Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AmaHubo

Izahluko

Okuphakathi

  • 1

    • Kuqhathaniswa izindlela ezimbili

      • Injabulo etholakala ngokufunda umthetho kaNkulunkulu (2)

      • Abalungile banjengesihlahla esithelayo (3)

      • Ababi banjengamakhoba apheshulwa umoya (4)

  • 2

    • UJehova nogcotshiwe wakhe

      • UJehova uhleka izizwe (4)

      • UJehova umisa inkosi yakhe (6)

      • Hloniphani indodana (12)

  • 3

    • Ukwethembela kuNkulunkulu naphezu kokuba sengozini

      • ‘Kungani ziningi kangaka izitha zami?’ (1)

      • “Insindiso ingekaJehova” (8)

  • 4

    • Umthandazo wokwethembela kuNkulunkulu

      • “Thukuthelani, kodwa ningoni” (4)

      • ‘Ngiyolala ngokuthula’ (8)

  • 5

    • UJehova, isiphephelo sabalungile

      • UNkulunkulu uyabuzonda ububi (4, 5)

      • “Ngihole ngokulunga kwakho” (8)

  • 6

    • Isicelo sokuboniswa umusa

      • Abafile abamdumisi uNkulunkulu (5)

      • UNkulunkulu uyazizwa izicelo zokuboniswa umusa (9)

  • 7

    • UJehova unguMahluleli olungile

      • “O Jehova, ngahlulele” (8)

  • 8

    • Inkazimulo kaNkulunkulu nesithunzi somuntu

      • “Yeka ukuthi igama lakho libabazeka kangakanani!” (1, 9)

      • Ubaluleke ngani umuntu? (4)

      • Umuntu uthweswe umqhele wenkazimulo (5)

  • 9

    • Ukumemezela imisebenzi kaNkulunkulu emangalisayo

      • UJehova uyindawo yokuphephela elondekile (9)

      • Ukwazi igama likaNkulunkulu kusho ukwethembela kuye (10)

  • 10

    • UJehova, umsizi wabangakwazi ukuzisiza

      • Ababi baqhosha bathi: “Akekho uNkulunkulu” (4)

      • Abangenamsizi baphendukela kuJehova (14)

      • “UJehova uyiNkosi kuze kube phakade” (16)

  • 11

    • Ukuphephela kuJehova

      • “UJehova usethempelini lakhe elingcwele” (4)

      • UNkulunkulu uyamzonda umuntu othanda ubudlova (5)

  • 12

    • UJehova uyasukuma ukuze athathe isinyathelo

      • Amazwi kaJehova ahlanzekile (6)

  • 13

    • Ukulangazelela insindiso kaJehova

      • “O Jehova, uyongikhohlwa kuze kube nini?” (1, 2)

      • UJehova uvuza ngokucebile (6)

  • 14

    • Ukuchazwa kongenangqondo

      • “Akekho uJehova” (1)

      • “Akekho owenza okuhle” (3)

  • 15

    • Ngubani ongaba yisimenywa etendeni likaJehova?

      • Ukhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe (2)

      • Akanyundeli (3)

      • Ugcina isithembiso sakhe, ngisho noma simlimaza (4)

  • 16

    • UJehova, uMthombo wezinto ezinhle

      • “UJehova unginika konke enginakho” (5)

      • ‘Imicabango yami iyangiqondisa ebusuku’ (7)

      • ‘UJehova ungakwesokudla sami’ (8)

      • “Ngeke ungishiye eThuneni” (10)

  • 17

    • Umthandazo wokucela isivikelo

      • “Uyihlolile inhliziyo yami” (3)

      • “Ngaphansi kwamaphiko akho” (8)

  • 18

    • Ukudumisa uJehova ngenxa yensindiso

      • “UJehova wami uyidwala lami” (2)

      • UJehova, uqotho kulabo abaqotho (25)

      • Indlela kaNkulunkulu iphelele (30)

      • “Ukuthobeka kwakho kungenza ngibe mkhulu” (35)

  • 19

    • Indalo nomthetho kaNkulunkulu kunikeza ubufakazi

      • “Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu” (1)

      • Umthetho kaNkulunkulu ophelele ubuyisa amandla (7)

      • ‘Izono engizenze ngingaboni’ (12)

  • 20

    • Ukusindiswa kwenkosi egcotshwe nguNkulunkulu

      • Abanye bathembele ezinqoleni nasemahhashini, “kodwa thina sibiza igama likaJehova” (7)

  • 21

    • Inkosi ethembela kuJehova iyabusiswa

      • Inkosi inikwa ukuphila isikhathi eside (4)

      • Izitha zikaNkulunkulu ziyonqotshwa (8-12)

