IzEnzo ZabaPhostoli 15:1-41

  • Kuphikiswana ngendaba yokusoka e-Antiyokiya (1, 2)

  • Le ndaba iyiswa eJerusalema (3-5)

  • Amadoda amadala nabaphostoli bayahlangana (6-21)

  • Incwadi evela endikimbeni ebusayo (22-29)

  • Amabandla akhuthazwa yincwadi (30-35)

  • UPawulu noBarnaba bayahlukana (36-41)

15  Abantu abathile behla bevela eJudiya, baqala ukufundisa abazalwane bethi: “Ngaphandle kokuba nisokwe ngokuvumelana nomthetho* kaMose, + ngeke nisindiswe.”  Kodwa ngemva kokuba sekuvele ukungezwani nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, kwahlelwa ukuba uPawulu, uBarnaba nabanye bakhuphukele kubaphostoli namadoda amadala eJerusalema + ngokuphathelene nale ndaba.*  Ngakho, ngemva kokuphelezelwa yibandla kancane, la madoda aqhubeka nendlela edabula iFenike neSamariya, elandisa ngokuningiliziwe ngokuguquka kwabantu bezizwe, lokho kwabajabulisa kakhulu bonke abazalwane.  Lapho efika eJerusalema, ibandla nabaphostoli namadoda amadala bawamukela ngomusa, abaxoxela izinto eziningi uNkulunkulu ayezenzile ngawo.  Kodwa abanye kulabo ababeseqenjini lenkolo* labaFarisi ababeye baba amakholwa, basukuma bathi: “Kudingekile ukubasoka nokubayala ukuba bagcine uMthetho KaMose.” +  Ngakho abaphostoli namadoda amadala bahlangana ukuze bayihlole le ndaba.  Ngemva kwengxoxo ende eshubile,* uPetru wasukuma wathi kubo: “Madoda, bafowethu, nazi kahle ukuthi kusukela ezinsukwini zakuqala uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abantu bezizwe balizwe ngomlomo wami izwi lezindaba ezinhle, bakholwe. +  UNkulunkulu owazi inhliziyo, + wafakaza ngokubanika umoya ongcwele, + njengoba nje enza nakithi.  Akenzanga mahluko nhlobo phakathi kwethu nabo, + kodwa wahlanza izinhliziyo zabo ngokholo. + 10  Pho kungani manje nivivinya uNkulunkulu ngokuthwesa abafundi ijoka + okhokho bethu kanye nathi esingakwazanga ukulithwala? + 11  Kunalokho, sinokholo lokuthi sisindisiwe ngomusa omkhulu weNkosi uJesu + ngendlela efanayo neyabo.” + 12  Lapho bezwa lokho, bonke bathula, baqala ukulalela uBarnaba noPawulu belandisa izibonakaliso nezimangaliso eziningi uNkulunkulu ayezenze ngabo phakathi kwezizwe. 13  Ngemva kokuba sebeqedile ukukhuluma, uJakobe waphendula, wathi: “Madoda, bafowethu, ngizweni. 14  USimeyoni + useyilandise ngokuphelele indlela manje uNkulunkulu asenaka ngayo izizwe ukuze athathe kuzo isizwe segama lakhe. + 15  Amazwi abaProfethi ayavumelana nalokhu, njengoba nje kulotshiwe: 16  ‘Ngemva kwalezi zinto ngiyobuya ngiphinde ngilivuse itende* likaDavide eliwele phansi; ngiyowakha kabusha amanxiwa alo ngilivuselele, 17  ukuze abantu abasele bamfune ngobuqotho uJehova,* kanye nabantu bazo zonke izizwe, abantu ababizwa ngegama lami, kusho uJehova,* owenza lezi zinto, + 18  ezaziwa kusukela kudala.’ + 19  Ngakho isinqumo* sami siwukuthi singabakhathazi labo abavela ezizweni abaphendukela kuNkulunkulu, + 20  kodwa sibabhalele ngenjongo yokuba badede ezintweni ezingcoliswe izithixo, + ekuziphatheni kabi ngokocansi, *+ ezintweni eziklinyiwe* nasegazini. + 21  Ngoba kusukela ezikhathini zasendulo, bekulokhu kunabantu abashumayela ngoMose idolobha nedolobha, befunda ngokuzwakalayo izincwadi zakhe emasinagogeni ngawo wonke amasabatha.” + 22  Abaphostoli namadoda amadala kanye nalo lonke ibandla, banquma ukuthumela amadoda akhethiwe phakathi kwabo ukuba aye e-Antiyokiya, kanye noPawulu noBarnaba; bathuma uJuda owayebizwa ngokuthi uBarsaba noSila, + ababengamadoda aholayo phakathi kwabazalwane. 23  Nakhu abakubhala bakuphathisa bona: “Abaphostoli namadoda amadala, abangabafowenu, kubafowethu e-Antiyokiya, + eSiriya naseKhilikhiya abavela ezizweni: Siyanibingelela! 24  Njengoba sizwile ukuthi kusuke abanye phakathi kwethu bakhuluma izinto ezinikhathazayo, + bezama ukuniphambukisa nakuba singabayalezanga, 25  sinqume ngazwi-linye ukukhetha amadoda, siwathumele kini kanye noBarnaba noPawulu esibathandayo, 26  abantu abanikele ngokuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. + 27  Ngakho-ke sithumela uJuda noSila, ukuze nabo babike lezi zinto ezifanayo ngomlomo. + 28  Ngoba ngosizo lomoya ongcwele + sikubone kukuhle ukunganezeli omunye umthwalo osindayo kini, ngaphandle kwalezi zinto ezidingekile: 29  ukuba niqhubeke nideda ezintweni ezihlatshelwe izithixo, + egazini, + ezintweni eziklinyiwe *+ nasekuziphatheni kabi ngokocansi. *+ Uma niqhubeka nideda kulezi zinto niyochuma. Mpilonhle!”* 30  Ngakho lapho la madoda ededelwa, ehlela e-Antiyokiya, aqoqela ndawonye lonke iqembu, alinikeza le ncwadi. 31  Ngemva kokuyifunda, lajabula ngaleso sikhuthazo. 32  UJuda noSila, njengoba nabo babengabaprofethi, bakhuthaza abazalwane ngezinkulumo eziningi, babaqinisa. + 33  Ngemva kokuchitha isikhathi esithile lapho, abazalwane babahambisa ngokuthula babuyela kulabo ababebathumile. 34  *—— 35  Kodwa uPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle zezwi likaJehova,* kanye nabanye abaningi. 36  Ngemva kwezinsuku ezithile, uPawulu wathi kuBarnaba: “Masibuyele* emuva sihambele abafowethu kuwo wonke amadolobha esamemezela kuwo izwi likaJehova,* ukuze sibone ukuthi banjani.” + 37  UBarnaba wayezimisele ukuthatha uJohane, owayebizwa ngokuthi uMarku, ukuba bahambe naye. + 38  Nokho, uPawulu wayengathandi ukumthatha bahambe naye, ngenxa yokuthi wayebashiyile ePhamfiliya akayanga nabo emsebenzini. + 39  Kwaqhuma intukuthelo enkulu, baze bahlukana; uBarnaba + wathatha uMarku bahamba ngomkhumbi baya eKhupro. 40  UPawulu wakhetha uSila wahamba ngemva kokuba abazalwane sebemnikele kuJehova* ukuze ambonise umusa omkhulu. + 41  Wadabula iSiriya neKhilikhiya, eqinisa amabandla.

Imibhalo yaphansi

Noma, “nesiko.”
Noma, “nalokhu kuphikisana.”
Noma, “ababengabehlelo.”
Noma, “kokuphikisana okukhulu.”
Noma, “idokodo; indlu.”
Noma, “umbono.”
Noma, “ezibulawe zingophiswanga.”
NgesiGreki, por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “ezibulawe zingophiswanga.”
Noma, “Nisale kahle.”
NgesiGreki, por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma kungaba, “Nakanjani masibuyele.”