NgokukaJohane 1:1-51

  • ULizwi waba yinyama (1-18)

  • Ubufakazi obanikezwa uJohane uMbhapathizi (19-28)

  • UJesu, iWundlu likaNkulunkulu (29-34)

  • Abafundi bakaJesu bokuqala (35-42)

  • UFiliphu noNathanayeli (43-51)

1  Ekuqaleni wayekhona uLizwi, + uLizwi wayenoNkulunkulu, + futhi uLizwi wayewunkulunkulu. *+  Ekuqaleni lona wayenoNkulunkulu.  Zonke izinto zaba khona ngaye, + ayikho neyodwa into eyaba khona ngaphandle kwakhe. Ukuphila  kwaba khona ngaye futhi ukuphila kwakuwukukhanya kubantu. +  Ukukhanya kuyakhanya ebumnyameni, + kodwa ubumnyama abukwazanga ukukuhlula.  Kwavela umuntu owayethunywe njengommeleli kaNkulunkulu; igama lakhe kwakunguJohane. +  Lo muntu weza njengofakazi ukuze afakaze ngokukhanya, + ukuze abantu bazo zonke izinhlobo bakholwe ngaye.  Wayengekhona lokho kukhanya, + kodwa inhloso yayiwukuba afakaze ngakho.  Ukukhanya kweqiniso okunika zonke izinhlobo zabantu ukukhanya kwase kuzofika ezweni. + 10  Wayekhona* ezweni, + futhi izwe laba khona ngaye, + kodwa izwe alizange limazi. 11  Wafika endaweni yakubo, kodwa abantu bakubo abazange bamamukele. 12  Nokho, bonke abamamukela, wabanika igunya lokuba ngabantwana bakaNkulunkulu, + ngoba babenokholo egameni lakhe. + 13  Abazalwanga ngegazi noma ngentando engokwenyama noma ngentando yomuntu kodwa bazalwa nguNkulunkulu. + 14  Ngakho uLizwi waba yinyama *+ wahlala phakathi kwethu, sayibona inkazimulo yakhe, inkazimulo enjengeyendodana ezelwe yodwa + kuyise; wayegcwele umusa kaNkulunkulu* neqiniso. 15  (UJohane wafakaza ngaye, yebo, wamemeza: “Lo nguye engathi ngaye, ‘Lowo oza emva kwami uvele ngaphambi kwami, ngoba waba khona kuqala kunami.’ ”) + 16  Ngoba sonke samukela kokuvela ekugcwaleni kwakhe, yebo, ngisho nomusa omkhulu phezu komusa omkhulu. 17  UMthetho wanikezwa ngoMose, + umusa omkhulu + neqiniso kwaba khona ngoJesu Kristu. + 18  Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini; + unkulunkulu ozelwe yedwa + oseceleni kukaBaba *+ nguye oye wamchaza. + 19  Lobu ubufakazi obanikezwa nguJohane lapho amaJuda ethumela kuye abapristi namaLevi bevela eJerusalema ukuba bambuze: “Ungubani wena?” + 20  Wavuma akazange aphike, wathi: “Angiyena uKristu.” 21  Bambuza: “Khona-ke, ungubani? Ingabe ungu-Eliya?” + Wathi: “Angiyena.” “UngumProfethi?” + Waphendula: “Cha!” 22  Ngakho-ke bathi kuye: “Ungubani? Sitshele ukuze siphendule labo abasithumile. Uzibiza ngokuthini wena?” 23  Wathi: “Mina ngiyizwi lothile omemeza ehlane ethi, ‘Yenzani indlela kaJehova* iqonde,’ + njengoba nje umprofethi u-Isaya asho.” + 24  Abathunyiwe babevela kubaFarisi. 25  Ngakho bambuza: “Pho kungani ubhapathiza uma ungeyena uKristu noma u-Eliya noma umProfethi?” 26  UJohane wabaphendula, wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi. Kukhona eningamazi omi phakathi kwenu, 27  lowo oza emva kwami, engingakufanelekeli ukuqaqa amabhande ezimbadada zakhe.” + 28  Lezi zinto zenzeka eBhethaniya ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane ayebhapathizela khona. + 29  Ngosuku olulandelayo wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bhekani, iWundlu + likaNkulunkulu elisusa isono + sezwe! + 30  Lo nguye engasho ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza umuntu ovele ngaphambi kwami, ngoba waba khona kuqala kunami.’ + 31  Ngisho nami bengingamazi, kodwa isizathu sokuba ngize ngibhapathize ngamanzi sasiwukuba abonakaliswe ku-Israyeli.” + 32  UJohane wafakaza futhi, wathi: “Ngibone umoya wehla njengejuba uvela ezulwini, wahlala phezu kwakhe. + 33  Ngisho nami bengingamazi, kodwa Yena kanye ongithume ukuba ngibhapathize ngamanzi wathi kimi: ‘Noma ubani oyobona umoya wehlela phezu kwakhe futhi uhlale kuye, + lowo nguye obhapathiza ngomoya ongcwele.’ + 34  Ngikubonile lokho, futhi ngifakazile ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.” + 35  Ngosuku olulandelayo, uJohane wayemi nabafundi bakhe ababili, 36  njengoba ebuka uJesu ehamba, wathi: “Bhekani, iWundlu + likaNkulunkulu!” 37  Lapho laba bafundi ababili bemuzwa esho lokhu, balandela uJesu. 38  UJesu waphenduka, futhi ebabona belandela, wathi kubo: “Nifunani?” Bathi kuye: “Rabi (okusho ukuthi, “Mfundisi,” uma kuhunyushwa), uhlalaphi?” 39  Wathi kubo: “Wozani, nizobona.” Ngakho bahamba babona lapho ehlala khona, futhi bahlala naye ngalolo suku; cishe kwakuyihora leshumi.* 40  U-Andreya, + umfowabo kaSimoni Petru, wayengomunye walaba ababili abezwa lokho okwashiwo uJohane base belandela uJesu. 41  Okokuqala wathola umfowabo, uSimoni, wathi kuye: “Simtholile uMesiya” + (okusho ukuthi “uKristu,” uma kuhunyushwa), 42  wamyisa kuJesu. Lapho uJesu embheka wathi: “Wena unguSimoni, + indodana kaJohane; uzobizwa ngokuthi uKhefase (okuhunyushwa ngokuthi “Petru”). + 43  Ngosuku olulandelayo uJesu wayefuna ukuhamba aye eGalile. Wabe esethola uFiliphu + wathi kuye: “Yiba umlandeli wami.” 44  UFiliphu wayengowaseBhetsayida, edolobheni lakubo ka-Andreya noPetru. 45  UFiliphu wathola uNathanayeli + wathi kuye: “Simtholile lowo uMose kanye nabaProfethi ababhala ngaye eMthethweni: uJesu, indodana kaJosefa, + waseNazaretha.” 46  Kodwa uNathanayeli wathi kuye: “Kukhona yini okuhle okungaphuma eNazaretha?” UFiliphu wathi kuye: “Woza ubone.” 47  UJesu wabona uNathanayeli eza ngakuye wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli weqiniso okungekho nkohliso kuye.” + 48  UNathanayeli wathi kuye: “Ungazi kanjani?” UJesu wamphendula wathi: “Ngikubone ngaphambi kokuba uFiliphu akubize, ngesikhathi uphansi kwesihlahla somkhiwane.” 49  UNathanayeli wathi kuye: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi yakwa-Israyeli.” + 50  UJesu waphendula wathi: “Ukholwa ngoba ngikutshele ukuthi ngikubone ungaphansi kwesihlahla somkhiwane? Uzobona izinto ezinkulu kunalezi.” 51  Wabe esethi kuye: “Ngiqinisile impela ngithi kini madoda, nizobona izulu livulekile nezingelosi zikaNkulunkulu zehla zenyuka ziza eNdodaneni yomuntu.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “wayengowasezulwini.”
Kubhekiselwa kuLizwi.
Noma, “umuntu.”
Noma, “umusa ongafanelwe.”
Noma, “osesifubeni sikaBaba.” Lokhu kubhekisela ebuhlotsheni obukhethekile.
Okuwukuthi, cishe ngo-4:00 ntambama.