  • 22

    • Ukusuka ekuphelelweni yithemba kuya ekudunyisweni

      • “Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” (1)

      • “Zenza inkatho ngezingubo zami” (18)

      • Ukudumisa uNkulunkulu ebandleni (22, 25)

      • Umhlaba wonke uzodumisa uNkulunkulu (27)

  • 23

    • “UJehova unguMalusi wami”

      • “Ngeke ngiswele lutho” (1)

      • “Ungipha amandla” (3)

      • “Indebe yami igcwele phama” (5)

  • 24

    • INkosi ekhazimulayo ingena emasangweni

      • ‘Umhlaba ungokaJehova’ (1)

  • 25

    • Umthandazo wokucela isiqondiso nentethelelo

      • “Ngifundise imikhondo yakho” (4)

      •  

        “Ubungani obuseduze noJehova” (14)

      • ‘Xolela zonke izono zami’(18)

  • 26

    • Ukuhamba ngobuqotho

      • “Ngihlole Jehova” (2)

      • Ukugwema ukuzihlanganisa nababi (4, 5)

      • ‘Ngizozungeza i-⁠altare likaNkulunkulu’ (6)

  • 27

    • UJehova uyinqaba yami

      • Ukubuka ithempeli likaNkulunkulu ngenjabulo (4)

      • UJehova uyangikhathalela ngisho noma abazali bengenandaba nami (10)

      • “Themba uJehova” (14)

  • 28

    • Uyawuzwa umthandazo womhubi

      • “UJehova ungamandla ami nehawu lami” (7)

  • 29

    • Izwi likaJehova elinamandla

      • Khulekani nembethe izingubo ezingcwele (2)

      • “UNkulunkulu okhazimulayo uduma njengezulu” (3)

      • UJehova unika abantu bakhe amandla (11)

  • 30

    • Ukukhala kuphenduka injabulo

      • UNkulunkulu ukubonisa umusa ukuphila kwakho konke (5)

  • 31

    • Ukuphephela kuJehova

      • “Umoya wami ngiwubeka esandleni sakho” (5)

      • “Jehova Nkulunkulu weqiniso” (5)

      • Ubuhle bukaNkulunkulu obuchichimayo (19)

  • 32

    • Bayajabula labo abathethelelwe

      • “Ngasivuma isono sami kuwe” (5)

      • UNkulunkulu ukunika ukuqonda (8)

  • 33

    • Dumisani uMdali

      • “Mhlabeleleni ingoma entsha” (3)

      • Ngezwi likaJehova nangomoya wakhe konke kwadalwa (6)

      • Siyajabula isizwe sikaJehova (12)

      • Iso likaJehova eliqaphayo (18)

  • 34

    • UJehova ukhulula izinceku zakhe

      • “Masiliphakamise kanyekanye igama lakhe” (3)

      • Ingelosi kaJehova iyavikela (7)

      • “Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle” (8)

      • ‘Akukho nelilodwa lamathambo akhe eliphuliwe’ (20)

  • 35

    • Umthandazo wokucela ukukhululwa ezitheni

      • Izitha zizoxoshwa (5)

      • Ukudumisa uNkulunkulu phakathi kwabantu abaningi (18)

      • Ukuzondwa ngaphandle kwesizathu (19)

  • 36

    • Uthando lukaNkulunkulu oluqotho oluyigugu

      • Omubi akamesabi uNkulunkulu (1)

      • UNkulunkulu ungumthombo wokuphila (9)

      • “Ngokukhanya kwakho siyakwazi ukubona ukukhanya” (9)

  • 37

    • Labo abathembela kuJehova bayophumelela

      • “Ungathukutheli ngenxa yabantu ababi” (1)

      • “Jabula kakhulu ngoJehova” (4)

      • “Vumela uJehova aqondise indlela yakho” (5)

      • “Abamnene bayodla ifa lomhlaba” (11)

      • Olungile ngeke aswele ukudla (25)

      • Abalungile bayophila phakade emhlabeni (29)

  • 38

    • Umthandazo womuntu ophendukayo ososizini

      • “Ngicindezelekile, ngidikibele” (6)

      • UJehova uyabezwa labo abalindela yena (15)

      • “Ngangikhathazekile ngenxa yesono sami” (18)

  • 39

    • Ukuphila kufushane

      • Umuntu uwumoya okhishwa ngamakhala (5, 11)

      • “Ungazishalazeleli izinyembezi zami” (12)

  • 40

    • Ukubonga uNkulunkulu ongenakuqhathaniswa

      • Imisebenzi kaNkulunkulu miningi kakhulu ukuba ngingayibala (5)

      • Imihlatshelo ayiyona into ebaluleke kakhulu kuNkulunkulu (6)

