo umvuzo, ngoba ukukhunjulwa kwabo sekulibalekile. +  Uthando lwabo nenzondo yabo nomhawu wabo sekushabalele kakade, abasenaso isabelo ezintweni ezenziwa phansi kwelanga. +  Hamba, udle ukudla kwakho ngokujabula, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo ejabulayo, + ngoba kakade uNkulunkulu weqiniso uyijabulele imisebenzi yakho. +  Kwangathi izingubo zakho zingahlale zimhlophe,* ungayeki ukugcoba amafutha ekhanda lakho. +  Jabulela ukuphila nomfazi wakho omthandayo + zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize uNkulunkulu akunike zona phansi kwelanga, zonke izinsuku zakho eziyize, ngoba lowo umvuzo* wakho ekuphileni nasemsebenzini wakho onzima owenza kanzima phansi kwelanga. + 10  Noma yini okwazi ukuyenza, yenze ngawo wonke amandla akho, ngoba akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eThuneni, *+ indawo oya kuyo. 11  Kunokunye futhi engikubonile phansi kwelanga, ukuthi abanejubane abaphumeleli njalo emncintiswaneni, nabanamandla abanqobi njalo empini, + nabahlakaniphile ababi nokudla njalo, nongqondongqondo ababi nengcebo njalo, + nalabo abanolwazi abaphumeleli njalo + ngoba isikhathi nezenzakalo ezingalindelekile zibehlela bonke. 12  Ngoba umuntu akasazi isikhathi sakhe. + Njengoba nje izinhlanzi zibanjwa inethi elibi, nezinyoni zibanjwa isicupho, kanjalo namadodana abantu abanjwa isikhathi senhlekelele, lapho siwafica kungazelelwe. 13  Ngabona nalokhu ngokuqondene nokuhlakanipha phansi kwelanga—futhi kwangihlaba umxhwele: 14  Kwakukhona idolobha elincane elinamadoda ambalwa; kwafika inkosi enamandla yamelana nalo, yalihaqa yakha izinqaba ezinkulu ukuze ilwe nalo. 15  Kulo kwatholakala umuntu ohluphekayo kodwa ohlakaniphile, walisindisa idolobha ngokuhlakanipha kwakhe. Kodwa akukho muntu owamkhumbula lowo muntu ohluphekayo. + 16  Ngathi enhliziyweni yami: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla; + nokho ukuhlakanipha komuntu ohluphekayo kuyadelelwa, namazwi akhe awalalelwa.” + 17  Kungcono ukulalela amazwi azolile abahlakaniphile kunokulalela ukumemeza komuntu obusa phakathi kweziphukuphuku. 18  Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zempi, kodwa isoni esisodwa nje kuphela singenza umonakalo omkhulu kokuhle. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “bayaqaphela.”
Okuwukuthi, izingubo ezigqamile ezibonisa ukujabula, hhayi izingubo zokulila.
Noma, “isabelo.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.