AmaHubo 127:1-5
INgoma Yokwenyuka. EkaSolomoni.
127 Ngaphandle kokuba uJehova eyakha indlu,Akusizi ngalutho ukuthi abakhi bayo basebenza kanzima kuyo. +
Ngaphandle kokuba uJehova eliqapha idolobha, +Akusizi ngalutho ukuthi umqaphi ahlale ephapheme.
2 Akusizi ngalutho ukuthi nivuka ekuseni kakhulu,Ukuthi nisebenza kuze kube sebusuku,Ukuthi niyazikhandla ukuze nithole ukudla,Ngoba uyabanakekela labo abathandayo, aphinde abanike ubuthongo. +
3 Bheka! Abantwana* bayifa elivela kuJehova; +Isithelo sesisu singumvuzo. +
4 Njengemicibisholo esandleni seqhawe,Banjalo abantwana bobusha bomuntu. +
5 Iyajabula indoda egcwalise umgodla wayo ngabo. +
Ngeke abe* namahloni,Ngoba bayokhuluma* nezitha esangweni ledolobha.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Amadodana.”
^ Cishe kubhekiselwa emadodeni.
^ Cishe kubhekiselwa kubantwana.