      • “Kuyangijabulisa ukwenza intando yakho” (8)

  • 41

    • Umthandazo womuntu ogulayo esembhedeni

      • UNkulunkulu uyabasekela abagulayo (3)

      • Ngiphendukelwe umngani wami (9)

  • 42

    • Ukudumisa uNkulunkulu njengoMsindisi Omkhulu

      • Ukomela uNkulunkulu njengenyamazane yomele amanzi (1, 2)

      • “Kungani ngiphelelwa yithemba?” (5, 11)

      • “Ngizomlinda uNkulunkulu” (5, 11)

  • 43

    • UNkulunkulu njengoMahluleli uyasindisa

      • “Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho” (3)

      • “Kungani ngiphelelwa yithemba?” (5)

      • “Ngizomlinda uNkulunkulu” (5)

  • 44

    • Umthandazo wokucela usizo

      • “Nguwe owasisindisa” (7)

      • ‘Njengemvu eyohlatshwa’ (22)

      • “Vuka usisize!” (26)

  • 45

    • Umshado wenkosi egcotshiwe

      • Ikhuluma amazwi amnandi (2)

      • “UNkulunkulu uyisihlalo sakho sobukhosi kuze kube phakade” (6)

      • Inkosi ilangazelela ubuhle bomlobokazi (11)

      • Amadodana ayoba yizikhulu emhlabeni wonke (16)

  • 46

    • ‘UNkulunkulu uyisiphephelo sethu’

      • Imisebenzi kaNkulunkulu emangalisayo (8)

      • UNkulunkulu uqeda izimpi emhlabeni wonke (9)

  • 47

    • UNkulunkulu uyiNkosi emhlabeni wonke

      • ‘UJehova uyamangalisa’ (2)

      • Hubelani uNkulunkulu izingoma zokudumisa (6, 7)

  • 48

    • IZiyoni, idolobha leNkosi Enkulu

      • Umhlaba wonke uyajabula (2)

      • Hlolani idolobha nemibhoshongo yalo (11-13)

  • 49

    • Kuwubuwula ukuthembela engcebweni

      • Akekho umuntu ongakhulula omunye (7, 8)

      • UNkulunkulu ukhulula eThuneni (15)

      • Ingcebo ngeke ikwazi ukusindisa ekufeni (16, 17)

  • 50

    • UNkulunkulu wahlulela phakathi koqotho nomubi

      • Isivumelwano sikaNkulunkulu ngomhlatshelo (5)

      • “UNkulunkulu unguMahluleli” (6)

      • Zonke izilwane zingezikaNkulunkulu (10, 11)

      • UNkulunkulu udalula ababi (16-21)

  • 51

    • Umthandazo womuntu ophendukile

      • Ngazalelwa esonweni (5)

      • “Ngihlanze esonweni sami” (7)

      • “Hlanza inhliziyo yami” (10)

      • Inhliziyo ephukile iyamjabulisa uNkulunkulu (17)

  • 52

    • Ukwethembela othandweni lukaNkulunkulu oluqotho

      • Abaziqhayisa ngezenzo ezimbi bayaxwayiswa (1-5)

      • Abangamesabi uNkulunkulu bathembela engcebweni (7)

  • 53

    • Kuchazwa iziphukuphuku

      • “Akekho uJehova” (1)

      • “Akekho owenza okuhle” (3)

  • 54

    • Umthandazo wokucela usizo lapho ephakathi kwezitha

      • “UNkulunkulu ungumsizi wami” (4)

  • 55

    • Umthandazo lapho ejikelwe ngumngani

      • Ngiklolodelwa umngani omkhulu (12-14)

      • “Phonsa umthwalo wakho kuJehova” (22)

  • 56

    • Umthandazo lapho eshushiswa

      • “Ngithembele kuNkulunkulu” (4)

      • ‘Izinyembezi zami zisesigujini sakho sesikhumba’ (8)

      • “Umuntu angangenzani?” (4, 11)

  • 57

    • Isicelo sokuboniswa umusa

      • Ukuphephela ngaphansi kwamaphiko kaNkulunkulu (1)

      • Izitha ziwele ogibeni lwazo (6)

  • 58

    • Ukhona uNkulunkulu owahlulela umhlaba

      • Umthandazo wokucela ukuba kujeziswe ababi (6-8)

  • 59

    • UNkulunkulu uyihawu nesiphephelo

      • ‘Ungabi nasihe kwabangamambuka’ (5)

      • “Ngizohlabelela ngamandla akho” (16)

  • 60

    • UNkulunkulu unqoba izitha

      • Akusizi ukusindiswa abantu (11)

      • “UNkulunkulu uzosinika amandla” (12)

