AmaHubo 104:1-35

  • Ukudumisa uNkulunkulu ngenxa yendalo emangalisayo

    • Umhlaba uyohlala kuze kube phakade (5)

    • Iwayini nesinkwa somuntu (15)

    • “Yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho!” (24)

    • “Uma ususa umoya wazo, ziyafa” (29)

104  Ngizomdumisa uJehova. + O Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu. + Wembethe isithunzi* nobukhazikhazi. +   Usongwe ukukhanya + njengokungathi ngengubo;Welula amazulu njengetende. +   Yena ugxumeka izinsika zamagumbi akhe aphezulu emanzini asesibhakabhakeni, *+Wenza amafu abe yinqola yakhe, +Uhamba ngamaphiko omoya. +   Wenza izingelosi zakhe zibe yimimoya,Izikhonzi zakhe zibe umlilo oshwabadelayo. +   Ubeke umhlaba phezu kwezisekelo zawo; +Ngeke ususwe endaweni yawo* kuze kube phakade naphakade. +   Wawumboza ngamanzi ajulile njengokungathi ngengubo. + Amanzi amboza izintaba.   Ahlehla lapho uwakhuza; +Ngomsindo wokuduma kwakho abaleka enovalo   —Izintaba zenyuka + nezigodi zehla—Aya endaweni owawamisela yona.   Wamisa umngcele okungafanele ukuba aweqe, +Ukuze angaphinde amboze umhlaba. 10  Uthumela iziphethu ezigodini;*Zigeleza phakathi kwezintaba. 11  Ziphuzisa zonke izilwane zasendle;Izimbongolo zasendle zicima ukoma kwazo. 12  Ngaphezu kwazo izinyoni zamazulu zakhele izidleke;Ziyacula phakathi kwamahlamvu aminyene. 13  Unisela izintaba esemagumbini akhe aphezulu. + Umhlaba uyaneliswa ngezithelo zemisebenzi yakho. + 14  Wenza ukuba kuhlume utshani obuzodliwa yizinkomoNezitshalo ezizodingwa abantu, +Ukuze ukudla kuhlume emhlabeni 15  Newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, +Namafutha acwebezelisa ubuso,Nesinkwa esisekela inhliziyo yomuntu ofayo. + 16  Izihlahla zikaJehova zanelisekile,Imisedari yaseLebhanoni ayitshalile, 17  Lapho izinyoni zakha khona izidleke. Ikhaya likanogolantethe + lisezihlahleni zomjunipha. 18  Izintaba eziphakeme zingezezimbuzi zezintaba; +Amawa ayisiphephelo sezimbila. + 19  Wenze inyanga ukuze ihlukanise izinkathi zonyaka;Ilanga lazi kahle ukuthi kufanele lishone nini. + 20  Uletha ubumnyama bese kuyahlwa, +Zonke izilwane zasendle ziyaphuma zizulazule. 21  Amabhubesi* abhongela inyamazane +Afuna ukudla kwawo kuNkulunkulu. + 22  Lapho ilanga liphuma,Ayahoxa ayolala ezindaweni zawo zokucasha. 23  Umuntu uyaphuma aye emsebenzini,Asebenze kuze kuhlwe. 24  O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! + Yonke uyenze ngokuhlakanipha. + Umhlaba ugcwele izinto ozidalile. 25  Nalu ulwandle, lukhulu futhi lubanzi,Kulo kukhona izinto eziphilayo ezingenakubalwa, ezincane nezinkulu. + 26  Imikhumbi ihamba khona,NoLeviyathani *+ umdalele ukuba adlale kulo. 27  Zonke zilinda wenaUkuba uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esifanele. + 28  Ozinika kona ziyakuthatha. + Lapho uvula isandla sakho, ziyaneliswa ngezinto ezinhle. + 29  Uma ufihla ubuso bakho, ziyaphazamiseka. Uma ususa umoya wazo, ziyafa zibuyele othulini. + 30  Uma uthumela umoya wakho, ziyadalwa, +Uvuselela ubuso bomhlaba. 31  Inkazimulo kaJehova iyohlala kuze kube phakade. UJehova uyojabula ngemisebenzi yakhe. + 32  Ubheka umhlaba, wona uthuthumele;Uthinta izintaba, zishunqe intuthu. + 33  Ngizomhlabelelela uJehova + konke ukuphila kwami;Ngizomdumisa* uNkulunkulu wami uma nje ngisaphila. + 34  Imicabango yami mayimjabulise.* Ngizojabula ngoJehova. 35  Izoni ziyoshabalala emhlabeni,Ababi ngeke besaba khona. + Ngizomdumisa uJehova. Dumisani uJah!*

Imibhalo yaphansi

Noma, “ubukhulu.”
NgesiHebheru, “emanzini.”
Noma, “Ngeke untengantengiswe.”
Noma, “emihosheni.”
Noma, “Amabhubesi asemancane anomhlwenga.”
Noma, “Ngizomculela.”
Noma kungaba, “Ukuzindla kwami ngaye makujabulise.”
Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.