NgokukaMarku 1:1-45

  • UJohane uMbhapathizi uyashumayela (1-8)

  • Ubhapathizo lukaJesu (9-11)

  • UJesu ulingwa uSathane (12, 13)

  • UJesu uqala ukushumayela eGalile (14, 15)

  • Kubizwa abafundi bokuqala (16-20)

  • Kuxoshwa umoya omubi (21-28)

  • UJesu welapha abaningi eKapernawume (29-34)

  • Uthandaza endaweni engenabantu (35-39)

  • Kwelashwa onochoko (40-45)

1  Isiqalo sezindaba ezinhle ngoJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu:  Njengoba nje kulotshiwe encwadini ka-Isaya umprofethi: “(Bheka! Ngithuma isithunywa sami ngaphambi kwakho, esizolungisa indlela yakho.) +  Izwi lalowo omemezayo ehlane ethi: ‘Lungisani indlela kaJehova!* Yenzani izindlela zakhe ziqonde.’ ” +  UJohane uMbhapathizi wayesehlane, eshumayela ngokuthi ukubhapathizwa kuwuphawu lokuphenduka ukuze kuthethelelwe izono. +  Yonke indawo yaseJudiya nabo bonke abahlala eJerusalema babephuma baye kuye, wayebabhapathiza* eMfuleni iJordani, bevuma izono zabo obala. +  UJohane wayegqoke izingubo ezenziwe ngoboya bekamela nebhande lesikhumba okhalweni, + edla izintethe noju lwezinyosi zasendle. +  Wayeshumayela ethi: “Ngemva kwami kuza onamandla kunami, lowo engingakufanelekeli ukugoba ngiqaqe amabhande ezimbadada zakhe. +  Mina nginibhapathize ngamanzi, kodwa yena uzonibhapathiza ngomoya ongcwele.” +  Phakathi nalezo zinsuku, uJesu weza evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa uJohane eJordani. + 10  Ngokushesha nje lapho ekhuphuka emanzini, wabona amazulu ehlukana phakathi nomoya wehlela phezu kwakhe njengejuba. + 11  Kwavela izwi emazulwini lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngikwamukele.” + 12  Ngemva nje kwalokho umoya kaNkulunkulu wamqhubela ehlane. 13  Ngakho wayelokhu esehlane izinsuku ezingu-40, elingwa uSathane. + Wayekanye nezilwane zasendle, izingelosi zazimkhonza. + 14  Ngemva kokuboshwa kukaJohane, uJesu waya eGalile, + eshumayela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu, + 15  ethi: “Isikhathi esimisiwe sesigcwalisekile, uMbuso kaNkulunkulu ususondele. Phendukani, + nibe nokholo ezindabeni ezinhle.” 16  Ngesikhathi egudla uLwandle LwaseGalile, wabona uSimoni nomfowabo u-Andreya + bephonsa amanethi abo olwandle + ngoba babengabadobi. + 17  Ngakho uJesu wathi kubo: “Ngilandeleni, ngizonenza abadobi babantu.” + 18  Ngaso leso sikhathi bashiya amanethi abo bamlandela. + 19  Ngemva kokuqhubekela phambidlana, wabona uJakobe indodana kaZebedewu noJohane umfowabo, wababona besesikebheni belungisa amanethi abo, + 20  wababiza ngaso leso sikhathi. Ngakho, bashiya uyise uZebedewu esikebheni kanye nezisebenzi zakhe, bamlandela. 21  Baya eKapernawume. Kwathi nje lapho kuqala iSabatha wangena esinagogeni waqala ukufundisa. + 22  Yabakhexisa indlela ayefundisa ngayo, ngoba wayebafundisa njengomuntu onegunya, hhayi njengababhali. + 23  Ngawo lowo mzuzu kwakukhona umuntu owayenamademoni esinagogeni labo, wamemeza wathi: 24  “Sihlangene ngani nawe Jesu waseNazaretha? + Ingabe uzele ukuzosibhubhisa? Ngazi kahle ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu!” + 25  Kodwa uJesu wawukhuza umoya omubi, wathi: “Thula, uphume kuye!” 26  Ngemva kokuba umoya omubi udlikizise lo muntu, wamemeza ngezwi elikhulu waphuma kuye. 27  Bonke abantu bamangala, baqala ukukhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokhu? Imfundiso entsha! Unegunya lokuyala ngisho nemimoya emibi futhi iyamlalela.” 28  Kungakabiphi, kwase kukhulunywa ngaye kuso sonke isifunda saseGalile. 29  Babe sebesuka esinagogeni baya kubo kaSimoni no-Andreya behamba noJakobe noJohane. + 30  Umkhwekazi kaSimoni + wayelele phansi egula enomkhuhlane, bamtshela ngokugula kwakhe ngaso leso sikhathi. 31  Waya kuye, wambamba ngesandla wamphakamisa. Umkhuhlane wamyeka, waqala ukubakhonza. 32  Lapho sekuhwalele, ilanga selishonile, abantu baqala ukumlethela bonke ababegula nababenamademoni; + 33  lonke idolobha laliqoqanele emnyango. 34  Ngakho welapha abaningi ababephethwe izifo ezihlukahlukene, + waxosha amademoni amaningi, kodwa wayengawavumeli amademoni ukuba akhulume, ngoba ayemazi ukuthi unguKristu.* 35  Ekuseni kakhulu kusemnyama, wavuka waphumela ngaphandle wahamba waya endaweni engenabantu, wafike wathandaza. + 36  Kodwa uSimoni nalabo ababekanye naye bamfuna 37  bamthola, bathi kuye: “Wonke umuntu uyakufuna.” 38  Kodwa wathi kubo: “Masiye kwenye indawo, emadolobheni aseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngoba ngizele lokho.” + 39  Wahamba, washumayela emasinagogeni abo kulo lonke elaseGalile, exosha amademoni. + 40  Kweza onochoko kuye, wamncenga eguqe ngedolo, ethi kuye: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” + 41  Lapho ezwa lokho waba nesihawu, welula isandla sakhe wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda! Hlanzeka.” + 42  Masinyane uchoko lwaphela kuye, wahlanzeka. 43  Ngemva kwalokho, wamyala ngokuqinile wayesemkhulula ngaso leso sikhathi, 44  wathi kuye: “Uqaphele ukuba ungathi vu kumuntu, kodwa hamba uziveze kumpristi unikele ngezinto uMose ayaleza ngazo ukuze uhlanzwe, + kube ubufakazi kubo.” + 45  Kodwa ngemva kokuba esehambile, lo muntu waqala ukuyisakaza kabanzi le ndaba, kangangokuthi uJesu wayengasakwazi ukungena edolobheni ngokukhululekile, kodwa wahlala ngaphandle ezindaweni ezingenabantu. Nokho baqhubeka beza kuye bevela kuzo zonke izinhlangothi. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “wayebacwilisa.”
Noma kungaba, “ukuthi ungubani.”