Eyokuqala KwabaseKorinte 16:1-24

  • Iminikelo yamaKristu aseJerusalema (1-4)

  • Izinhlelo zohambo lukaPawulu (5-9)

  • Ukuvakasha okuhleliwe kukaThimothewu no-Apholo (10-12)

  • Izikhuthazo nemikhonzo (13-24)

16  Ngokuphathelene nokuqoqwa komnikelo wabangcwele, + ningalandela iziqondiso engazinika amabandla aseGalathiya.  Ngosuku lokuqala lwesonto ngalinye, yilowo nalowo kini kufanele abeke eceleni okuthile, kuye ngamandla akhe, ukuze iminikelo ingaqoqwa lapho ngifika.  Kodwa uma ngifika lapho, ngiyothumela abantu enithi bayamukeleka ezincwadini zenu, + ukuba bayise isipho senu somusa eJerusalema.  Nokho uma kufanele ukuba nami ngiye khona, bayokuya nami.  Kodwa ngizoza kini lapho sengidabule eMakedoniya, ngoba ngizodabula eMakedoniya; +  mhlawumbe ngizohlala nani noma ngichithe ubusika nani, ukuze ningiphelezele kancane nomaphi lapho ngizoya khona.  Ngoba angifuni ukunibona njengamanje lapho ngidlula nje, ngoba nginethemba lokuhlala nani isikhathi esithile, + uma uJehova* evuma.  Kodwa ngizohlala e-Efesu + kuze kube uMkhosi WePhentekoste,  ngoba ngivulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini, + kodwa kukhona abaphikisi abaningi. 10  Uma uThimothewu + efika, qinisekani ukuthi akesabi lutho ngesikhathi esephakathi kwenu, ngoba wenza umsebenzi kaJehova, *+ njengoba nje nami ngiwenza. 11  Ngakho makungabikho muntu ombukela phansi. Mhambiseni ngokuthula, ukuze eze kimi, ngoba ngimlindile kanye nabazalwane. 12  Ngokuphathelene no-Apholo + umzalwane, ngamncenga kakhulu ukuba eze kanye nabazalwane kini. Kwakungeyona inhloso yakhe ukuza manje, kodwa uzoza lapho ethola ithuba. 13  Hlalani niphapheme, + nime niqinile okholweni, + niqhubeke njengamadoda, *+ nibe namandla. + 14  Konke enikwenzayo, kwenzeni ngothando. + 15  Ngiyanincenga bazalwane: Niyazi ukuthi umndeni kaStefana ungabafundi bokuqala e-Akhaya nokuthi wazinikela ukuba ukhonze abangcwele. 16  Kwangathi nani ningaqhubeka nizithoba kubantu abanjalo nakubo bonke labo ababambisanayo nabasebenza kanzima. + 17  Kodwa ngiyajabula ngokuba khona kukaStefana + noFortunatu no-Akhayiku, ngoba basivalile isikhala sokungabi bikho kwenu lapha. 18  Ngoba bangikhuthazile mina kanye nani. Ngakho waziseni amadoda anjalo. 19  Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. U-Akhwila noPriska kanye nebandla elihlangana endlini yabo + bayakhonza kini ngenhliziyo yonke eNkosini. 20  Bonke abazalwane bayakhonza kini. Bingelelanani ngokuqabulana okungcwele. 21  Mina Pawulu, ngesandla sami, ngithumela imikhonzo yami. 22  Uma noma ubani engayithandi iNkosi, makaqalekiswe. O Nkosi yethu, woza! 23  Kwangathi umusa omkhulu weNkosi uJesu ungaba nani. 24  Kwangathi uthando lwami lungaba nani nonke kuKristu Jesu.

Imibhalo yaphansi

Noma, “nibe nesibindi.”