Eyokuqala KwabaseKorinte 1:1-31

  • Imikhonzo (1-3)

  • UPawulu ubonga uNkulunkulu ngabaseKorinte (4-9)

  • Isikhuthazo sokuba babe munye (10-17)

  • UKristu, amandla nokuhlakanipha kukaNkulunkulu (18-25)

  • Ukuziqhayisa ngoJehova kuphela (26-31)

1  Mina Pawulu, owabizelwa ukuba umphostoli + kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, kanye noSostene umfowethu,  ebandleni likaNkulunkulu eliseKorinte, + kini eningcweliswe ebunyeni noKristu Jesu, + nabizelwa ukuba nibe abangcwele, kanye nabo bonke ababiza igama leNkosi yethu, uJesu Kristu, + iNkosi yabo neyethu, yonke indawo:  Kwangathi ningaba nomusa omkhulu* nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.  Ngimbonga ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu wami ngomusa omkhulu kaNkulunkulu enawuphiwa kuKristu Jesu;  ngenxa yokuthi ezintweni zonke nicebile ngenxa yobuhlobo eninabo naye, ekhonweni lokukhuluma nasolwazini olugcwele, +  njengoba nje ubufakazi mayelana noKristu + benziwe baqina phakathi kwenu,  kangangokuthi anintuli nakancane kunoma yisiphi isipho, kuyilapho nilindele ngokulangazela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu. +  Izoniqinisa kuze kube sekugcineni, ukuze nibe abangasoleki ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu. +  UNkulunkulu uthembekile, + lowo owanibiza ukuba nihlanganyele kanye neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. 10  Manje ngiyanincenga bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba nonke nikhulume ngokuvumelana, nokuba kungabi nakuhlukana phakathi kwenu, + kodwa ukuba nibe munye ngokuphelele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga. + 11  Ngoba abanye endlini kaKlowe bangitshelile ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwenu bafowethu. 12  Engikushoyo yilokhu, yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu,” “Mina ngingoka-Apholo,” + “Mina ngingokaKhefase,”* “Mina ngingokaKristu.” 13  Ingabe uKristu uhlukene phakathi? UPawulu akazange abulawelwe esigxotsheni ngenxa yenu, akunjalo? Noma, ingabe nabhapathizwa egameni likaPawulu? 14  Ngibonga uNkulunkulu ngokuthi angibhapathizanga noyedwa wenu ngaphandle kukaKrispu + noGayu, + 15  ukuze kungabi namuntu ongase athi nabhapathizwa egameni lami. 16  Yebo, ngabhapathiza nomndeni kaStefana + futhi. Mayelana nabo bonke abanye, angazi noma ukhona yini omunye engambhapathiza. 17  Ngoba uKristu akangithumanga ukuba ngiyobhapathiza, kodwa ukuba ngiyomemezela izindaba ezinhle; + kungabi ngenkulumo yokuhlakanipha, ukuze isigxobo sokuhlushwa* sikaKristu singenziwa into engenamsebenzi. 18  Ngoba inkulumo ephathelene nesigxobo sokuhlushwa* iwubuwula kwababhubhayo, + kodwa kithi esisindiswayo ingamandla kaNkulunkulu. + 19  Ngoba kulotshiwe ukuthi: “Ngizokwenza ukuhlakanipha kwabantu abahlakaniphile kushabalale, nokukhalipha kongqondongqondo ngizokwenqaba.” *+ 20  Uphi umuntu ohlakaniphile? Uphi umbhali?* Uphi umphikisi waleli zwe?* UNkulunkulu akazange yini akwenze ubuwula ukuhlakanipha kwezwe? 21  Ngoba, njengoba ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu, izwe lingazange limazi uNkulunkulu + ngokuhlakanipha kwalo, + uNkulunkulu wajatshuliswa ukuthi ngobuwula + balokho okushunyayelwayo asindise abakholwayo. 22  Ngoba amaJuda acela izibonakaliso + namaGreki afuna ukuhlakanipha; 23  kodwa thina sishumayela ngoKristu owabulawelwa esigxotsheni, oyimbangela yokukhubeka kumaJuda kodwa owubuwula ezizweni. + 24  Nokho, kwababiziwe, kokubili amaJuda namaGreki, uKristu ungamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. + 25  Ngoba izinto zikaNkulunkulu abantu abazibheka njengeziwubuwula zihlakaniphile kunabantu, nezinto zikaNkulunkulu abantu abazibheka njengezibuthakathaka zinamandla kunabantu. + 26  Ukunibiza kwakhe niyakubona, bafowethu, ukuthi ababaningi abahlakaniphile ngendlela yenyama, *+ ababaningi abanamandla, ababaningi abazalwa yizicukuthwane, *+ 27  kodwa uNkulunkulu wakhetha izinto eziwubuwula zezwe ukuze ahlazise abantu abahlakaniphile; uNkulunkulu wakhetha izinto ezibuthakathaka zezwe ukuze ahlazise izinto ezinamandla; + 28  uNkulunkulu wakhetha izinto ezingabalulekile zezwe nezinto ezibukelwa phansi, izinto ezingekho, ukuze enze izinto ezikhona zibe yize, + 29  ukuze kungabi bikho muntu oziqhayisayo phambi kukaNkulunkulu. 30  Kodwa kungenxa yakhe ukuthi nimunye noKristu Jesu, osewukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kithi, kanye nokulunga + nokungcweliswa + nokukhululwa ngesihlengo, + 31  ukuze kube njengoba nje kulotshiwe ukuthi: “Oziqhayisayo makaziqhayise ngoJehova.” *+

Imibhalo yaphansi

Noma, “umusa ongafanelwe.”
Obuye abizwe ngokuthi uPetru.
Noma, “ngizokusunduzela eceleni.”
Okuwukuthi, isazi soMthetho.
Noma, “walesi simiso sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ngokubheka komuntu.”
Noma, “abavela emindenini eqavile.”