NgokukaJohane 8:12-59

  • UBaba ufakaza ngoJesu (12-30)

    • UJesu, “ukukhanya kwezwe” (12)

  • Abantwana baka-Abrahama (31-41)

    • “Iqiniso liyonikhulula” (32)

  • Abantwana bakaDeveli (42-47)

  • UJesu no-Abrahama (48-59)

8  12  UJesu waphinda futhi wakhuluma nabo, ethi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe. + Noma ubani ongilandelayo akasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyoba nokukhanya + kokuphila.” 13  Ngakho abaFarisi bathi kuye: “Uzifakazela wena; ubufakazi bakho abulona iqiniso.” 14  UJesu ephendula wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngoba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. + Kodwa nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. 15  Nina nahlulela ngokwenyama; *+ mina angahluleli noyedwa umuntu. 16  Kodwa ngisho noma ngahlulela, ukwahlulela kwami kuneqiniso, ngoba angingedwa, kodwa uBaba ongithumile unami. + 17  NaseMthethweni wenu kulotshiwe ukuthi: ‘Ubufakazi babantu ababili buyiqiniso.’ + 18  Mina ngiyazifakazela, noBaba ongithumile uyangifakazela.” + 19  Babe sebethi kuye: “Uphi uYihlo?” UJesu waphendula: “Aningazi mina noma uBaba. + Ukube beningazi mina, beniyomazi noBaba.” + 20  La mazwi wawasho endaweni yengcebo + njengoba ayefundisa ethempelini. Kodwa akekho owambamba, ngoba ihora lakhe lalingakafiki. + 21  Ngakho waphinda wathi kubo: “Ngiyahamba, futhi nizongifuna, kodwa nina niyofela esonweni senu. + Lapho ngiya khona anikwazi ukuza.” + 22  AmaJuda athi: “Ingabe uzozibulala? Ngoba uthi, ‘Lapho ngiya khona anikwazi ukuza.’ ” 23  Waqhubeka wathi kuwo: “Nina nivela ezindaweni ezingaphansi; mina ngivela ezindaweni ezingaphezulu. + Nina nivela kuleli zwe; mina angiveli kuleli zwe. 24  Yingakho ngithe kini: Niyofela ezonweni zenu. Ngoba uma ningakholwa ukuthi mina nginguye, niyofela ezonweni zenu.” 25  Ngakho athi kuye: “Ungubani?” UJesu wathi kuwo: “Ngikhulumelani ngisho nokukhuluma nje nani? 26  Nginezinto eziningi okumelwe ngizikhulume ngani nokumelwe ngikhiphe isahlulelo ngazo. Eqinisweni, Lowo ongithumile uqinisile, futhi zona kanye izinto engazizwa kuye ngiyazikhuluma ezweni.” + 27  Abazange baqonde ukuthi wayekhuluma kubo ngoYise. 28  UJesu wathi: “Ngemva kokuba seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, + niyokwazi ukuthi nginguye + nokuthi angenzi lutho ngokwami; + kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa. 29  Lowo ongithumile unami; akangishiyanga ngedwa, ngoba ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” + 30  Njengoba ayesho lezi zinto, abaningi baba nokholo kuye. 31  UJesu wabe esethi kumaJuda ayemkholelwe: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, 32  niyolazi iqiniso, + futhi iqiniso liyonikhulula.” + 33  Amphendula athi: “Thina siyinzalo ka-Abrahama futhi asikaze sibe izigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi, ‘Niyokhululeka’?” 34  UJesu wawaphendula wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, wonke umuntu owenza isono uyisigqila sesono. + 35  Ngaphezu kwalokho, isigqila asihlali emzini wenkosi yaso kuze kube phakade; indodana ihlala kuze kube phakade. 36  Ngakho uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela. 37  Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama. Kodwa nifuna ukungibulala, ngoba izwi lami aliyitholi indawo phakathi kwenu. 38  Ngikhuluma izinto engizibone ngesikhathi nginoBaba, + kodwa nina nenza izinto enizizwe kuyihlo.” 39  Ephendula athi kuye: “Ubaba wethu ngu-Abrahama.” UJesu wathi kuwo: “Ukube beningabantwana baka-Abrahama, + beniyokwenza imisebenzi ka-Abrahama. 40  Kodwa manje nifuna ukungibulala, mina muntu onitshele iqiniso engilizwe kuNkulunkulu. + U-Abrahama akazange akwenze lokhu. 41  Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Athi kuye: “Thina asizalwanga ngobufebe;* sinoBaba munye, uNkulunkulu.” 42  UJesu wathi kuwo: “Ukube uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyongithanda, + ngoba ngilapha nje ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa ngathunywa nguYe. + 43  Kungani ningakuqondi lokhu engikushoyo? Ngoba anikwazi ukulalela izwi lami. 44  Nina nivela kuyihlo uDeveli, nifisa ukwenza izifiso zikayihlo. + Yena wayengumbulali kusukela ekuqaleni, *+ akazange abambelele eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye. Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nalokho ayikho, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga. + 45  Ngakolunye uhlangothi, ngenxa yokuthi mina ngikhuluma iqiniso, aningikholwa. 46  Ubani kini ongilahla ngokuthi ngenze isono? Uma ngikhuluma iqiniso, kungani ningangikholwa? 47  Ovela kuNkulunkulu uyawalalela amazwi kaNkulunkulu. + Yingakho nina ningalaleli, ngoba aniveli kuNkulunkulu.” + 48  AmaJuda ephendula athi kuye: “Asisho yini kufanele ukuthi, ‘Wena ungumSamariya + nokuthi unedemoni’?” + 49  UJesu waphendula: “Anginalo idemoni mina, kodwa ngidumisa uBaba, nokho nina niyangihlaza. 50  Kodwa angizifuneli mina inkazimulo; + ukhona Lowo ofuna ngikhazinyuliswe nowahlulelayo. 51  Ngiqinisile impela ngithi kini, uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa.” + 52  AmaJuda athi kuye: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama wafa, ngokufanayo nabaprofethi, kodwa wena uthi, ‘Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akunambitha ukufa.’ 53  Awumkhulu wena kunobaba wethu u-Abrahama, owafa, akunjalo? Abaprofethi nabo bafa. Wena uthi ungubani?” 54  UJesu waphendula: “Uma ngizikhazimulisa mina, inkazimulo yami iyize. NguBaba ongikhazimulisayo, + lowo nina enithi unguNkulunkulu wenu. 55  Nokho anizange nimazi, + kodwa mina ngiyamazi. + Uma ngingathi angimazi, ngiyobe ngingumqambimanga njengani. Kodwa ngiyamazi futhi ngigcina izwi lakhe. 56  U-Abrahama uyihlo wajabula kakhulu ngethemba lokubona usuku lwami, futhi walubona wajabula.” + 57  AmaJuda athi kuye: “Awukabi naneminyaka engu-50, kodwa usumbonile u-Abrahama?” 58  UJesu wathi kuwo: “Ngiqinisile impela ngithi kini, ngaphambi kokuba u-Abrahama abe khona, ngase ngikhona.” + 59  Ngakho athatha amatshe ukuze amjikijele ngawo, kodwa uJesu wacasha futhi waphuma ethempelini.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ngokokubona komuntu.”
Noma, “ngokuziphatha kabi ngokocansi.” NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “lapho eqala.”