UmShumayeli 8:1-17

  • Ukubuswa umuntu onesono (1-17)

    • Lalela imiyalo yenkosi (2-4)

    • Ukubusa komuntu kuyalimaza (9)

    • Lapho isigwebo singakhishwanga ngokushesha (11)

    • Yidla, uphuze, ujabule (15)

8  Ubani onjengomuntu ohlakaniphile? Ubani owazi isisombululo senkinga?* Ukuhlakanipha komuntu kuyabonakala ebusweni bakhe. Ubuso bakhe obuhwaqabele buyashintsha bujabule.  Ngithi: “Lalela imiyalo yenkosi + ngenxa yesifungo osenze kuNkulunkulu. +  Ungajahi ukuphuma phambi kwayo. + Ungayisekeli into embi; + ngoba ingenza noma yini eyithandayo,  ngoba izwi lenkosi yilo eligcinayo; + ubani ongathi kuyo: ‘Wenzani?’ ”  Ogcina umyalo ngeke abhekane nenhlekelele, + nenhliziyo ehlakaniphile iyosazi isikhathi esifanele nenqubo* efanele. +  Ngoba kukhona isikhathi nenqubo *+ yazo zonke izindaba, ngoba izinkathazo zabantu ziningi kakhulu.  Njengoba kungekho owaziyo ukuthi kuyokwenzekani, ubani ongamtshela ukuthi kuyokwenzeka kanjani?  Njengoba nje kungekho muntu onamandla ngaphezu komoya* noma ongawuvimba, akekho onamandla okumelana nosuku lokufa. + Njengoba nje kungekho muntu okhululwayo empini, nobubi ngeke bubavumele abenzi bokubi ukuba baphunyuke.*  Konke lokhu ngikubonile, ngagxilisa inhliziyo yami kuwo wonke umsebenzi oye wenziwa phansi kwelanga, phakathi nesikhathi umuntu abuse ngaso omunye umuntu kwaba ukulimala kwakhe. + 10  Ngibabonile ababi bengcwatshwa, labo ababengena bephuma endaweni engcwele, kodwa balitshalwa ngokushesha edolobheni ababekwenza kulo lokho. + Nalokhu futhi kuyize. 11  Ngenxa yokuthi isigwebo sesenzo esibi asikhishwanga ngokushesha, + inhliziyo yabantu iba nesibindi sokwenza okubi. + 12  Nakuba isoni singenza okubi kayikhulu kodwa siqhubeke siphila isikhathi eside, ngiyaqaphela ukuthi kuyobahambela kahle labo abesaba uNkulunkulu weqiniso, ngoba bayamesaba. + 13  Kodwa ngeke kumhambele kahle omubi, + ngeke azelule izinsuku zakhe ezinjengethunzi + ngoba akamesabi uNkulunkulu. 14  Kukhona into eyize* eyenzeka emhlabeni: Kunabantu abalungile abaphathwa njengokungathi benza okubi, + futhi kukhona abantu ababi abaphathwa njengokungathi benza okulungile. + Ngithi nalokhu futhi kuyize. 15  Ngakho ngathi makujatshulwe, + ngoba akukho lutho olungcono ngomuntu ngaphansi kwelanga kunokuba adle aphuze ajabule; lokhu kufanele akwenze njengoba esebenza kanzima ngezinsuku zokuphila kwakhe, + uNkulunkulu weqiniso amnika zona phansi kwelanga. 16  Ngenza inhliziyo yami yagxila ekutholeni ukuhlakanipha nokuba ngibone wonke umsebenzi owenziwa emhlabeni, + ngaze ngangalala ubusuku nemini.* 17  Ngabe sengicabanga ngawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu weqiniso, ngabona ukuthi abantu ngeke bakuqonde okwenzeka phansi kwelanga. + Noma abantu bangazama kanzima kangakanani, ngeke bakuqonde. Ngisho noma bethi bahlakaniphe ngokwanele ukuba bazi, ngeke bakwazi ukukuqonda. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “incazelo yendaba?”
Noma, “nokwahlulela.”
Noma, “nokwahlulela.”
Noma, “komoya ophefumulwayo; komoya ovunguzayo.”
Noma kungaba, “nobubi babo ngeke bubasindise ababi.”
Noma, “ecasulayo.”
Noma kungaba, “abantu baze bangalali emini noma ebusuku.”