Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 A2

Okutholakala Kule Nguqulo

INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki yakhululwa ngesiNgisi ngo-1950, kwathi iNguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele yanyatheliswa ngo-1961. Kusukela ngaleso sikhathi, amashumi ezigidi zabafundi abakhuluma izilimi ezingaphezu kuka-210 baye bazuza kule nguqulo enembile kodwa efundeka kalula yemiBhalo Engcwele ethathwe ezilimini zokuqala.

Nokho, eminyakeni engamashumi amahlanu edlule izilimi ziye zashintsha. IKomiti YeBhayibheli LeNguqulo Yezwe Elisha yamanje ibone kunesidingo sokwenza lezo zinguquko ukuze kufinyelelwe inhliziyo yomfundi wanamuhla. Ngenxa yaleso sizathu, kule nguqulo, kwenziwe ushintsho endleleni yokubhala nasemagameni asetshenzisiwe sinalo mgomo olandelayo engqondweni:

  • Ukusetshenziswa kolimi lwanamuhla, oluqondakalayo. Ngokwesibonelo, igama elithi “ubulili” lingase lidlulisele umqondo wokuthi kukhulunywa “ngobulili” obuhlukanisa ukuthi umuntu owesilisa noma owesifazane. Nokho, umqondo osuke uhlosiwe owokuya ocansini. (Kolose 3:5) Igama elingasajwayelekile elithi “ulibo” lakhishwa kwafakwa inkulumo ethi “izithelo zokuqala.” (IzAga 3:9) Kule nguqulo, ebelithi “ubufebe” emavesini amaningi lihunyushwe ngokuthi “ukuziphatha kabi ngokocansi”; ebelithi “ukuziphatha okubi” lihunyushwe ngokuthi “ukuziphatha kabi okuhambisana nendelelo”; ebelithi “imibuthano exokozelayo” lihunyushwe ngokuthi “imicimbi exokozelayo.” (Galathiya 5:​19-​21) Inkulumo ethi “nini nanini” ikhishiwe, esikhundleni sayo kwafakwa inkulumo enjengethi “kuze kube phakade,” “phakade,” noma “kudala,” ukuze kudluliselwe umqondo ohlosiwe endabeni ngayinye.​—Genesise 3:​22; Eksodusi 31:16; IHubo 90:2; UmShumayeli 1:4; Mika 5:2.

  • Ukucaciswa kwamagama aseBhayibhelini. Amanye amagama asetshenziswe kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha yesiZulu edlule, ngokuvamile kwakudingeka achazwe ukuze aqondakale ngendlela efanele. Ngokwesibonelo, eBhayibhelini kusetshenziswe igama lesiHebheru elithi “iShiyoli” negama lesiGreki elithi “iHayidesi” lapho kukhulunywa ngethuna elivamile lesintu. Abantu abaningi abawazi lawo magama, futhi elithi “iHayidesi” linezincazelo ezimbili ngenxa yokusetshenziswa kwalo ezinganekwaneni zesiGreki. Ngakho, esikhundleni sala magama amabili kufakwe lokho ababhali beBhayibheli ababeqonde ukukusho, “iThuna.” Igama elithi “iShiyoli” nelithi “iHayidesi” manje asefakwe emibhalweni yaphansi.—IHubo 16:10; IzEnzo 2:27.

    Ezinguqulweni ezidlule, igama lesiHebheru elithi neʹphesh nelesiGreki elithi psy·kheʹ njalo ayehunyushwa ngokuthi “umphefumulo.” Ngenxa yemibono eminingi eyiphutha mayelana nencazelo yegama elithi “umphefumulo,” le ndlela yokuhumusha yayisiza umfundi abone ukuthi ababhali beBhayibheli abaphefumulelwe bawasebenzisa kanjani la magama olimi lokuqala. Kuye ngomongo, lawo magama angasho (1) umuntu, (2) ukuphila komuntu, (3) izidalwa eziphilayo, (4) izifiso zomuntu noma kwezinye izimo (5) abantu abafile. Nokho, njengoba igama elithi “umphefumulo” lingavamile ukusetshenziswa ngalezi zindlela olimini lwesiZulu, kwenziwa isinqumo sokuhumusha la magama ezilimi zokuqala ngokuvumelana nencazelo ehlosiwe, kwezinye izindawo kufakwe nombhalo waphansi othi “Noma ‘umphefumulo.’ ” (Ngokwesibonelo bheka uGenesise 1:20; 2:7; Levitikusi 19:28; Hubo 3:2; IzAga 16:26; Mathewu 6:25.) Nokho, ezindabeni ezithile ezisankondlo noma ezaziwayo, igama elithi “umphefumulo” ligciniwe endabeni, kwafakwa nombhalo waphansi oqondisa umfundi oHlwini Lwezincazelo Zamagama noma kwanikezwa enye indlela yokulihumusha.​—Duteronomi 6:5; Hubo 131:2; IzAga 2:10; Mathewu 22:37.