  • 61

    • UNkulunkulu ungumbhoshongo oqinile osivikela ezitheni

      • “Ngizoba yisimenywa etendeni lakho” (4)

  • 62

    • Insindiso yangempela ivela kuNkulunkulu

      • “Ngilinde uNkulunkulu buthule” (1, 5)

      • ‘Thululani izinhliziyo zenu phambi kukaNkulunkulu’ (8)

      • Abantu banjengomoya okhishwa ngamakhala (9)

      • Ningabeki ithemba lenu engcebweni (10)

  • 63

    • Ukulangazelela uNkulunkulu

      • “Uthando lwakho oluqotho lungcono kunokuphila” (3)

      • “Nganelisekile ngokudla okungcono” (5)

      • Ukuzindla ngoNkulunkulu phakathi nobusuku (6)

      • ‘Ngibambelele kuNkulunkulu’ (8)

  • 64

    • Ukuvikelwa ekuhlaselweni okufihlekile

      • “UNkulunkulu uyobacibishela” (7)

  • 65

    • UNkulunkulu uyawunakekela umhlaba

      • “Wena olalela imithandazo” (2)

      • “Uyajabula umuntu omkhethayo” (4)

      • Ubuhle bukaNkulunkulu obuchichimayo (11)

  • 66

    • Imisebenzi kaNkulunkulu emangalisayo

      • “Wozani nibone imisebenzi kaNkulunkulu” (5)

      • “Ngizogcwalisa izifungo zami engizifunge kuwe” (13)

      • UNkulunkulu uyawulalela umthandazo (18-20)

  • 67

    • Imikhawulo yomhlaba iyomesaba uNkulunkulu

      • Indlela kaNkulunkulu kufanele yaziwe (2)

      • ‘Zonke izizwe mazidumise uNkulunkulu’ (3, 5)

      • “UNkulunkulu uyosibusisa” (6, 7)

  • 68

    • ‘Izitha zikaNkulunkulu mazihlakazeke’

      • “Unguyise wentandane” (5)

      • “UNkulunkulu unika abangenabani ikhaya” (6)

      • Abesifazane bamemezela izindaba ezinhle ((11)

      • Izipho ezingabantu (18)

      • ‘UJehova usithwalela umthwalo nsuku zonke’ (19)

  • 69

    • Umthandazo wokucela ukukhululwa

      • “Uthando lwami ngendlu yakho lunjengomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi” (9)

      • “Ngiphendule ngokushesha” (17)

      • “Bangiphuzisa uviniga” (21)

  • 70

    • Isicelo sokusizwa ngokushesha

      • “Ngisize ngokushesha” (5)

  • 71

    • Ithemba lasebekhulile

      • Ukwethembela kuNkulunkulu kusukela ebusheni (5)

      • “Lapho amandla ami ephela” (9)

      • ‘UNkulunkulu ungifundisile kusukela ebusheni’ (17)

  • 72

    • Ukubusa okunokuthula kwenkosi emiswe uNkulunkulu

      • “Olungile uyoqhakaza” (7)

      • Izikhonzi kusukela olwandle kuze kube solwandle (8)

      • Ukukhululwa ebudloveni (14)

      • Inala yokudla emhlabeni (16)

      • Igama likaNkulunkulu lihlala kuze kube phakade (17)

  • 73

    • Indoda eyesaba uNkulunkulu iphinde iba nombono ongokomoya

      • “Kusale kancane ukuba izinyawo zami ziphambuke” (2)

      • “Ngangikhathazeka usuku lonke” (14)

      • “Kwaze kwaba yilapho ngingena endlini engcwele kaNkulunkulu” (17)

      • Ababi babekwe endaweni eshelelayo (18)

      • Ukusondela kuNkulunkulu kuhle (28)

  • 74

    • Umthandazo wokuba uNkulunkulu akhumbule abantu bakhe

      • Kukhunjulwa izenzo zikaNkulunkulu zokusindisa (12-17)

      • “Khumbula ukukloloda kwesitha” (18)

  • 75

    • UNkulunkulu wahlulela ngokulunga

      • Ababi bazophuza indebe kaJehova (8)

  • 76

    • UNkulunkulu unqoba izitha zeZiyoni

      • UNkulunkulu usindisa abamnene (9)

      • Izitha eziqhoshayo ziyothotshiswa (12)

  • 77

    • Umthandazo ngesikhathi sokucindezeleka

      • Ukuzindla ngemisebenzi kaNkulunkulu (11, 12)

      • ‘Ubani omkhulu njengawe, Nkulunkulu?’ (13)

  • 78

    • Ukunakekela kukaNkulunkulu nokuntula ukholo kuka-Israyeli

      • Xoxela isizukulwane esizayo (2-8)

