NgokukaMathewu 22:1-46

  • Umfanekiso wedili lomshado (1-14)

  • UNkulunkulu noKhesari (15-22)

  • Umbuzo ophathelene novuko (23-33)

  • Imiyalo emibili emikhulu kunayo yonke (34-40)

  • Ingabe uKristu uyindodana kaDavide? (41-46)

22  UJesu waphinde wakhuluma nabo ngemifanekiso, wathi:  “UMbuso wamazulu unjengenkosi eyenzela indodana yayo idili lomshado. +  Yathuma izinceku zayo ukuba ziyobiza labo ababemenyelwe edilini lomshado, kodwa abathandanga ukuza. +  Yaphinde yathuma ezinye izinceku, ithi, ‘Tshelani abamenyiwe ukuthi: “Bhekani! Sengisilungisile isidlo sami, izinkomo zami nezilwane ezikhuluphalisiwe sekuhlatshiwe, futhi zonke izinto sezilungile. Wozani edilini lomshado.” ’  Kodwa bahamba bengagqizi qakala, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya ebhizinisini lakhe; +  abanye babamba izinceku zayo, baziphatha kabi futhi bazibulala.  “Inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo ababulala labo babulali ashisa nedolobha labo. +  Khona-ke yathi ezincekwini zayo, ‘Idili lomshado selilungile, kodwa abamenyiwe bebengafaneleki. +  Ngakho-ke yanini emigwaqweni ephumela ngaphandle kwedolobha, nimemele noma ubani enimtholayo edilini lomshado.’ + 10  Ngakho lezo zinceku zaphuma zaya emigwaqweni zabutha bonke ezabathola, ababi nabahle; indlu yemicimbi yomshado yagcwala abantu ababedla.* 11  “Lapho inkosi ingena izohlola izimenywa, yabona umuntu owayengayigqokile ingubo yomshado. 12  Ngakho yathi kuye, ‘Mfo, ungene kanjani lapha ungayigqokile ingubo yomshado?’ Akabanga nampendulo. 13  Khona-ke inkosi yathi ezincekwini zayo, ‘Mbopheni izandla nezinyawo nimkhiphele ngaphandle ebumnyameni. Lapho yilapho eyokhala khona aququde amazinyo.’ 14  “Ngoba baningi abamenyiwe, kodwa bambalwa abakhethiwe.” 15  Ngemva kwalokho abaFarisi bahamba, bacebisana ukuze bamcuphe ngenkulumo yakhe. + 16  Ngakho bathumela abafundi babo kuye, kanye namalungu eqembu likaHerode, + bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uneqiniso futhi ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, nokuthi awuthengi amehlo abantu, ngoba awubheki ukubukeka kwabantu kwangaphandle. 17  Ngakho sitshele, wena ucabangani? Kungokomthetho* yini ukukhokha intela yekhanda kuKhesari noma cha?” 18  Kodwa ebazi ububi babo, uJesu wathi: “Kungani ningivivinya bazenzisi? 19  Ngiboniseni uhlamvu lwemali yentela.” Bamlethela udenariyu.* 20  Wathi kubo: “Okabani lo mfanekiso nalo mbhalo oqoshiwe?” 21  Bathi: “OkaKhesari.” Wabe esethi kubo: “Ngakho buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” + 22  Lapho bezwa lokho, bamangala, bahamba bamshiya. 23  Ngalolo suku abaSadusi, abathi alukho uvuko, + beza kuye bambuza, bathi: + 24  “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabo abantwana, umfowabo kumelwe amngene lowo mfazi avezele umfowabo inzalo.’ + 25  Manje kwakukhona izelamani eziyisikhombisa. Owokuqala washada washona, ngenxa yokuthi wayengenangane, umkakhe wangenwa umfowabo. 26  Kwenzeka ngendlela efanayo nakowesibili nakowesithathu, zaze zaphelela zonke izelamani eziyisikhombisa. 27  Ekugcineni owesifazane wafa. 28  Ngakho ovukweni, yimuphi kulaba abayisikhombisa ayoba ngumkakhe? Ngoba waba yinkosikazi yabo bonke.” 29  UJesu wabaphendula wathi: “Niyaphazama, ngoba aniyazi imiBhalo namandla kaNkulunkulu; + 30  ngoba ovukweni amadoda awashadi, nabesifazane abashadiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. + 31  Ngokuqondene novuko lwabafile, anikufundanga yini lokho okwashiwo nguNkulunkulu kini, ethi: 32  ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe’? + UnguNkulunkulu wabaphilayo, akayena owabafile.” + 33  Lapho zizwa lokho, izixuku zakhexa ngokufundisa kwakhe. + 34  Ngemva kokuba abaFarisi bezwe ukuthi wayebavale imilomo abaSadusi, babuthana baba yiqembu elilodwa. 35  Omunye kubo, owayenolwazi ngoMthetho wambuza, emvivinya: 36  “Mfundisi, yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke eMthethweni?” + 37  Wathi kuye: “ ‘Kumelwe uthande uJehova* uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo* wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ + 38  Lona umyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. 39  Owesibili onjengawo yilo: ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ + 40  Kule miyalo emibili kusekelwe wonke uMthetho nabaProfethi.” + 41  Manje ngesikhathi abaFarisi besabuthene ndawonye uJesu wababuza: + 42  “Nicabangani ngoKristu? Uyindodana kabani?” Bathi kuye: “KaDavide.” + 43  Wababuza wathi: “Pho kwenzeka kanjani ukuba uDavide ephefumulelwe + ambize ngokuthi iNkosi, ethi, 44  ‘UJehova* wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokudla sami ngize ngibeke izitha zakho ngaphansi kwezinyawo zakho” ’? + 45  Uma-ke uDavide embiza ngokuthi Nkosi, angaba kanjani indodana yakhe?” + 46  Akekho owakwazi ukumphendula, futhi kusukela ngalolo suku kuqhubeke akukho muntu owalokotha wambuza omunye umbuzo.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ababehlezi etafuleni.”
Noma, “Kulungile.”