Eyokuqala KwabaseKorinte 11:1-34

  • “Yibani abalingisi bami” (1)

  • Ubunhloko nesembozo sekhanda (2-16)

  • Ukugcina iSidlo SeNkosi Sakusihlwa (17-34)

11  Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu. +  Ngiyanincoma ngoba ezintweni zonke niyangikhumbula futhi nibambelele ngokuqinile ezimfundisweni njengoba nje ngazidlulisela kini.  Kodwa ngifuna nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda uKristu; + nenhloko yowesifazane yindoda; + nenhloko kaKristu uNkulunkulu. +  Yileyo naleyo ndoda ethandaza noma iprofethe inokuthile ekhanda ihlazisa inhloko yayo;  kodwa yilowo nalowo wesifazane othandaza noma aprofethe + ikhanda lakhe lingamboziwe uhlazisa inhloko yakhe, ngoba kuyafana nokuthi ungowesifazane ophuce ikhanda.  Ngoba uma owesifazane engazimbozi, kufanele agunde izinwele; kodwa uma kuyichilo ngowesifazane ukuba agunde noma aphuce, kufanele azimboze.  Ngoba indoda akufanele imboze ikhanda, njengoba ingumfanekiso + nenkazimulo kaNkulunkulu, kodwa owesifazane uyinkazimulo yendoda.  Ngoba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa owesifazane wavela endodeni. +  Ngaphezu kwalokho, indoda ayidalwanga ngenxa yowesifazane, kodwa owesifazane wadalwa ngenxa yendoda. + 10  Yingakho owesifazane kufanele abe nophawu lwegunya ekhanda lakhe ngenxa yezingelosi. + 11  Ngaphandle kwalokho, eNkosini, owesifazane ngeke abe khona ngaphandle kwendoda nendoda ngeke ibe khona ngaphandle kowesifazane. 12  Ngoba njengoba nje owesifazane evela endodeni, + kanjalo nendoda ikhona ngowesifazane; kodwa zonke izinto zivela kuNkulunkulu. + 13  Yahlulelani nina: Ingabe kufanele ngowesifazane ukuba athandaze kuNkulunkulu ikhanda lingamboziwe? 14  Imvelo ngokwayo ayinifundisi yini ukuthi izinwele ezinde ziyihlazo endodeni, 15  kodwa uma owesifazane enezinwele ezinde kuyinkazimulo kuye? Ngoba unikwe izinwele zakhe esikhundleni sesembozo. 16  Nokho, uma noma ubani efuna ukuphikisa avune enye inqubo, asinayo enye, namabandla kaNkulunkulu awanayo. 17  Kodwa nakuba nginikeza lezi ziyalo, anginincomi ngoba nihlangana ndawonye ngenjongo yokubi, hhayi ngenjongo yokuhle. 18  Ngoba okokuqala, ngizwa kuthiwa lapho nihlangana ndawonye ebandleni, kuba nokuhlukana phakathi kwenu; ngezinga elithile ngiyakukholwa lokho. 19  Ngoba nakanjani kuzoba khona amaqembu enkolo* phakathi kwenu, + ukuze kubonakale ukuthi obani kini abamukelwa uNkulunkulu. 20  Lapho nihlangana ndawonye, kusuke kungekhona ngempela ukuba nidle iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. + 21  Ngoba lapho nisidla, yilowo nalowo uzidlela esakhe isidlo sakusihlwa kusengaphambili, kangangokuthi omunye ulambile kodwa omunye udakiwe. 22  Aninazo yini izindlu zokudlela nokuphuza? Noma ingabe niyalidelela ibandla likaNkulunkulu nenze labo abangenalutho bahlazeke? Yini engingayisho kini? Ingabe kufanele nginincome? Kulokhu anginincomi. 23  Ngoba ngakwamukela eNkosini lokho engakudlulisela nakini, ukuthi iNkosi uJesu ngobusuku + eyayizonikelwa ngabo yathatha isinkwa, 24  ngemva kokubonga, yasihlephula yathi: “Lokhu kusho umzimba wami + ozonikelwa ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” + 25  Yenza okufanayo nangendebe, + ngemva kokudla isidlo sakusihlwa, yathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha + esenziwa ngegazi lami. + Qhubekani nikwenza lokhu, noma nini lapho niyiphuza, njengesikhumbuzo sami.” + 26  Ngoba noma nini lapho nidla lesi sinkwa futhi niphuza le ndebe, nimemezela ukufa kweNkosi, ize ifike. 27  Ngakho, noma ubani odla isinkwa noma aphuze indebe yeNkosi ngokungafanele uyoba necala ngokuqondene nomzimba negazi leNkosi. 28  Umuntu makazihlolisise + kuqala ukuze aqiniseke ngokuthi lokho akwenzayo kulungile yini, kungemva kwalokho kuphela lapho engadla khona isinkwa futhi aphuze indebe. 29  Ngoba lowo odlayo futhi aphuze engawuqondi umzimba, udla futhi aphuze isahlulelo esimlahlayo. 30  Yingakho abaningi phakathi kwenu bebuthakathaka futhi begula nabaningana befile. *+ 31  Kodwa uma besingakuqonda lokho thina ngokwethu esiyikho, besingeke sahlulelwe. 32  Nokho, lapho sahlulelwa, sisuke siyalwa uJehova, *+ ukuze singalahlwa kanye nezwe. + 33  Ngenxa yalokho bazalwane, lapho nihlangana ndawonye ukuze nisidle, lindanani. 34  Uma umuntu elambile, makadle ekhaya, ukuze lapho nihlangana ndawonye ningahlanganeli ukwahlulelwa. + Kodwa izindaba ezisele ngizozihlela uma ngifika lapho.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ukwahlukana.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Ngokusobala kubhekiselwa ekufeni ngokomoya.