NgokukaMarku 6:1-56

  • UJesu akamukelwa endaweni yangakubo (1-6)

  • Abangu-12 bathola iziyalezo zenkonzo (7-13)

  • Ukufa kukaJohane uMbhapathizi (14-29)

  • UJesu wondla abangu-5 000 (30-44)

  • UJesu uhamba phezu kwamanzi (45-52)

  • Kwelashwa abantu eGenesaretha (53-56)

6  Wasuka lapho waya endaweni yangakubo, + abafundi bakhe bamlandela.  NgeSabatha, wafundisa esinagogeni, abaningi kulabo ababemlalele bakhexa bathi: “Lo muntu uzithathephi lezi zinto? + Kungani enikwe lokhu kuhlakanipha futhi enza imisebenzi yamandla enje ngezandla zakhe? +  Lona umbazi, + indodana kaMariya, + abafowabo uJakobe, + uJosefa, uJuda noSimoni, + akunjalo? Odadewabo bakanye nathi lapha, akunjalo?” Ngakho bakhubeka ngenxa yakhe.  Kodwa uJesu wathi kubo: “Umprofethi uyahlonishwa, kodwa hhayi endaweni yakubo naphakathi kwezihlobo zakhe nasendlini yakubo.” +  Ngakho awukho umsebenzi wamandla akwazi ukuwenza lapho ngaphandle kokubeka izandla abantu abambalwa abagulayo abelaphe.  Impela, wamangala ngokuntula kwabo ukholo. Wahambahamba ezigodini ejikeleza, efundisa. +  Manje wabiza abayiShumi Nambili,* wabathuma ngababili, + wabanika igunya phezu kwemimoya emibi. +  Wabayala nokuba bangaphathi lutho lohambo ngaphandle kwenduku—bangaphathi sinkwa, bangaphathi sikhwama sokudla, bangaphathi mali *+  kodwa ukuba bagqoke izimbadada, bangagqoki izingubo ezimbili.* 10  Waqhubeka wathi kubo: “Nomaphi lapho ningena emzini womuntu, hlalani khona nize nihambe kuleyo ndawo. + 11  Nomaphi lapho benganamukeli khona noma benganilaleli, anothi lapho niphuma khona, nithintithe inhlabathi esezinyaweni zenu ukuze kube ubufakazi kubo.” + 12  Babe sebesuka bashumayela bathi abantu kufanele baphenduke, + 13  baxosha amademoni amaningi, + bagcoba abantu abaningi abagulayo ngamafutha, babelapha. 14  Manje iNkosi uHerode yezwa ngalokhu, ngoba igama likaJesu laziwa kakhulu, futhi abantu babethi: “UJohane uMbhapathizi uvusiwe kwabafile, yingakho enza imisebenzi yamandla.” + 15  Kodwa abanye babethi: “Ngu-Eliya.” Kanti abanye babethi: “Umprofethi njengomunye wabaprofethi bakudala.” + 16  Kodwa lapho uHerode ekuzwa lokho, wathi: “UJohane engamnquma ikhanda, nguye lo ovusiwe.” 17  Ngoba uHerode ngokwakhe wayethumele ukuba kubanjwe uJohane aboshwe, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya, umkaFiliphu umfowabo, ngoba wayeshade naye. + 18  Ngoba uJohane wayelokhu ethi kuHerode: “Kuwukwephula umthetho ukuthatha umkamfowenu.” + 19  Ngakho uHerodiya wayembambele igqubu futhi efuna ukumbulala, kodwa engakwazi. 20  Ngoba uHerode wayemesaba uJohane, emazi ukuthi ungumuntu olungile nongcwele, + ngakho wayemgcine ephephile. Njalo lapho emlalele, wayengazi ukuthi kumelwe enzeni ngaye, nokho wayekuthokozela ukumlalela. 21  Kodwa usuku olukahle lwafika lapho uHerode ayenzele amadoda ayizikhulu zakhe nabalawuli bamabutho namadoda avelele aseGalile + isidlo sakusihlwa ngosuku lwakhe lokuzalwa. + 22  Indodakazi kaHerodiya yangena yadansa yamjabulisa uHerode nalabo ababedla* naye. Inkosi yathi entombazaneni: “Cela kimi noma yini oyifunayo, ngizokunika yona.” 23  Ngempela yafunga kuyo yathi: “Noma yini oyicelayo kimi, ngizokunika yona, ngingaze ngikunike ngisho nohhafu wombuso wami.” 24  Ngakho yaphuma yathi kunina: “Ngiceleni?” Wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhapathizi.” 25  Masinyane yangena ishesha enkosini yacela, yathi: “Ngifuna unginike khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.” + 26  Nakuba lokhu kwayizwisa ubuhlungu obukhulu, inkosi yayingafuni ukungasinaki isicelo sayo, ngenxa yezifungo zayo nezimenywa zayo.