AmaHubo 127:1-5

  • Ngaphandle kukaNkulunkulu, yonke into iyize

    • “Ngaphandle kokuba uJehova eyakha indlu” (1)

    • Abantwana bayifa elivela kuNkulunkulu (3)

INgoma Yokwenyuka. EkaSolomoni. 127  Ngaphandle kokuba uJehova eyakha indlu,Akusizi ngalutho ukuthi abakhi bayo basebenza kanzima kuyo. + Ngaphandle kokuba uJehova eliqapha idolobha, +Akusizi ngalutho ukuthi umqaphi ahlale ephapheme.   Akusizi ngalutho ukuthi nivuka ekuseni kakhulu,Ukuthi nisebenza kuze kube sebusuku,Ukuthi niyazikhandla ukuze nithole ukudla,Ngoba uyabanakekela labo abathandayo, aphinde abanike ubuthongo. +   Bheka! Abantwana* bayifa elivela kuJehova; +Isithelo sesisu singumvuzo. +   Njengemicibisholo esandleni seqhawe,Banjalo abantwana bobusha bomuntu. +   Iyajabula indoda egcwalise umgodla wayo ngabo. + Ngeke abe* namahloni,Ngoba bayokhuluma* nezitha esangweni ledolobha.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Amadodana.”
Cishe kubhekiselwa emadodeni.
Cishe kubhekiselwa kubantwana.