IzEnzo ZabaPhostoli 11:1-30

  • UPetru ubikela abaphostoli (1-18)

  • UBarnaba noSawulu base-Antiyokiya yaseSiriya (19-26)

    • Abafundi baqala ukubizwa ngokuthi amaKristu (26)

  • U-Agabu ubikezela indlala (27-30)

11  Abaphostoli nabazalwane ababeseJudiya bezwa ukuthi abantu bezizwe nabo balamukele izwi likaNkulunkulu.  Ngakho lapho uPetru ekhuphukela eJerusalema, abantu ababenamathele emthethweni wokusoka + baqala ukumgxeka,*  bethi: “Wena ungene endlini yabantu abangasokile wadla nabo.”  UPetru wabe esebachazela yonke into wathi:  “Ngangisedolobheni laseJopha ngithandaza, ngabona umbono, kwehla okuthile* okunjengendwangu enkulu yelineni yehliselwa emhlabeni ngamakhona ayo amane kuvela ezulwini, kwehla kweza ngqo kimi. +  Lapho ngikubukisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, izilo zasendle, izilwane ezinwabuzelayo* nezinyoni zezulu.  Ngezwa izwi lithi kimi: ‘Vuka Petru, hlaba udle!’  Kodwa ngathi: ‘Lutho neze Nkosi, ngoba into engcolile noma engahlanzekile ayikaze ingene emlonyeni wami.’  Izwi labuya okwesibili livela ezulwini, laphendula lathi: ‘Yeka ukubiza izinto uNkulunkulu azihlanzile ngokuthi zingcolile.’ 10  Lokhu kwenzeka okwesithathu, konke kwaphinde kwabuyiselwa ezulwini. 11  Ngaso leso sikhathi, kwakunamadoda amathathu ayemi endlini esasihleli kuyo, ethunywe kimi evela eKhesariya. + 12  Umoya wangitshela ukuba ngihambe nawo, ngingangabazi neze. Laba bazalwane abayisithupha bahamba nami, sangena endlini yaleyo ndoda. 13  “Yasibikela indlela eyabona ngayo ingelosi ima endlini yayo ithi: ‘Thuma abantu eJopha ukuba balande uSimoni obizwa ngokuthi uPetru, + 14  uzokutshela izinto ongase usindiswe ngazo wena nayo yonke indlu yakho.’ 15  Kodwa lapho ngiqala ukukhuluma, umoya ongcwele wehlela phezu kwabo njengoba nje wehlela naphezu kwethu ekuqaleni. + 16  Ngabe sengikhumbula amazwi eNkosi, yayivame ukuthi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi, + kodwa nina nizobhapathizwa ngomoya ongcwele.’ + 17  Ngakho-ke, uma uNkulunkulu ebanike isipho sesihle esifanayo naleso asinika sona thina esiye sakholwa eNkosini uJesu Kristu, bengingubani mina ukuba ngime endleleni* kaNkulunkulu?” + 18  Lapho bezwa lezi zinto, bayeka ukuphikisa,* bakhazimulisa uNkulunkulu, bethi: “Kusobala ukuthi uNkulunkulu unike nabantu bezizwe ithuba lokuphenduka ngenjongo yokuba bathole ukuphila.” + 19  Labo ababehlakazwe + usizi olwaqubuka ngoStefanu bahamba baze bayofika eFenike, eKhupro nase-Antiyokiya, kodwa beshumayela kumaJuda kuphela. + 20  Nokho, amanye amadoda phakathi kwabo avela eKhupro naseKhurene afika e-Antiyokiya ashumayeza abantu abakhuluma isiGreki, ememezela izindaba ezinhle zeNkosi uJesu. 21  Ngaphezu kwalokho, isandla sikaJehova* sasinawo, isibalo esikhulu saba amakholwa saphendukela eNkosini. + 22  Umbiko ophathelene nabo wafika ezindlebeni zebandla laseJerusalema, lathumela uBarnaba + e-Antiyokiya. 23  Lapho efika, ebona umusa omkhulu kaNkulunkulu, wajabula wabakhuthaza bonke ukuba baqhubeke beqotho eNkosini; + 24  ngoba wayeyindoda enhle negcwele umoya ongcwele nokholo. Kwanezelwa isixuku esikhulu eNkosini. + 25  Ngakho waya eTarsu eyofuna uSawulu yonke indawo. + 26  Lapho esemtholile, wamletha e-Antiyokiya. Kwaphela unyaka wonke behlangana ndawonye nabo ebandleni bafundise isixuku esikhulu impela, kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi babizwe ngokuthi amaKristu, ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. + 27  Kulezo zinsuku, abaprofethi + behlela e-Antiyokiya bevela eJerusalema. 28  Omunye wabo ogama lakhe lingu-Agabu + wasukuma wabikezela ngomoya ukuthi kukhona indlala enkulu eyayizokwehlela wonke umhlaba, + eyaba khona ngempela esikhathini sikaKlawudiyu. 29  Ngakho abafundi banquma, yilowo nalowo ngokwalokho ayenamandla okukwenza, + ukuba bathumele* usizo + kubazalwane abahlala eJudiya; 30  lokhu bakwenza, beluthumela emadodeni amadala besebenzisa uBarnaba noSawulu. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ukuphikisana naye.”
NgesiGreki, “uhlobo oluthile lwesitsha.”
Noma, “izinto ezihuquzelayo.”
Noma, “ngiphazamise.”
NgesiGreki, “bathula.”
Noma, “benze inkonzo yokuthumela.”