NgokukaJohane 6:1-71

  • UJesu usuthisa abangu-5 000 (1-15)

  • UJesu uhamba phezu kwamanzi (16-21)

  • UJesu, “isinkwa sokuphila” (22-59)

  • Abaningi bayakhubeka ngenxa yamazwi kaJesu (60-71)

6  Ngemva kwalokhu uJesu waya ngaphesheya koLwandle LwaseGalile, olubizwa nangokuthi oLwaseThibheriya. +  Isixuku esikhulu sasilokhu simlandela, + ngoba sasibona izibonakaliso ayezenza lapho elapha abagulayo. +  Ngakho uJesu wakhuphukela entabeni, wahlala lapho nabafundi bakhe.  IPhasika, + umkhosi wamaJuda, laliseduze.  Lapho uJesu ephakamisa amehlo futhi ebona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizozithengaphi izinkwa ukuze la bantu badle?” +  Nokho, wayesho lokhu ukuze amvivinye, ngoba wayekwazi ayesezokwenza.  UFiliphu wamphendula: “Izinkwa zodenariyu* abangamakhulu amabili azanele ukuba ngamunye athole ngisho okuncane.”  Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye:  “Nangu umfanyana onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ezincane. Kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka?” + 10  UJesu wathi: “Celani abantu ukuba bahlale phansi.” Njengoba kwakunotshani obuningi kuleyo ndawo, amadoda ahlala phansi, cishe ayengu-5 000. + 11  UJesu wathatha izinkwa, futhi ngemva kokubonga, wabela labo ababehlezi lapho; wenza okufanayo nangezinhlanzi ezincane, badla basutha. 12  Kodwa lapho sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani izingcezwana ezisele, ukuze kungachithwa lutho.” 13  Ngakho bazibutha bagcwalisa obhasikidi abangu-12 ngezingcezwana zezinkwa ezinhlanu zebhali, ezashiywa yilabo ababedlile. 14  Lapho abantu bebona izibonakaliso ayezenza, bathi: “Ngempela lo ungumProfethi owayezofika ezweni.” + 15  Ngakho, uJesu azi ukuthi base bezokuza bambambe ukuze bamenze inkosi, waphinde wasuka + waya entabeni eyedwa. + 16  Lapho kuhwalala, abafundi bakhe behlela olwandle, + 17  bagibela isikebhe, basuka badabula ulwandle balibangisa eKapernawume. Ngalesi sikhathi kwase kumnyama futhi uJesu wayengakafiki kubo. + 18  Ulwandle lwaqala ukugubha ngamandla ngoba kwakuvunguza umoya onamandla. + 19  Nokho, lapho sebegwedle cishe amakhilomitha ayisihlanu noma ayisithupha,* babona uJesu ehamba phezu kolwandle esondela esikebheni, besaba. 20  Kodwa wathi kubo: “Yimina; ningesabi!” + 21  Ngakho bavuma ukumngenisa esikebheni, ngokushesha isikebhe safika ezweni ababeya kulo. + 22  Ngosuku olulandelayo isixuku esasisele ngaphesheya kolwandle sabona ukuthi kwakungekho sikebhe lapho ngaphandle kwesincane, nokuthi uJesu wayengangenanga esikebheni kanye nabafundi bakhe, kodwa abafundi bakhe babehambe bodwa. 23  Nokho kwafika izikebhe ezivela eThibheriya eduze kwendawo lapho babedle khona isinkwa ngemva kokuba iNkosi ibongile. 24  Ngakho lapho isixuku sibona ukuthi uJesu nabafundi bakhe babengekho lapho, sagibela izikebhe zaso safika eKapernawume sifuna uJesu. 25  Lapho simthola ngaphesheya kolwandle sathi kuye: “Rabi, + ufike nini lapha?” 26  UJesu wasiphendula wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, aningifuni ngoba nibone izibonakaliso kodwa ngoba nidle izinkwa nasutha. + 27  Ningasebenzeli ukudla okonakalayo, kodwa sebenzelani ukudla okungonakali okunikeza ukuphila okuphakade, + iNdodana yomuntu ezoninika kona; ngoba uBaba, uNkulunkulu uqobo, ubeke phezu kwayo uphawu lwakhe lokuyamukela.” + 28  Ngakho sathi kuye: “Yini okumelwe siyenze ukuze senze imisebenzi kaNkulunkulu?” 29  Ephendula uJesu wathi kuso: “Yilo umsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nibonise ukholo kulowo amthumile.” + 30  Sathi kuye: “Yisiphi isibonakaliso osenzayo, + ukuze sisibone futhi sikukholwe? Yimuphi umsebenzi owenzayo? 31  Okhokho bethu badla imana ehlane, + njengoba nje kulotshiwe: ‘Wabanika isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ” + 32  UJesu wabe esethi kuso: “Ngiqinisile impela ngithi kini, uMose akaninikanga isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba uninika isinkwa seqiniso esivela ezulwini. 33  Ngoba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla ezulwini futhi onika izwe ukuphila.” 34  Ngakho sathi kuye: “Nkosi, sinike lesi sinkwa ngaso sonke isikhathi.” 