      • “Awazange abe nokholo kuNkulunkulu” (22)

      • “Ukudla kwasezulwini” (24)

      • “Bamzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli” (41)

      • Ukuphuma eGibhithe nokungena eZweni Lesithembiso (43-55)

      • “Babelokhu bemvivinya uNkulunkulu” (56)

  • 79

    • Umthandazo lapho izizwe zihlasela abantu bakaNkulunkulu

      • ‘Siyisihlamba’ (4)

      • ‘Sisize ngenxa yegama lakho’ (9)

      • “Phindisela komakhelwane bethu kasikhombisa” (12)

  • 80

    • Ukucela ukwamukelwa nguMalusi ka-Israyeli

      • “O Nkulunkulu, phinde usamukele” (3)

      • U-Israyeli unjengensimu kaNkulunkulu yamagilebhisi (8-15)

  • 81

    • Isikhuthazo sokuba balalele

      • Ningakhonzi onkulunkulu bezinye izizwe (9)

      • ‘Ukube nje beniyolalela’ (13)

  • 82

    • Isicelo sokuba kwahlulelwe ngokulunga

      • UNkulunkulu wahlulela phakathi “konkulunkulu” (1)

      • “Vikelani ophansi” (3)

      • “Ningonkulunkulu” (6)

  • 83

    • Umthandazo lapho bebhekene nezitha

      • “O Nkulunkulu ungathuli” (1)

      • Izitha zinjengekhakhasi elipheshulwa yisivunguvungu (13)

      • Igama likaNkulunkulu uJehova (18)

  • 84

    • Ukulangazelela itabernakele likaNkulunkulu elikhulu

      • UmLevi ufisa ukuba njengenyoni (3)

      • “Usuku emagcekeni akho” (10)

      • “UNkulunkulu uyilanga nehawu” (11)

  • 85

    • Umthandazo wokucela ukuvuselelwa

      • UNkulunkulu uzokhuluma ngokuthula kubantu abaqotho (8)

      • Uthando oluqotho nokwethembeka kuyohlangana (10)

  • 86

    • Akekho unkulunkulu onjengoJehova

      • UJehova ukulungele ukuthethelela (5)

      • Zonke izizwe ziyokhonza uJehova (9)

      • “Ngifundise indlela yakho” (11)

      • “Yenza inhliziyo yami ibe nobunye” (11)

  • 87

    • IZiyoni idolobha likaNkulunkulu weqiniso

      • Labo abazalelwe eZiyoni (4-6)

  • 88

    • Umthandazo wokucela ukusindiswa ekufeni

      • ‘Ukuphila kwami kulengela eThuneni’ (3)

      • ‘Njalo ekuseni ngithandaza kuwe’ (13)

  • 89

    • Ukuhlabelela ngothando lukaJehova oluqotho

      • Isivumelwano noDavide (3)

      • Inzalo kaDavide iyohlala phakade (4)

      • Ogcotshiwe kaNkulunkulu umbiza ngokuthi “Baba” (26)

      • Isivumelwano sikaDavide siqinisekisiwe (34-37)

      • Umuntu akanakulibalekela iThuna (48)

  • 90

    • UNkulunkulu waphakade nomuntu ophila isikhashana

      • Iminyaka eyinkulungwane injengolwayizolo (4)

      • Umuntu uphila iminyaka engu-70 kuya kwengu-80 (10)

      • “Sifundise ukubala izinsuku zethu” (12)

  • 91

    • Isivikelo endaweni kaNkulunkulu efihlekile

      • Ukukhululwa kumcuphi wezinyoni (3)

      • Isiphephelo ngaphansi kwamaphiko kaNkulunkulu (4)

      • Ukuphepha nakuba kuwa izinkulungwane (7)

      • Izingelosi ziyalwa ukuba ziqaphe (11)

  • 92

    • UJehova uphakanyiswa phakade

      • Imisebenzi yakhe emikhulu nemicabango ejulile (5)

      • “Abalungile bayoqhakaza njengesihlahla” (12)

      • Asebegugile bayoqhubeka bechuma (14)

  • 93

    • Ubukhosi bukaJehova obukhulu

      • “UJehova useyiNkosi!” (1)

      • ‘Izikhumbuzo zakho zithembekile’ (5)

  • 94

    • Umthandazo wokucela uNkulunkulu ukuba aphindisele

      • “Kuyoze kube nini abantu ababi belokhu bethokoza?” (3)

      • Ukuqondiswa uJah kuletha injabulo (12)

      • UNkulunkulu ngeke abashiye abantu bakhe (14)

      • “Sidala izinkinga egameni lomthetho” (20)

