NgokukaMarku 4:1-41

  • IMIFANEKISO YOMBUSO (1-34)

    • Umhlwanyeli (1-9)

    • Okwenza uJesu wasebenzisa imifanekiso (10-12)

    • Kuchazwa umfanekiso womhlwanyeli (13-20)

    • Isibani asibekwa phansi kukabhasikidi (21-23)

    • Isikali enisisebenzisayo (24, 25)

    • Umhlwanyeli olalayo (26-29)

    • Uhlamvu lwesinaphi (30-32)

    • Ukusetshenziswa kwemifanekiso (33, 34)

  • UJesu uthulisa isiphepho (35-41)

4  Waphinde wafundisa eceleni kolwandle, isixuku esikhulu sabuthana eduze kwakhe. Ngakho wagibela esikebheni wahlala kuso kude nogu, kodwa sonke isixuku sasiseceleni kolwandle, ngasogwini. +  Wasifundisa izinto eziningi esebenzisa imifanekiso, + ngesikhathi esifundisa, wathi kuso: +  “Lalelani. Bhekani! Kwaphuma umhlwanyeli eyohlwanyela. +  Njengoba ehlwanyela, enye imbewu yawela eceleni kwendlela, kwafika izinyoni zayidla zayiqeda.  Enye yawela endaweni enamadwala eyayingenayo inhlabathi eningi, yamila ngokushesha ngenxa yokuthi inhlabathi yayingajulile. +  Kodwa lapho ilanga liphuma, yahanguka yabuna ngoba yayingenampande.  Enye imbewu yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, ayizange ithele. +  Kodwa enye yawela enhlabathini ekahle, njengoba ikhula futhi yanda, yaqala ukuthela, enye ithela izikhathi ezingu-30, enye ezingu-60, enye ezingu-100.” +  Wanezela wathi: “Onezindlebe zokulalela makalalele.” + 10  Lapho eseyedwa, labo ababemzungezile kanye nabayiShumi Nambili* baqala ukumbuza ngale mifanekiso. + 11  Wathi kubo: “Nina ninikwe imfihlo engcwele + yoMbuso kaNkulunkulu, kodwa kulabo abangaphandle zonke izinto zifundiswa ngemifanekiso, + 12  ukuze kuthi nakuba bebhekile, babheke kodwa bangaboni, nakuba bezwa, bezwe kodwa bangawutholi umqondo wako; futhi bangabuyeli kuNkulunkulu bathole intethelelo.” + 13  Ngaphezu kwalokho, wathi kubo: “Aniwazi lo mfanekiso, pho nizoyiqonda kanjani yonke eminye imifanekiso? 14  “Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. + 15  Laba-ke, yilabo abaseceleni kwendlela lapho izwi lihlwanyelwe khona; kodwa ngokushesha nje lapho sebelizwile, uSathane uyafika + athathe izwi elihlwanyelwe kubo. + 16  Ngokufanayo, laba yilabo abahlwanyelwe endaweni enamadwala; ngokushesha nje lapho bezwa izwi, balamukela ngenjabulo. + 17  Nokho abanampande, kodwa bayaqhubeka isikhathi esithile; ngokushesha lapho usizi noma ukushushiswa kuvela ngenxa yezwi, bayakhubeka. 18  Kukhona abanye futhi abahlwanyelwe phakathi kwameva. Laba yilabo abaye balizwa izwi, + 19  kodwa izinkathazo + zokuphila* namandla engcebo akhohlisayo *+ nezifiso + zazo zonke ezinye izinto kuyangena kuliminyanise izwi, lingatheli. 20  Ekugcineni, labo ababehlwanyelwe enhlabathini ekahle yilabo abalilalelayo izwi balamukele ngomusa futhi bathele izithelo—izikhathi ezingu-30, ezingu-60 nezingu-100.” + 21  Waphinde wathi kubo: “Isibani asilethelwa ukubekwa ngaphansi kukabhasikidi* noma ngaphansi kombhede, akunjalo? Asilethelwanga yini ukubekwa othini lwesibani? + 22  Ngoba akukho lutho olufihliwe olungeke luvele; akukho lutho olufihlwe ngokucophelela olungeke luvele obala. + 23  Noma ubani onezindlebe zokulalela, makalalele.” + 24  Waqhubeka wathi kubo: “Kunakeni lokho enikuzwayo. + Isikali enisisebenzisa kwabanye, kuyosetshenziswa sona nakini, futhi niyonikwa okuningi. 25  Ngoba noma ubani onokuthile uyonikwa okwengeziwe; + kodwa lowo ongenalutho, ngisho nalokho anakho kuyothathwa kuye.” + 26  Waqhubeka wathi: “Ngale ndlela uMbuso kaNkulunkulu ufana nomuntu ophonsa imbewu emhlabathini. 27  Uyalala ebusuku avuke ekuseni, imbewu iyahluma ikhule ibe yinde—ukuthi kanjani akazi. 28  Umhlabathi uzithelela ngokwawo isithelo kancane kancane, kuqala isiqu, bese kuba isihloko, ekugcineni kube izinhlamvu ezigcwele esihlokweni. 29  Kodwa ngokushesha nje lapho isithelo sesivuthiwe, ufaka isikela, ngoba isikhathi sokuvuna sesifikile.” 30  Waqhubeka wathi: “Singawufanisa nani uMbuso kaNkulunkulu, noma, singawuchaza ngamuphi umfanekiso? 31  Unjengohlamvu lwesinaphi, olwaluyimbewu encane kunazo zonke emhlabeni ngesikhathi luhlwanyelwa emhlabathini. + 32  Kodwa lapho seluhlwanyelwe, luyakhula lube lukhulu kunazo zonke ezinye izihlahla, lukhiphe amagatsha amakhulu ukuze izinyoni zezulu zikwazi ukuthola indawo yokuhlala ngaphansi komthunzi walo.” 33  Wayebafundisa izwi likaNkulunkulu ngemifanekiso + eminingi yalolo hlobo, uma nje besakwazi ukuqonda. 34  Ngempela, wayengakhulumi nabo ngaphandle komfanekiso, kodwa ngasese wayebachazela yonke into abafundi bakhe. + 35  Ngalolo suku sekuhwalele, wathi kubo: “Masiwelele ogwini olungaphesheya.” + 36  Ngakho, ngemva kokuba sebesihambisile isixuku, bamthatha ngesikebhe, njengoba ayekuso, futhi kwakukhona nezinye izikebhe ezahambisana naye. + 37  Kwabe sekuba nesiphepho esikhulu esinamandla, amagagasi ayelokhu ejikijeleka esikebheni, kangangokuba kwase kusele kancane ukuba isikebhe sigcwale amanzi. + 38  Kodwa yena wayengemuva esikebheni, elele.* Ngakho bamvusa bathi kuye: “Mfundisi, awunandaba yini nokuthi siyafa?” 39  Ngemva kwalokho wavuka wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Shh! Thula!” + Umoya wanqamuka, kwaba nokuzola okukhulu. 40  Ngakho wathi kubo: “Kungani nesaba kangaka? Anikabi nalo ukholo namanje?” 41  Kodwa bafikelwa ukwesaba okungajwayelekile, bakhuluma bodwa bethi: “Ungubani ngempela lo muntu? Ngisho nomoya nolwandle kuyamlalela.” +

Imibhalo yaphansi

Okuwukuthi, abaphostoli abangu-12.
Noma, “nengcebo ekhohlisa abaningi.”
Noma, “zalesi simiso sezinto; zale nkathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “kukabhasikidi wokukala.”
Noma, “elele emqamelweni.”