Eyokuqala KwabaseKorinte 16:1-24
16 Ngokuphathelene nokuqoqwa komnikelo wabangcwele, + ningalandela iziqondiso engazinika amabandla aseGalathiya.
2 Ngosuku lokuqala lwesonto ngalinye, yilowo nalowo kini kufanele abeke eceleni okuthile, kuye ngamandla akhe, ukuze iminikelo ingaqoqwa lapho ngifika.
3 Kodwa uma ngifika lapho, ngiyothumela abantu enithi bayamukeleka ezincwadini zenu, + ukuba bayise isipho senu somusa eJerusalema.
4 Nokho uma kufanele ukuba nami ngiye khona, bayokuya nami.
5 Kodwa ngizoza kini lapho sengidabule eMakedoniya, ngoba ngizodabula eMakedoniya; +
6 mhlawumbe ngizohlala nani noma ngichithe ubusika nani, ukuze ningiphelezele kancane nomaphi lapho ngizoya khona.
7 Ngoba angifuni ukunibona njengamanje lapho ngidlula nje, ngoba nginethemba lokuhlala nani isikhathi esithile, + uma uJehova* evuma.
8 Kodwa ngizohlala e-Efesu + kuze kube uMkhosi WePhentekoste,
9 ngoba ngivulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini, + kodwa kukhona abaphikisi abaningi.
10 Uma uThimothewu + efika, qinisekani ukuthi akesabi lutho ngesikhathi esephakathi kwenu, ngoba wenza umsebenzi kaJehova, *+ njengoba nje nami ngiwenza.
11 Ngakho makungabikho muntu ombukela phansi. Mhambiseni ngokuthula, ukuze eze kimi, ngoba ngimlindile kanye nabazalwane.
12 Ngokuphathelene no-Apholo + umzalwane, ngamncenga kakhulu ukuba eze kanye nabazalwane kini. Kwakungeyona inhloso yakhe ukuza manje, kodwa uzoza lapho ethola ithuba.
13 Hlalani niphapheme, + nime niqinile okholweni, + niqhubeke njengamadoda, *+ nibe namandla. +
14 Konke enikwenzayo, kwenzeni ngothando. +
15 Ngiyanincenga bazalwane: Niyazi ukuthi umndeni kaStefana ungabafundi bokuqala e-Akhaya nokuthi wazinikela ukuba ukhonze abangcwele.
16 Kwangathi nani ningaqhubeka nizithoba kubantu abanjalo nakubo bonke labo ababambisanayo nabasebenza kanzima. +
17 Kodwa ngiyajabula ngokuba khona kukaStefana + noFortunatu no-Akhayiku, ngoba basivalile isikhala sokungabi bikho kwenu lapha.
18 Ngoba bangikhuthazile mina kanye nani. Ngakho waziseni amadoda anjalo.
19 Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. U-Akhwila noPriska kanye nebandla elihlangana endlini yabo + bayakhonza kini ngenhliziyo yonke eNkosini.
20 Bonke abazalwane bayakhonza kini. Bingelelanani ngokuqabulana okungcwele.
21 Mina Pawulu, ngesandla sami, ngithumela imikhonzo yami.
22 Uma noma ubani engayithandi iNkosi, makaqalekiswe. O Nkosi yethu, woza!
23 Kwangathi umusa omkhulu weNkosi uJesu ungaba nani.
24 Kwangathi uthando lwami lungaba nani nonke kuKristu Jesu.