Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isandulela

IBhayibheli Elingcwele liyincwadi kaNkulunkulu elotshiwe axhumana ngayo nathi. Kumele silifunde ukuze sazi uMlobi walo. (Johane 17:3; 2 Thimothewu 3:16) Emakhasini alo, uJehova uNkulunkulu wambula inhloso yakhe ngabantu nangomhlaba oyikhaya labo.—Genesise 3:15; IsAmbulo 21:3, 4.

Ayikho enye incwadi ekuthinte kakhulu kangaka ukuphila kwabantu. IBhayibheli lisenza sifise ukubonisa izimfanelo zobuntu bukaJehova eziwuthando, isihe nozwela. Linika ithemba, lisize abantu bakhuthazelele ngisho nokuhlupheka okunzima kakhulu. Liyaqhubeka lidalula izinto zaleli zwe ezingavumelani nentando kaNkulunkulu ephelele.—IHubo 119:105; Hebheru 4:12; 1 Johane 2:15-17.

Ekuqaleni iBhayibheli lalibhalwe ngesiHebheru, isi-Aramu nangesiGreki, manje selihunyushelwe ezilimini ezingaphezu kuka-3 000, liphelele noma liyingxenye. Liyincwadi ehunyushwe futhi yasakazwa kakhulu kunazo zonke emlandweni. Kulindelekile lokho. Isiprofetho seBhayibheli sithi: “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso [umyalezo oyinhloko oseBhayibhelini] ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke, ngemva kwalokho ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

Siqaphela ukubaluleka komyalezo weBhayibheli, umgomo wethu bekuwukukhiqiza inguqulo engagcini nje ngokwethembeka emibhalweni yolimi lokuqala kodwa futhi ecacile nefundeka kalula. Izihloko zeSithasiselo ezithi “Iziqondiso Zokuhumusha IBhayibheli,” “Okutholakala Kule Nguqulo,” nesithi “Indlela IBhayibheli Elafika Ngayo Kithi” zikhuluma ngokuthuthukiswa kolimi okwenziwe kule nguqulo.

Labo abathanda uJehova uNkulunkulu nabamkhulekelayo bafisa inguqulo yeZwi likaNkulunkulu enembile neqondakalayo. (1 Thimothewu 2:4) Ngenxa yalokho, senze inguqulo yesiZulu ebukeziwe, ngokuvumelana nomgomo wethu wokuba i-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ihunyushelwe ezilimini eziningi ngokwezinga elingafinyeleleka. Siyethemba futhi sithandazela ukuba wena mfundi othandekayo, uyithole izuzisa le nguqulo YemiBhalo Engcwele njengoba uzikhandla ‘ekufuneni uNkulunkulu futhi umthole ngempela.’—IzEnzo 17:27.

IKomiti YeBhayibheli LeNguqulo Yezwe Elisha