  • 95

    • Ukukhulekela kweqiniso okuhambisana nokulalela

      • “Uma nilalela izwi lakhe namuhla” (7)

      • “Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu” (8)

      • “Ngeke singene ekuphumuleni kwami” (11)

  • 96

    • “Hubelani uJehova ingoma entsha”

      • UJehova ufanelwe ukudunyiswa (4)

      • Onkulunkulu bezizwe abasizi ngalutho (5)

      • Khothamani nembethe izingubo ezingcwele (9)

  • 97

    • UJehova uyaphakanyiswa ngaphezu kwabanye onkulunkulu

      • “UJehova useyiNkosi!” (1)

      • Thandani uJehova, nizonde okubi (10)

      • Ukukhanya kwabalungile (11)

  • 98

    • UJehova, uMsindisi noMahluleli olungile

      • Insindiso kaJehova yenziwa yaziwe (2, 3)

  • 99

    • UJehova, iNkosi engcwele

      • Uhlezi esihlalweni sobukhosi ngaphezu kwamakherubi (1)

      • UNkulunkulu othethelelayo nojezisayo (8)

  • 100

    • Ukubonga uMdali

      • “Khonzani uJehova ngokuthokoza” (2)

      • ‘NguNkulunkulu owasenza’ (3)

  • 101

    • Umbusi wenza ngobuqotho

      • ‘Ngeke ngimbekezelele ozikhukhumezayo’ (5)

      • “Ngiyobabheka ngomusa abathembekile” (6)

  • 102

    • Umthandazo wocindezelekile ososizini

      • “Nginjengenyoni engayodwa” (7)

      • “Izinsuku zami zinjengethunzi elishabalalayo” (11)

      • “UJehova uyolakha kabusha iZiyoni” (16)

      • UJehova uhlala kuze kube phakade (26, 27)

  • 103

    • “Ngizomdumisa uJehova”

      • UNkulunkulu uzibeka kude izono zethu (12)

      • UNkulunkulu ungubaba onomusa (13)

      • UNkulunkulu uyakhumbula ukuthi siluthuli (14)

      • Isihlalo sobukhosi sikaJehova nobubusi bakhe (19)

      • Izingelosi zifeza izwi likaNkulunkulu (20)

  • 104

    • Ukudumisa uNkulunkulu ngenxa yendalo emangalisayo

      • Umhlaba uyohlala kuze kube phakade (5)

      • Iwayini nesinkwa somuntu (15)

      • “Yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho!” (24)

      • “Uma ususa umoya wazo, ziyafa” (29)

  • 105

    • Izenzo zikaJehova zokwethembeka kubantu bakhe

      • UNkulunkulu ukhumbula isivumelwano sakhe (8-10)

      • “Ningabathinti abagcotshiwe bami” (15)

      • UJosefa oyisigqila usetshenziswa nguNkulunkulu (17-22)

      • Izimangaliso zikaNkulunkulu eGibhithe (23-36)

      • Ukuphuma kwama-Israyeli eGibhithe (37-39)

      • UNkulunkulu ukhumbula isithembiso asenza ku-Abrahama (42)

  • 106

    • U-Israyeli akabongi

      • Bazikhohlwa ngokushesha izenzo zikaNkulunkulu (13)

      • Umfanekiso wenkunzi esikhundleni senkazimulo kaNkulunkulu (19, 20)

      • Babengenalo ukholo esithembisweni sikaNkulunkulu (24)

      • Bahlanganyela ekukhonzeni uBhali (28)

      • Izingane zihlatshelwa amademoni (37)

  • 107

    • Bongani uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo

      • Wabaholela endleleni efanele (7)

      • Wanelisa owomile wasuthisa nolambile (9)

      • Wabakhipha ebumnyameni (14)

      • Wathumela izwi lakhe ukuze abaphulukise (20)

      • Uvikela abampofu ekucindezelweni (41)

  • 108

    • Umthandazo wokucela ukuba izitha zinqotshwe

      • Insindiso evela kubantu ayisizi ngalutho (12)

      • “UNkulunkulu uzosinika amandla” (13)

  • 109

    • Umthandazo womuntu ocindezelekile

      • ‘Isikhundla saso masithathwe ngomunye’ (8)

      • UNkulunkulu umi ohlangothini lompofu (31)

  • 110

    • Inkosi nompristi onjengoMelkhizedeki

      • ‘Busa phakathi kwezitha zakho’ (2)

      • Intsha ekhonza ngokuzithandela injengamaconsi amazolo (3)

  • 111

    • Dumisani uJehova ngenxa yemisebenzi yakhe emikhulu

      • Igama likaNkulunkulu lingcwele, liyamangalisa (9)

