Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 16

Ungabhekana Kanjani Nokukhathazeka?

“Phonsa umthwalo wakho kuJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungile awe.”

IHubo 55:22

“Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele, kodwa bonke abanamawala ngokuqinisekile bazifaka ekuhluphekeni.”

IzAga 21:5

“Ungesabi ngoba nginawe. Ungakhathazeki ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa, impela ngizokusiza, impela ngizokubamba ngesandla sami sokudla sokulunga.”

Isaya 41:10

“Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ngisho nomzuzu owodwa esikhathini sakhe sokuphila?”

Mathewu 6:27

“Ngakho, ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Usuku ngalunye lunezalo izinkinga.”

Mathewu 6:34

“Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”

Filipi 1:10

“Ningakhathazeki ngalutho, kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda kuyoqapha izinhliziyo zenu nemicabango yenu ngoKristu Jesu.”

Filipi 4:6, 7