NgokukaJohane 17:1-26

  • Umthandazo kaJesu wokugcina enabaphostoli bakhe (1-26)

    • Ukwazi uNkulunkulu kusho ukuphila okuphakade (3)

    • AmaKristu awayona ingxenye yezwe (14-16)

    • “Izwi lakho liyiqiniso” (17)

    • “Ngibazisile igama lakho” (26)

17  UJesu wakhuluma lezi zinto, ngemva kwalokho waphakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, ihora selifikile. Khazimulisa indodana yakho ukuze indodana yakho ikukhazimulise, +  njengoba uyinike igunya phezu kwayo yonke inyama, *+ ukuze ibanike ukuphila okuphakade + bonke oyinike bona. +  Lokhu kusho ukuphila okuphakade, + ukuba bakwazi,* wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, + nalowo omthumile, uJesu Kristu. +  Ngikukhazimulisile emhlabeni, + njengoba ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze. +  Ngakho manje Baba ngikhazimulise, mangibe seceleni kwakho, ngibe nenkazimulo enganginayo eceleni kwakho ngaphambi kokuba izwe libe khona. +  “Ngibazisile* igama lakho abantu onginike bona ezweni. + Babengabakho, wanginika bona, futhi baligcinile* izwi lakho.  Manje sebeyazi ukuthi zonke izinto onginike zona zivela kuwe;  ngoba amazwi owanginika wona ngibanike wona, + bawamukele, futhi sebeyazi ngokuqinisekile ukuthi ngeza njengommeleli wakho + futhi baye bakholwa ukuthi ungithumile. +  Ngicelela bona; angiceleli izwe, kodwa ngicelela labo onginike bona, ngoba bangabakho; 10  zonke izinto zami zingezakho nezakho zingezami, + futhi ngikhazinyulisiwe phakathi kwabo. 11  “Angisekho ezweni, kodwa bona basezweni + kanti mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, babheke + ngenxa yegama lakho engibambulele lona, ukuze babe munye* njengoba nje nathi simunye. *+ 12  Lapho ngisenabo ngangibaqapha + ngenxa yegama lakho engibambulele lona; futhi ngibavikelile, akekho noyedwa kubo obhubhile + ngaphandle kwendodana yokubhubha, + ukuze kugcwaliseke umbhalo. + 13  Kodwa manje ngiza kuwe, futhi ngikhuluma lezi zinto ezweni, ukuze bayizwe ngokugcwele injabulo enginayo. + 14  Ngibanike izwi lakho, kodwa izwe libazondile ngoba bengeyona ingxenye yezwe, + njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe. 15  “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. + 16  Abayona ingxenye yezwe, + njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe. + 17  Bangcwelise* ngeqiniso; + izwi lakho liyiqiniso. + 18  Njengoba nje wangithuma ezweni, nami ngibathuma ezweni. + 19  Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso. 20  “Angiceleli laba kuphela, kodwa nalabo ababa nokholo kimi ngenxa yokushumayela kwabo, 21  ukuze bonke babe munye, + njengoba nje wena, Baba, umunye nami futhi nami ngimunye nawe, + ukuba nabo babe munye nathi, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile. 22  Ngibanikile inkazimulo onginike yona, ukuze babe munye njengoba nje nathi simunye. + 23  Mina ngimunye nabo, nawe umunye nami, ukuze babe munye ngokuphelele,* ukuze izwe lazi ukuthi ungithumile nokuthi ubathandile njengoba nje nami ungithandile. 24  Baba, ngifisa ukuthi labo onginike bona, babe nami lapho ngikhona, + ukuze babone inkazimulo yami onginike yona ngoba wangithanda ngaphambi kokusungulwa kwezwe. + 25  Baba olungile, ngempela izwe alizange likwazi, + kodwa mina ngiyakwazi, + nalaba sebeyazi ukuthi ungithumile. 26  Ngibazisile igama lakho futhi ngizolenza laziwe, + ukuze uthando ongithande ngalo lube kubo nami ngibe munye nabo.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “isintu; abantu.”
Noma, “ukuba bafunde ngawe.”
Noma, “Ngilibonakalisile.”
Noma, “balilalelile.”
Noma, “sinobunye.”
Noma, “nobunye.”
Noma, “Benze bahluke; Benze babe ngcwele.”
Noma, “ukuze bapheleliswe ekubeni munye.”