      • Ukwesaba uJehova kuwukuhlakanipha (10)

  • 112

    • Umuntu olungile wesaba uJehova

      • Obolekisa ngomusa uyochuma (5)

      • “Olungile uyokhunjulwa kuze kube phakade” (6)

      • Ophanayo unika abampofu (9)

  • 113

    • UNkulunkulu ophezulu uphakamisa ophansi

      • Igama likaJehova liyodunyiswa phakade (2)

      • UNkulunkulu uyagoba (6)

  • 114

    • Ukukhululwa kuka-Israyeli eGibhithe

      • Ulwandle lwabaleka (5)

      • Izintaba zatshakadula njengezinqama (6)

      • Idwala eliqinile liba yiziphethu (8)

  • 115

    • NguNkulunkulu kuphela okumele akhazinyuliswe

      • Izithixo ezingaphili (4-8)

      • Umhlaba unikwe abantu (16)

      • “Abafile abamdumisi uJah” (17)

  • 116

    • Ingoma yokubonga

      • “Ngizombuyisela ngani uJehova?” (12)

      • “Ngizothatha indebe yensindiso” (13)

      • “Ngizogcwalisa izifungo zami engizenze kuJehova” (14, 18)

      • Kuwukulahlekelwa okukhulu ukufa kwabaqotho (15)

  • 117

    • Zonke izizwe ziyalwa ukuba zidumise uJehova

      • Uthando lukaNkulunkulu oluqotho lukhulu (2)

  • 118

    • Ukubonga ngokunqoba kukaJehova

      • ‘Ngambiza uJah, wangiphendula’ (5)

      • “UJehova ungakimi” (6, 7)

      • Itshe elenqatshwa lizoba yitshe legumbi eliyinhloko (22)

      • “Lowo oza ngegama likaJehova” (26)

  • 119

    • Ukwazisa izwi likaNkulunkulu eliyigugu

      • ‘Intsha ingayigcina kanjani indlela yayo ihlanzekile?’ (9)

      • “Ngiyazithanda izikhumbuzo zakho” (24)

      • “Ngithembele ezwini lakho” (74, 81, 114)

      • “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho!” (97)

      • “Nginokuqonda kunabo bonke abangifundisayo” (99)

      • “Izwi lakho liyisibani esiqondisa izinyathelo zami” (105)

      • “Izwi lakho lilonke liyiqiniso” (160)

      • Ukuthula okuchichimayo kulabo abathanda umthetho kaNkulunkulu (165)

  • 120

    • Ukulangazelela kwesifiki ukuthula

      • ‘Ngikhulule olimini olukhohlisayo’ (2)

      • “Ngithanda ukuthula” (7)

  • 121

    • UJehova uqapha abantu bakhe

      • “Usizo lwami luvela kuJehova” (2)

      • UJehova akalokothi alale (3, 4)

  • 122

    • Umthandazo wokuba kube nokuthula eJerusalema

      • Injabulo yokuya endlini kaJehova (1)

      • Idolobha elinezakhiwo ezisondelene (3)

  • 123

    • Ukufuna umusa kaJehova

      • ‘Njengezinceku, sibheka kuJehova’ (2)

      • “Sesanele ukwedelelwa” (3)

  • 124

    • “Ukube uJehova ubengenathi”

      • Ukuphunyuka esicuphweni esiphukile (7)

      • “Usizo lwethu lusegameni likaJehova” (8)

  • 125

    • UJehova uvikela abantu bakhe

      • “Njengoba izintaba zizungeze iJerusalema” (2)

      • “Kwangathi kungaba nokuthula kwa-Israyeli” (5)

  • 126

    • Ukubuyiselwa okujabulisayo kweZiyoni

      • “UJehova usenzele izinto ezinkulu” (3)

      • Ukukhala kuphenduka intokozo (5, 6)

  • 127

    • Ngaphandle kukaNkulunkulu, yonke into iyize

      • “Ngaphandle kokuba uJehova eyakha indlu” (1)

      • Abantwana bayifa elivela kuNkulunkulu (3)

  • 128

    • Injabulo ngokwesaba uJehova

      • Inkosikazi injengensimu yamagilebhisi ethelayo (3)

      • “UJehova uyokubusisa eseZiyoni” (5)

  • 129

    • Bayahlaselwa kodwa abanqotshwa

      • Abazonda iZiyoni bayohlazeka (5)

  • 130

    • “Ngiyakubiza lapho ngiphelelwe yithemba”

      • “Ukube ububheka amaphutha” (3)

      • UJehova uthethelela ngeqiniso (4)

      • “Ngimlinde ngokulangazela uJehova” (6)

  • 131

    • Ukwaneliseka njengengane eyekiswe ibele

      • Ukungazifuneli izinto ezinkulu kakhulu (1)

