Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 10

Yini Ethenjiswa YiBhayibheli Ngekusasa?

“Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.”

IHubo 37:29

“Umhlaba uhlala kuze kube phakade.”

UmShumayeli 1:4

“Uyogwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova iyosula izinyembezi ebusweni babo bonke abantu.”

Isaya 25:8

“Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nezindlebe zabayizithulu ziyovulwa. Ngaleso sikhathi olunyonga uyogxumagxuma njengenyamazane, nolimi loyisimungulu luyomemeza ngenjabulo. Ngoba kuyoqhuma amanzi ehlane, kube nemifudlana ethafeni eliwugwadule.”

Isaya 35:5, 6

“Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zakudala sezidlulile.”

IsAmbulo 21:4

“Bayokwakha izindlu bahlale kuzo, bayotshala amasimu amagilebhisi badle izithelo zawo. Ngeke bakhe bese kuhlala omunye, ngeke batshale bese kudla abanye. Ngoba izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zesihlahla, abakhethiwe bami bayowujabulela ngokugcwele umsebenzi wezandla zabo.”

Isaya 65:21, 22