* 27  Ngakho inkosi yathumela masinyane unogada, yamyala ukuba alethe ikhanda likaJohane. Ngakho, wahamba wamnquma ikhanda etilongweni, 28  waletha ikhanda lakhe ngoqwembe. Walinika intombazane, intombazane yalinika unina. 29  Lapho abafundi bakhe bezwa ngakho, beza bathatha isidumbu sakhe basingcwaba ethuneni. 30  Abaphostoli beza kuJesu, bambikela zonke izinto ababezenzile nababezifundisile. + 31  Wathi kubo: “Wozani nina nodwa ngasese endaweni engenabantu, niphumule kancane.” + Ngoba babebaningi ababefika behamba, babengenaso ngisho nesikhathi esikhululekile sokudla. 32  Ngakho bahamba ngesikebhe baya endaweni engenabantu ukuze babe bodwa. + 33  Kodwa abantu bababona behamba futhi abaningi bakwazi lokho, bonke bagijima ngezinyawo bevela kuwo wonke amadolobha baya lapho, bafika kuqala kunabo. 34  Nokho, lapho ehla wabona isixuku esikhulu, waba nesihawu ngaso + ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. + Wasifundisa izinto eziningi. + 35  Manje isikhathi sase sihambile, abafundi bakhe beza kuye bathi: “Le ndawo ayinabantu, nesikhathi sesihambile. + 36  Batshele bahambe ukuze baye emaphandleni nasemizini eseduze bazithengele okudliwayo.” + 37  Wabaphendula wathi: “Banikeni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu* abangu-200 sizinike abantu ukuze badle?” + 38  Wathi kubo: “Zingaki izinkwa eninazo? Hambani niyobheka!” Ngemva kokubheka, bathi: “Zinhlanu, kukhona nezinhlanzi ezimbili.” + 39  Wayala bonke abantu ukuba bahlale ngamaqembu otshanini obuluhlaza. + 40  Ngakho bahlala ngamaqembu abangu-100 nawabangu-50. 41  Ethatha lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka phezulu ezulwini wathandaza. *+ Wabe esehlephula izinkwa wazinika abafundi bakhe ukuze bona bazinike abantu, wabahlukanisela bonke izinhlanzi ezimbili. 42  Ngakho bonke badla basutha, 43  baqoqa okwakusele kwagcwala obhasikidi abangu-12, ngaphandle kwezinhlanzi. + 44  Labo abadla izinkwa kwakungamadoda angu-5 000. 45  Ngaphandle kokulibala, watshela abafundi bakhe ukuba bagibele isikebhe bahambe kuqala baye ogwini olungaphesheya ngaseBhetsayida, ngesikhathi yena ehambisa isixuku. + 46  Kodwa ngemva kokusivalelisa, wahamba waya entabeni eyothandaza. + 47  Lapho sekuhwalele, isikebhe sasiphakathi nolwandle, kodwa yena wayeyedwa ngaphandle kolwandle. + 48  Lapho ebabona begwedla kanzima, ngoba babephambana nomoya, weza ngakubo cishe ngomlindo wesine wobusuku,* ehamba phezu kolwandle; kodwa kwakubonakala sengathi uzobadlula.* 49  Lapho bembona ehamba phezu kolwandle, bacabanga: “Umbono!” Babe sebememeza. 50  Ngoba bonke bambona futhi bakhathazeka. Kodwa masinyane wakhuluma nabo, wathi: “Yibani nesibindi! Yimina; ningesabi.” + 51  Wagibela esikebheni kanye nabo, umoya wanqamuka. Bamangala kakhulu 52  ngoba babengayiqondanga incazelo yesimangaliso sezinkwa, kunalokho izinhliziyo zabo zazingaqondi. 53  Lapho sebewelele ngaphesheya ezweni, bafika eGenesaretha, bamisa isikebhe ngehange eduze. + 54  Kodwa ngokushesha nje lapho behla esikebheni, abantu bambona. 55  Bagijima sonke leso sifunda, baletha ngezinhlaka labo ababegula, babayisa lapho babezwe ukuthi ukhona. 56  Nomaphi lapho ayengena khona ezigodini noma emadolobheni noma emaphandleni, babebeka abagulayo ezigcawini, bemncenga ukuba okungenani bathinte insephe yengubo yakhe yangaphandle. + Bonke abayithinta basinda.

Imibhalo yaphansi

Okuwukuthi, abaphostoli abangu-12.
NgesiGreki, “thusi.”
Noma, “enye ingubo.”
Noma, “ababehlezi etafuleni.”
Noma, “nababehlezi etafuleni.”
Noma, “washo isibusiso.”
Okuwukuthi, cishe ngo-3:00 entathakusa kuze kube sekuphumeni kwelanga cishe ngo-6:00 ekuseni.
Noma, “kodwa wayesezobadlula.”