Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 7

Yini Ebikezelwa YiBhayibheli Ngesikhathi Esiphila Kuso?

“Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso . . . Zonke lezi zinto ziwukuqala kwemihelo yokucindezeleka.”

Mathewu 24:7, 8

“Kuyovela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi; ngenxa yokwanda kokwephulwa komthetho, uthando lwabaningi luyophola.”

Mathewu 24:11, 12

“Lapho nizwa ngezimpi nemibiko yezimpi, ningethuki; lezi zinto kumele zenzeke, kodwa ukuphela kuyobe kungakafiki.”

Marku 13:7

“Kuyoba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ezindaweni ngezindawo kube khona ukusweleka kokudla nezifo eziwumshayabhuqe; kuyoba khona imibono eyesabekayo, nasezulwini kube khona izibonakaliso ezinkulu.”

Luka 21:11

“Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abaqhoshayo, abazazisayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongi, abangathembekile, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathanda injabulo kunokuba bathande uNkulunkulu, ababonakala bezinikele kuNkulunkulu kodwa bewaphika amandla alokho kuzinikela.”

2 Thimothewu 3:1-5