  • 132

    • Ukukhethwa kukaDavide neZiyoni

      • “Ungamlahli ogcotshiwe wakho” (10)

      • Abapristi baseZiyoni bembathiswe insindiso (16)

  • 133

    • Ukuhlala ndawonye ngobunye

      • Njengamafutha ekhanda lika-Aroni (2)

      • Njengamazolo aseHermoni (3)

  • 134

    • Ukudumisa uNkulunkulu ebusuku

      • “Phakamisani izandla zenu ngobungcwele” (2)

  • 135

    • Dumisani uJah ngenxa yobukhulu bakhe

      • Izibonakaliso nezimangaliso ngokumelene neGibhithe (8, 9)

      • “Igama lakho lihlala kuze kube phakade” (13)

      • Izithixo ezingaphili (15-18)

  • 136

    • Uthando lukaJehova oluqotho luhlala kuze kube phakade

      • Amazulu nomhlaba kwenziwe ngobuchule (5, 6)

      • UFaro wafela oLwandle Olubomvu (15)

      • UNkulunkulu ukhumbula ocindezelekile (23)

      • Ukudla kwayo yonke into ephilayo (25)

  • 137

    • Ngasemifuleni yaseBhabhiloni

      • Azikho izingoma zaseZiyoni ezaculwa (3, 4)

      • IBhabhiloni lizocekelwa phansi (8)

  • 138

    • Nakuba ephakeme, uNkulunkulu uyakhathalela

      • ‘Waphendula umthandazo wami’ (3)

      • ‘Ngisho noma ngisengozini, uyangikhulula’ (7)

  • 139

    • UNkulunkulu uzazi kahle izinceku zakhe

      • Akukho ukubalekela umoya kaNkulunkulu (7)

      • “Ngenziwe ngendlela emangalisayo” (14)

      • ‘Wangibona ngisewumbungu’ (16)

      • ‘Ngihole ngendlela yaphakade’ (24)

  • 140

    • UJehova unguMsindisi onamandla

      • Abantu ababi banjengezinyoka (3)

      • Abantu abanobudlova bazobulawa (11)

  • 141

    • Umthandazo wokucela ukuvikelwa

      • “Kwangathi umthandazo wami ungaba njengempepho” (2)

      • Ukusola kolungile kunjengamafutha (5)

      • Ababi bawela emanetheni abo (10)

  • 142

    • Umthandazo wokucela ukukhululwa kubashushisi

      • “Akukho lapho ngingabalekela khona” (4)

      • “Uwukuphela komuntu enginaye” (5)

  • 143

    • Ukomela uNkulunkulu njengezwe elomile

      • ‘Ngizindla ngemisebenzi yakho’ (5)

      • “Ngifundise ukwenza intando yakho” (10)

      • ‘Kwangathi umoya wakhe omuhle ungangihola’ (10)

  • 144

    • Umthandazo wokucela ukunqoba

      • “Uyini umuntu?” (3)

      • ‘Kwangathi izitha zingahlakazeka’ (6)

      • Bayajabula abantu bakaJehova (15)

  • 145

    • Dumisani uNkulunkulu, iNkosi enkulu

      • ‘Ngizomemezela ngobukhulu bukaNkulunkulu’ (6)

      • “UJehova muhle kubo bonke” (9)

      • “Abantu bakho abaqotho bayokudumisa” (10)

      • Ubukhosi bukaNkulunkulu baphakade (13)

      • Isandla sikaNkulunkulu sanelisa yonke into (16)

  • 146

    • Thembela kuNkulunkulu hhayi kubantu

      • Uma umuntu esefile, imicabango yakhe iyashabalala (4)

      • UNkulunkulu uvusa abakhotheme (8)

  • 147

    • Ukudumisa uNkulunkulu ngenxa yothando nemisebenzi yamandla

      • Upholisa izinhliziyo ezaphukile (3)

      • Ubiza zonke izinkanyezi ngamagama (4)

      • Uletha iqhwa njengoboya (16)

  • 148

    • Yonke indalo mayidumise uJehova

      • “Mdumiseni, nonke nina zingelosi zakhe” (2)

      • ‘Mdumiseni, nina langa, nyanga nezinkanyezi’ (3)

      • Intsha nabadala mabadumise uNkulunkulu (12, 13)

  • 149

    • Ingoma yokudumisa ngenxa yokunqoba kukaNkulunkulu

      • UNkulunkulu uyajabula ngabantu bakhe (4)

      • Ilungelo lingelabantu bakaNkulunkulu abaqotho (9)

  • 150

    • Konke okuphilayo makudumise uJah

      • Haleluya! (1, 6)