    Ngokufanayo, igama elithi “inso” ligciniwe lapho kushiwo inso uqobo. Nokho, lapho lisetshenziswe ngokomfanekiso emavesini anjengeHubo 7:9 no-26:2 nesAmbulo 2:​23, endabeni kubhalwe ukuthi “imizwa ejulile” noma “imicabango ejulile” okuwumqondo ohlosiwe, kwathi okushiwo yigama negama kwafakwa embhalweni waphansi.

    Njengegama lesiHebheru nelesiGreki, igama lesiZulu elithi “inhliziyo” linencazelo yenhliziyo engokoqobo nengokomfanekiso, ngakho ngokuvamile laligcinwa endabeni. Nokho, emavesini lapho umqondo ungacaci khona, kuhunyushwe ngendlela ecacile. Ngokwesibonelo, encwadini yezAga, inkulumo ebithi “uswele inhliziyo” manje isithi “untula ukuhlakanipha,” okushiwo yigama negama kwase kufakwa embhalweni waphansi. (IzAga 6:32; 7:7) Ngokwesibonelo, amanye amagama anjengathi ‘ukunona,’ “inyama” nelithi “uphondo,” ahunyushwe ngendlela efanayo, ngokomongo. (Genesise 45:18; UmShumayeli 5:6; Jobe 16:15) Ezinye zalezi zinkulumo kukhulunywa ngazo “oHlwini Lwezincazelo Zamagama AseBhayibhelini.”

    Zonke izinguquko ezenziwe eBhayibhelini zenziwe ngosizo lomthandazo, ngokucophelela nangenhlonipho ejulile ngomsebenzi omuhle weKomiti YeBhayibheli LeNququlo Yezwe Elisha yokuqala.

Okunye okutholakala kule nguqulo:

Le nguqulo yeBhayibheli inemibhalo yaphansi engeminingi kakhulu. Imibhalo yaphansi ngokuvamile ingena ngaphansi kwezigaba ezilandelayo:

  • “Noma” Ezinye izindlela okungabekwa ngazo umbhalo wesiHebheru, isi-Aramu nesiGreki ezizodlulisela umqondo ofanayo.​—Genesise 1:2, umbhalo waphansi egameni elithi “umoya” noJoshuwa 1:8, “ngezwi eliphansi.”

  • “Noma kungaba” Ezinye izindlela okungabekwa ngazo umbhalo ezizodlulisela umqondo ohlukile kodwa obalulekile.​—Genesise 21:6, “uzojabula kanye nami”; Zakariya 14:21, “nomKhanani.”

  • “NgesiHebheru; Ngesi-Aramu; NgesiGreki” Ukuhunyushwa kwegama negama noma kwencazelo eyisisekelo yenkulumo yolimi lokuqala yesiHebheru, yesi-Aramu neyesiGreki.​—Genesise 30:22, “akhulelwe”; Eksodusi 32:9, “abanenkani.”

  • Incazelo nemininingwane echazayo Incazelo yamagama (Genesise 3:17, “Adamu”; Eksodusi 15:23, “eMara”); imininingwane ephathelene nezisindo nezikali (Genesise 6:15, “amamitha”); isabizwana (Genesise 38:5, “Wayese-”); imininingwane ewusizo etholakala eSithasiselweni nasoHlwini Lwezincazelo Zamagama.​—Genesise 37:⁠35, “iThuna”; Mathewu 5:​22, “iGehena.”

Ingxenye esekuqaleni enesihloko esithi “Isethulo SeZwi LikaNkulunkulu” inohlu lwezimfundiso eziyisisekelo ezitholakala eBhayibhelini. Lapho nje kuphela izincwadi zeBhayibheli, kulandela ingxenye ethi “Ithebula Lezincwadi ZeBhayibheli,” ethi “Izikhombo Zamagama AseBhayibhelini” kanye nethi “UHlu Lwezincazelo Zamagama AseBhayibhelini.” UHlu Lwezincazelo Zamagama lusiza umfundi aqonde izinkulumo ezithile ngokwendlela ezisetshenziswe ngayo eBhayibhelini. ISithasiselo A sinezingxenye ezilandelayo: “Iziqondiso Zokuhumusha IBhayibheli,” “ Okutholakala Kule Nguqulo,” “Indlela IBhayibheli Elafika Ngayo Kithi,” “Igama LikaNkulunkulu EmiBhalweni YesiHebheru,” “Igama LikaNkulunkulu EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki,” “Ishadi: Abaprofethi Namakhosi AkwaJuda Nawakwa-Israyeli” nethi “Izenzakalo Ezibalulekile Ekuphileni KukaJesu Kwasemhlabeni.” ISithasiselo B sinamabalazwe, amashadi neminye imininingwane ewusizo kubafundi beBhayibheli abakhuthele.

Kuleli Bhayibheli, incwadi ngayinye inohlu lokuqukethwe yisahluko ngasinye, oluhambisana namavesi anikeza umfundi amazwibela ayo yonke incwadi. Phakathi nendawo ekhasini ngalinye kunezikhombo ezihlobana eduze namavesi ezithathwe enguqulweni edlule yeBhayibheli.