Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 2

Ungaluthola Kanjani Ulwazi NgoNkulunkulu?

“Akufanele uyeke ukukhuluma ngale ncwadi yoMthetho, kumele uyifunde ngezwi eliphansi ubusuku nemini, ukuze ukugcine ngokucophelela konke okulotshwe kuyo; ngoba uma wenza kanjalo uyophumelela futhi uyokwenza ngokuhlakanipha.”

Joshuwa 1:8

“Baqhubeka beyifunda ngokuzwakalayo incwadi, uMthetho kaNkulunkulu weqiniso, bewuchaza kahle futhi bewucacisa; ngaleyo ndlela babasiza abantu ukuba bakuqonde lokho okwakufundwa.”

Nehemiya 8:8

“Uyajabula umuntu ongahambi ngeseluleko sababi . . . , kodwa ojabula ngomthetho kaJehova, ufunda umthetho waKhe ngezwi eliphansi imini nobusuku. . . . Konke akwenzayo kuyophumelela.”

IHubo 1:1-3

“UFiliphu wagijima eceleni kwenqola, wamuzwa efunda ngokuzwakalayo incwadi ka-Isaya umprofethi, wathi: ‘Uyakwazi ngempela lokho okufundayo?’ Wathi: ‘Ngingakwazi kanjani nje ngempela ngaphandle kokuba othile angiqondise?’”

IzEnzo 8:30, 31

“Izimfanelo zakhe ezingabonakali, okuwukuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, kangangokuthi abanazaba.”

Roma 1:20

“Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale ngokucacile kubo bonke abantu.”

1 Thimothewu 4:15

“Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana ndawonye.”

Hebheru 10:24, 25

“Uma noma ubani kini engenakho ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, uyomnika kona ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola.”

Jakobe 1:5