35  UJesu wathi kuso: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Noma ubani oza kimi ngeke alambe, nanoma ubani obonisa ukholo kimi akasoze oma. + 36  Kodwa njengoba ngishilo kini, ningibonile nokungibona nokho anikholwa. + 37  Bonke uBaba anginika bona bayoza kimi, futhi angisoze ngamxosha lowo oza kimi; + 38  ngoba angehlanga ezulwini + ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumile. + 39  Yile intando yalowo ongithumile, ukuba ngingalahlekelwa muntu kubo bonke labo anginike bona, kodwa ukuba ngibavuse + ngosuku lokugcina. 40  Ngoba yile intando kaBaba, ukuba wonke umuntu owamukela iNdodana futhi abonise ukholo kuyo athole ukuphila okuphakade, + futhi ngizomvusa + ngosuku lokugcina.” 41  AmaJuda akhononda ngaye ngoba ethe: “Mina ngiyisinkwa esehle ezulwini.” + 42  Athi: “Lo akuyena yini uJesu indodana kaJosefa, esibaziyo oyise nonina? + Usho kanjani manje ukuthi, ‘Ngehle ezulwini’?” 43  UJesu waphendula wathi kuwo: “Yekani ukukhononda phakathi kwenu. 44  Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile emdonsa, + futhi mina ngizomvusa ngosuku lokugcina. + 45  Kulotshiwe kubaProfethi ukuthi: ‘Bonke bayofundiswa uJehova.’ *+ Wonke umuntu omlalelile uBaba futhi wafunda, uyeza kimi. 46  Akekho umuntu oye wabona uBaba, + ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu; lona umbonile uBaba. + 47  Ngiqinisile impela ngithi kini, noma ubani okholwayo uyothola ukuphila okuphakade. + 48  “Mina ngiyisinkwa sokuphila. + 49  Okhokho benu badla imana ehlane, noma kunjalo bafa. + 50  Yilesi isinkwa esehla ezulwini, ukuze sidliwe yinoma ubani, angafi. 51  Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini. Uma umuntu esidla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade; futhi ngempela isinkwa engizosinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.” + 52  Ngenxa yalokho amaJuda aqala ukuphikisana, ethi: “Lo muntu angasinika kanjani inyama yakhe ukuba siyidle?” 53  UJesu wathi kuwo: “Ngiqinisile impela ngithi kini, ngaphandle kokuba nidle inyama yeNdodana yomuntu niphuze negazi layo, ngeke nikuthole ukuphila. *+ 54  Noma ubani odla inyama yami, aphuze negazi lami uyothola ukuphila okuphakade, mina ngiyomvusa + ngosuku lokugcina; 55  ngoba inyama yami iwukudla kwangempela, negazi lami liyisiphuzo sangempela. 56  Noma ubani odla inyama yami aphuze negazi lami, uhlala emunye nami, nami ngimunye naye. + 57  Njengoba nje uBaba ophilayo angithuma futhi ngiphila ngenxa kaBaba, kanjalo nalowo ongidlayo uyophila ngenxa yami. + 58  Yilesi isinkwa esehle ezulwini. Akunjengesikhathi lapho okhokho benu babedla noma kunjalo bafa. Noma ubani odla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade.” + 59  Lezi zinto wazisho njengoba ayefundisa esinagogeni* eKapernawume. 60  Lapho bezwa lokhu, abaningi kubafundi bakhe, bathi: “Le nkulumo iyashaqisa; ubani ongayilalela?” 61  Kodwa uJesu, azi ukuthi abafundi bakhe babekhononda ngalokhu, wathi kubo: “Kuyanikhuba yini lokhu? 62  Manje kuyothiwani uma ningabona iNdodana yomuntu inyukela lapho yayikhona ngaphambili? + 63  Ngumoya onikeza ukuphila; + inyama ayisizi ngalutho. Amazwi engiwakhulume kini angumoya futhi awukuphila. + 64  Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa.” Ngoba uJesu wayazi kusukela ekuqaleni ukuthi obani ababengakholwa nokuthi ubani owayezomkhaphela. + 65  Waqhubeka wathi: “Kungakho ngithe kini, akekho ongeza kimi ngaphandle kokuba evunyelwe uBaba.” + 66  Ngenxa yalokhu, abaningi kubafundi bakhe bahamba baya ezintweni ababezishiye emuva + futhi ababange besahamba naye. 67  Ngakho uJesu wathi kwabayiShumi Nambili:* “Nifuna ukuhamba yini nani?” 68  USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, ubani esizoya kuye? + Nguwe onamazwi okuphila okuphakade. + 69  Siye sakholwa futhi sesiyazi ukuthi ungoNgcwele kaNkulunkulu.” + 70  UJesu wabaphendula wathi: “Nganikhetha mina nina eniyishumi nambili, akunjalo? + Nokho omunye kini ungumnyundeli.” *+ 71  Eqinisweni wayekhuluma ngoJuda indodana kaSimoni Iskariyothe, ngoba lona wayezomkhaphela, nakuba ayengomunye wabayiShumi Nambili. *+

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “ibanga elingangezinkundla zemidlalo ezingaba ngu-25 noma ezingaba ngu-30.” Bheka iSithasiselo B14.
NgesiGreki, “aninakho ukuphila kini ngaphakathi.”
Noma kungaba, “emhlanganweni womphakathi.”
Okuwukuthi, abaphostoli abangu-12.
Noma, “ungudeveli.”
Okuwukuthi, abaphostoli abangu-12.