Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

B1

Umyalezo WeBhayibheli

UJehova uNkulunkulu unelungelo lokubusa. Indlela yakhe yokubusa ingcono kunazo zonke. Konke ayekuhlosile ngomhlaba nangabantu kuyofezeka.

Ngemva kuka-4026 B.C.E.

“Inyoka” ingabaza ilungelo likaJehova lokubusa nendlela abusa ngayo. UJehova uthembisa ukuvusa ‘inzalo’ noma ‘imbewu,’ eyochoboza inyoka enguSathane ekugcineni. (Genesise 3:​1-5, 15, umbhalo waphansi) Nokho, okwesikhathi esithile uJehova uvumela abantu ukuba bazibuse ngaphansi kwethonya lenyoka.

1943 B.C.E.

UJehova utshela u-Abrahama ukuthi ‘inzalo’ ethenjisiwe iyoba othile oyovela enzalweni yakhe.​—Genesise 22:18.

Ngemva kuka-1070 B.C.E.

UJehova uqinisekisa iNkosi uDavide futhi kamuva, indodana yayo uSolomoni ngokuthi “inzalo” ethenjisiwe iyovela ohlwini lozalo lomndeni wabo.​—2 Samuweli 7:12, 16; 1 AmaKhosi 9:3-5; Isaya 9:6, 7.

29 C.E.

UJehova uveza uJesu ‘njengenzalo’ ethenjisiwe neNdlalifa yesihlalo sobukhosi sikaDavide.​—Galathiya 3:16; Luka 1:31-33; 3:21, 22.

33 C.E.

Inyoka, uSathane, ilimaza ‘inzalo’ ethenjisiwe okwesikhashana ngokwenza uJesu abulawe. UJehova uvusela uJesu ekuphileni kwasezulwini futhi wamukela inani lokuphila kukaJesu okuphelele, ngaleyo ndlela enikeza isisekelo sokuthethelela izono nokunikeza inzalo ka-Adamu ukuphila okuphakade.​—Genesise 3:15; IzEnzo 2:32-36; 1 Korinte 15:21, 22.

Cishe ngo-1914 C.E.

UJesu uphonsa inyoka, uSathane, emhlabeni, emvalela lapho isikhashana.​—IsAmbulo 12:​7-9, 12.

Esikhathini esizayo

UJesu ubopha uSathane iminyaka engu-1 000 ngemva kwalokho uyambhubhisa, echoboza ikhanda lakhe ngendlela engokomfanekiso. Lokho uJehova ayekuhlosile ekuqaleni ngomhlaba nangabantu kuyagcwaliseka, igama lakhe liyahlanzwa nendlela yakhe yokubusa ibonakaliswa ilungile.​—IsAmbulo 20:⁠1-3, 10; 21:⁠3, 4.