KwabaseRoma 13:1-14

  • Ukuzithoba emagunyeni (1-7)

    • Ukukhokha izintela (6, 7)

  • Uthando lugcwalisa uMthetho (8-10)

  • Hambani njengokungathi kusemini (11-14)

13  Wonke umuntu makazithobe emagunyeni aphakeme, + ngoba alikho igunya elingaveli kuNkulunkulu; + amagunya akhona ami ezikhundleni zawo ezilinganiselwe evunyelwe uNkulunkulu. +  Ngakho noma ubani ophikisa igunya umelene nohlelo lukaNkulunkulu; labo abamelana nalo bayothola isahlulelo.  Ngoba labo babusi bayinto yokwesatshwa, abesatshwa yilabo abenza okuhle, kodwa besatshwa yilabo abenza okubi. + Ingabe uyafuna ukungalesabi igunya? + Qhubeka wenza okuhle, uyoba nodumo oluvela kulo;  ngoba liyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe ukuze uzuze. Kodwa uma wenza okubi, yesaba, ngoba aliyiphathele ize inkemba. Liyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli oletha isijeziso* kulowo owenza okubi.  Ngakho kunesidingo sokuba nizithobe, hhayi nje ngenxa yalolo laka kodwa nangenxa kanembeza wenu. +  Yingakho futhi nikhokha izintela; ngoba ayizinceku zikaNkulunkulu zomphakathi ezihlale zikhonza ngokuvumelana nale njongo.  Nikani bonke lokho okubafanele: lowo ofuna intela, intela; + lowo ofuna inkokhiso, inkokhiso; lowo ofuna ukwesatshwa, ukwesaba okunjalo; + lowo ofuna udumo, udumo olunjalo. +  Makungabi bikho noyedwa enimkweleta okuthile, ngaphandle kokuthandana; + ngoba noma ubani othanda omunye umuntu uwugcwalisile umthetho. +  Ngoba umthetho uthi, “Ungaphingi, + ungabulali, + ungebi, + ungahahi,” + nanoma yimuphi omunye umyalo okhona, uhlanganiswe kula mazwi athi, “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” + 10  Uthando alwenzi okubi kumakhelwane womuntu; + ngakho, uthando luwukugcwaliswa komthetho. + 11  Yenzani lokhu, ngoba niyayazi inkathi, ukuthi kakade sekuyihora lokuba niphaphame ebuthongweni, + ngoba manje insindiso yethu isiseduze kakhulu kunangesikhathi siba amakholwa. 12  Ubusuku sebuqhubeke kakhulu; imini isisondele. Ngakho masilahle imisebenzi yobumnyama + sigqoke izikhali zokukhanya. + 13  Masiphile ukuphila okufanele + njengokungathi kusemini, ukuphila okungenayo imicimbi* exokozelayo nokudakwa, okungenakho ukuziphatha kabi ngokocansi nokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo, *+ okungenakho ukuxabana nomhawu. + 14  Kodwa lingisani* iNkosi uJesu Kristu, + ningazihleleli kusengaphambili izifiso zenyama. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “obonisa ulaka.”
Noma, “amaphathi.”
Noma, “nezenzo zokuziphatha okuyichilo.” Inkulumo esebuningini yegama lesiGreki elithi a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiGreki, “gqokani.”