AmaHubo 37:1-40

  • Labo abathembela kuJehova bayophumelela

    • “Ungathukutheli ngenxa yabantu ababi” (1)

    • “Jabula kakhulu ngoJehova” (4)

    • “Vumela uJehova aqondise indlela yakho” (5)

    • “Abamnene bayodla ifa lomhlaba” (11)

    • Olungile ngeke aswele ukudla (25)

    • Abalungile bayophila phakade emhlabeni (29)

ElikaDavide. א [Aleph] 37  Ungathukutheli* ngenxa yabantu ababiUngabi nomona ngabenza okubi. +   Bayobuna ngokushesha njengotshani +Bayobuna njengotshani obusha obuluhlaza. ב [Beth]   Thembela kuJehova wenze okuhle; +Hlala emhlabeni,* wenze ngokwethembeka. +   Jabula kakhulu* ngoJehova,Uyokunika izinto ezifiswa yinhliziyo yakho. ג [Gimel]   Vumela uJehova aqondise indlela yakho; *+Thembela kuye, yena uyokusiza. +   Uyokwenza ukulunga kwakho kukhanye njengasekuseni,Nobulungisa bakho njengelanga lasemini. ד [Daleth]   Thula phambi kukaJehova +Umlinde ngesineke.* Ungamthukutheleli umuntuOphumelelayo emacebweni akhe. + ה [He]   Hlukana nentukuthelo uyeke ulaka; +Ungacasuki bese wenza okubi.*   Ngoba abantu ababi bazobhujiswa, +Kodwa labo abathemba uJehova bayodla ifa lomhlaba. + ו [Waw] 10  Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho; +Uyoyibheka indawo yabo,Bayobe bengekho. + 11  Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, +Bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo. + ז [Zayin] 12  Umuntu omubi wakhela olungile uzungu; +Umgedlela amazinyo. 13  Kodwa uJehova uyomhleka,Ngoba uyazi ukuthi usuku lwakhe luyeza. + ח [Heth] 14  Ababi bahosha izinkemba zabo, bacibishela imicibisholo yaboUkuze bawise abacindezelwe nabampofu,Ukuze babulale abaqotho endleleni yabo. 15  Kodwa inkemba yabo iyogwaza inhliziyo yabo; +Imicibisholo yabo iyophulwa. ט [Teth] 16  Kungcono okuncane kolungileKunensada yababi abaningi. + 17  Ngoba izingalo zababi ziyophulwa,Kodwa uJehova uyomsekela olungile. י [Yod] 18  UJehova uyakubona lokho abangenaphutha ababhekana nakho,*Ifa labo liyohlala kuze kube phakade. + 19  Ngeke babe namahloni ngesikhathi senhlekelele;Ngesikhathi sendlala bayoba nenala. כ [Kaph] 20  Kodwa ababi bayoshabalala; +Izitha zikaJehova ziyoshabalala njengamadlelo aluhlaza;Ziyonyamalala njengentuthu. ל [Lamed] 21  Omubi uyaboleka angabuyiseli,Kodwa olungile unomusa* futhi uyaphana. + 22  Labo ababusiswe nguNkulunkulu bayodla ifa lomhlaba,Kodwa labo abaqalekiswe nguYe bayobhujiswa. + מ [Mem] 23  UJehova uqondisa* izinyathelo zomuntu, +Uma eyithanda indlela aphila ngayo. + 24  Nakuba engase akhubeke, ngeke awe phansi ngobuso, +Ngoba uJehova umbamba ngesandla* amphakamise. + נ [Nun] 25  Ngake ngaba musha, manje sengikhulile,Kodwa angikaze ngimbone olungile eshiywe dengwane, +Noma izingane zakhe ziswele ukudla. *+ 26  Uhlale ebolekisa ngaphandle kokufuna inzalo, +Izingane zakhe zilindelwe yizibusiso. ס [Samekh] 27  Suka kokubi wenze okuhle, +Khona-ke uyohlala emhlabeni kuze kube phakade. 28  Ngoba uJehova uyabuthanda ubulungisa,Ngeke abashiye abantu bakhe abaqotho. + ע [Ayin] Bayohlale begadiwe; +Kodwa inzalo yababi iyobhujiswa. + 29  Abalungile bayodla ifa lomhlaba, + Bahlale kuwo kuze kube phakade. + פ [Pe] 30  Umlomo wolungile ukhipha ukuhlakanipha,*Nolimi lwakhe lukhuluma ngobulungisa. + 31  Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; +Izinyawo zakhe ngeke zishelele. + צ [Tsade] 32  Omubi ulinde olungile,Ufuna ukumbulala. 33  Kodwa uJehova ngeke amnikele esandleni sakhe +Noma athi unecala lapho ahlulelwa. + ק [Qoph] 34  Themba uJehova, uhambe ngendlela yakhe,Uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba. Uyobukela + lapho ababi bebhujiswa. + ר [Resh] 35  Ngimbonile umuntu omubi nononyaEnaba njengesihlahla esikhephuzelayo emhlabathini waso. + 36  Kodwa wadlula ngokushesha futhi wayengasekho; +Ngangilokhu ngimfuna kodwa akatholakalanga. + ש [Shin] 37  Mqaphele ongasoleki,*Ugcine oqotho + ephambi kwamehlo akho,Ngoba ikusasa lalowo muntu liyoba nokuthula. + 38  Kodwa zonke izeqamthetho ziyobhujiswa;Abantu ababi ngeke babe nalo ikusasa. + ת [Taw] 39  Insindiso yabalungile ivela kuJehova; +Uyinqaba yabo ngesikhathi sokucindezeleka. + 40  UJehova uyobasiza abakhulule. + Uyobakhulula kubantu ababi abasindise,Ngoba baphephela kuye. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “Ungafuthelani.”
Noma, “ezweni.”
Noma, “Thola intokozo enkulu.”
NgesiHebheru, “Gingqela indlela yakho kuJehova.”
Noma, “ngokulangazela.”
Noma kungaba, “Ungathukutheli ngoba lokho kungakulimaza.”
NgesiHebheru, “uyazibona izinsuku zabangenaphutha.”
Noma, “unesandla esivulekile.”
Noma, “uqinisa.”
Noma, “ngesandla saKhe.”
Noma, “isinkwa.”
Noma, “ukhuluma ukuhlakanipha ngezwi eliphansi.”
Noma, “ogcina ubuqotho bakhe.”