NgokukaMathewu 20:1-34

  • Izisebenzi zasensimini yamagilebhisi neholo elilinganayo (1-16)

  • Kuphinde kubikezelwa ngokufa kukaJesu (17-19)

  • Izicelo zezikhundla eMbusweni (20-28)

    • UJesu uyisihlengo sabaningi (28)

  • Amadoda amabili ayizimpumputhe ayelashwa (29-34)

20  “UMbuso wamazulu unjengomninindlu owaphuma ekuseni kakhulu eyoqasha izisebenzi ezizosebenza ensimini yakhe yamagilebhisi. +  Lapho esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela ensimini yakhe yamagilebhisi.  Ephuma futhi cishe ngehora lesithathu,* wabona abanye bemile bengaqashiwe emakethe;  nakulabo wathi, ‘Nani futhi hambani niye ensimini yamagilebhisi, ngizoninika noma yini efanele.’  Ngakho bahamba. Waphinde waphuma cishe ngehora lesithupha* nangehora lika-9* wenza okufanayo.  Ekugcineni, cishe ngehora lika-11* waphuma futhi wathola abanye bemile, wathi kubo, ‘Kungani benilokhu nimi lapha usuku lonke ningaqashiwe?’  Bathi kuye, ‘Kungenxa yokuthi akekho osiqashile.’ Wathi kubo, ‘Nani hambani niye ensimini yamagilebhisi.’  “Lapho kuhwalala, umnikazi wensimu yamagilebhisi wathi enduneni yakhe, ‘Biza izisebenzi uziholele imali yazo, + uqale ngesokugcina ugcine ngesokuqala.’  Lapho abantu behora lika-11 befika, ngamunye wathola udenariyu.* 10  Ngakho lapho abokuqala befika, bacabanga ukuthi babezothola okwengeziwe, kodwa nabo baholelwa ngesilinganiso sikadenariyu.* 11  Lapho bewamukela bakhononda ngomninindlu 12  bathi, ‘La madoda okugcina enze umsebenzi wehora elilodwa; noma kunjalo uwenze alingana nathi esithwale umthwalo osindayo wosuku nokushisa okukhulu!’ 13  Kodwa yena ephendula omunye wabo, wathi, ‘Mfo, angikonanga ngalutho. Sivumelene ngodenariyu,* akunjalo? + 14  Thatha okungokwakho uhambe. Ngifuna ukunika lona wokugcina okufanayo nengikunika wena. 15  Anginalo yini ilungelo lokwenza engikuthandayo ngezinto zami? Noma ingabe iso lakho linomona* ngoba ngenze okuhle kubo?’ *+ 16  Kanjalo abokugcina bayoba ngabokuqala, abokuqala babe ngabokugcina.” + 17  Njengoba bekhuphukela eJerusalema, uJesu wathatha abafundi abangu-12 waya nabo ngasese wathi kubo endleleni: + 18  “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali. Bazoyinika isigwebo sokufa, + 19  bayinikele kubantu bezizwe ukuba bahlekise ngayo, bayibhaxabule futhi bayibulalele esigxotsheni; + kodwa ngosuku lwesithathu izovuswa.” + 20  Khona-ke unina wamadodana kaZebedewu + weza kuye ehamba namadodana akhe, wamkhothamela wacela okuthile kuye. + 21  Wathi kuye: “Ufunani?” Yena wamphendula wathi: “Khipha izwi lokuba la madodana ami amabili ahlale enye ngakwesokudla sakho enye ngakwesobunxele sakho, eMbusweni wakho.” + 22  UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuphuza indebe esengizoyiphuza?” + Bathi kuye: “Singakwazi.” 23  Wathi kubo: “Nizoyiphuza ngempela indebe yami, + kodwa ukuhlala ngakwesokudla sami nangakwesobunxele sami akukhona okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.” + 24  Lapho abanye abayishumi bezwa ngakho, bazithukuthelela lezi zelamani ezimbili. + 25  Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza izingqongqo phezu kwazo nabantu abakhulu basebenzisa igunya phezu kwazo. + 26  Akumelwe kube njalo phakathi kwenu; + kodwa noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe yisikhonzi senu, + 27  futhi noma ubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kumelwe abe yinceku yenu. + 28  Njengoba nje neNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza + nokunikela ngokuphila* kwayo kube yisihlengo sabaningi.” + 29  Njengoba bephuma eJeriko, walandelwa isixuku esikhulu. 30  Izimpumputhe ezimbili ezazihlezi eceleni komgwaqo zezwa ukuthi kwakudlula uJesu, zamemeza zathi: “Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide!” + 31  Kodwa isixuku sazikhuza, sizitshela ukuba zithule; nokho zamemeza ngisho nakakhulu, zithi: “Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide!” 32  Ngakho uJesu wama, wazibiza wathi: “Nifuna nginenzeleni?” 33  Zathi kuye: “Nkosi, yenza amehlo ethu avuleke.” 34  UJesu wazihawukela wathinta amehlo azo, + masinyane zabona, zamlandela.

Imibhalo yaphansi

Okuwukuthi, cishe ngo-9:00 ekuseni.
Okuwukuthi, cishe ngo-12:00 emini.
Okuwukuthi, cishe ngo-3:00 ntambama.
Okuwukuthi, cishe ngo-5:00 ntambama.
NgesiGreki, “libi; lonakele.”
Noma, “ngiyaphana.”
Noma, “ngomphefumulo.”