KwabaseRoma 5:1-21

  • Ukubuyisana noNkulunkulu ngoKristu (1-11)

  • Ukufa kwangena ngo-Adamu, ukuphila ngoKristu (12-21)

    • Isono nokufa kwasakazekela kubantu bonke (12)

    • Isenzo esisodwa sokulunga (18)

5  Ngakho, njengoba sekuthiwe silungile ngenxa yokholo, + masijabulele ukuthula* noNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, +  esikwaze ngayo ukungena ngokholo kulo musa omkhulu esimi kuwo manje; + masijabule* ngokusekelwe ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu.  Kungagcini nje lapho, kodwa masijabule* lapho sisezinsizini, + njengoba sazi ukuthi usizi luveza ukukhuthazela; +  ukukhuthazela kona kuveza ukwamukeleka; + ukwamukeleka kona kuveza ithemba, +  ithemba aliholeli ekudumazekeni; + ngoba uthando lukaNkulunkulu luthululelwe ezinhliziyweni zethu ngomoya ongcwele esawuphiwa. +  Ngoba impela ngesikhathi sisebuthakathaka, + ngesikhathi esimisiwe uKristu wafela abantu abangamhloniphi uNkulunkulu.  Ngoba mancane amathuba okuthi kube nomuntu ongafela umuntu olungile; nakuba mhlawumbe kungase kube khona onesibindi sokufela umuntu omuhle.  Kodwa uNkulunkulu usibonisa uthando lwakhe siqu ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela. +  Ngakho njengoba manje sekuthiwa silungile ngegazi lakhe, + nakanjani siyosindiswa ngaye olakeni lukaNkulunkulu. + 10  Ngoba uma lapho siseyizitha sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, + siyosindiswa kakhulu kangakanani-ke ngokuphila kwayo njengoba sesibuyisene. 11  Akukhona lokho kuphela, kodwa futhi siyajabula ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esikuthole ngayo lokhu kubuyisana. + 12  Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, + ngaleyo ndlela ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile +—. 13  Ngoba isono sasikhona ezweni ungakafiki uMthetho, kodwa isono asibalelwa kumuntu uma kungekho mthetho. + 14  Noma kunjalo, ukufa kwabusa njengenkosi kusukela ku-Adamu kwehle kuze kufike kuMose, ngisho naphezu kwalabo ababengonanga ngendlela u-Adamu ona ngayo, lowo ngandlela-thile ofana nalowo owayezokuza. + 15  Kodwa isipho asifani nesiphambeko. Ngoba ngesiphambeko somuntu oyedwa kwafa abaningi, ngendlela efanayo ngomusa omkhulu womuntu oyedwa, abaningi bathola umusa omkhulu kaNkulunkulu nesipho sakhe sesihle ngomusa omkhulu ngalo muntu oyedwa, + uJesu Kristu. + 16  Ngaphezu kwalokho, isipho sesihle nesono esenziwa yilowo muntu oyedwa kunemiphumela engafani. + Ngoba isiphambeko esisodwa senza kwathiwa bonke abantu banecala, + kodwa isipho sesihle esaba khona ngenxa yeziphambeko eziningi senza kwathiwa abantu abaningi balungile. + 17  Ngoba uma ngesiphambeko salo muntu oyedwa ukufa kwabusa njengenkosi ngaye lowo, + labo abamukela insada* yomusa omkhulu neyesipho sesihle sokulunga + bayobusa kakhulu kangakanani-ke njengamakhosi + ekuphileni ngomuntu oyedwa, uJesu Kristu! + 18  Ngakho, njengoba nje ngesiphambeko esisodwa umphumela kubantu bazo zonke izinhlobo waba ukulahlwa, + ngokufanayo, ngesenzo esisodwa sokulunga, umphumela kubantu bazo zonke izinhlobo + uwukuba kuthiwe balungile kube ukuphila. + 19  Ngoba njengoba nje ngokungalaleli komuntu oyedwa abaningi baba yizoni, + ngokufanayo, ngokulalela komuntu oyedwa abaningi bayoba abalungile. + 20  Kamuva kwaba khona uMthetho ukuze abantu babone ukuthi benza iziphambeko eziningi. + Kodwa lapho abantu benza izono eziningi, umusa omkhulu waba mningi ngisho nakakhulu. 21  Ngayiphi injongo? Ukuze njengoba nje isono sabusa kanye nokufa njengenkosi, + ngokufanayo nomusa omkhulu ubuse njengenkosi ngokulunga okuholela ekuphileni okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu. +

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “sinokuthula.”
Noma kungaba, “siyathokoza.”
Noma kungaba, “siyathokoza.”
Noma, “intilibathwa.”