UMika 5:1-15

  • Umbusi oyoba mkhulu emhlabeni wonke (1-6)

    • Umbusi uyovela eBhetlehema (2)

  • Abasele bayoba njengamazolo nanjengebhubesi (7-9)

  • Izwe lizokwenziwa lihlanzeke (10-15)

5  “Manje uyazisika,O ndodakazi ehlaselwayo;Sivinjezelwe. + Bashaya umahluleli ka-Israyeli ngenduku esihlathini. +   Nawe Bhetlehema-Efratha, +Wena omncane kakhulu ukuba ube phakathi kwemindeni* yakwaJuda,Kuwe ngiyophunyelwa ozoba umbusi kwa-Israyeli, +Osiqalo sakhe sisukela ezikhathini zasendulo, ezinsukwini zakudala.   Ngakho uyobanikelaKuze kube yisikhathi lapho obelethayo ebeletha. Bonke abanye abafowabo bayobuyela kubantu bakwa-Israyeli.   Uyokuma eluse ngamandla kaJehova, +Ngokuphakama kwegama likaJehova uNkulunkulu wakhe. Bayohlala ngokulondeka, +Ngoba manje ubukhulu bakhe buyofinyelela emaphethelweni omhlaba. +   Uyoletha ukuthula. + Uma kwenzeka umAsiriya ehlasela izwe lakithi, anyathele imibhoshongo yethu eqinile, +Siyomvusela abelusi abayisikhombisa bamelane naye, yebo, izikhulu* zesintu ezingu-8.   Ziyokwelusa izwe lase-Asiriya ngenkemba, +Zeluse nezwe likaNimrode + emasangweni alo. Uyosikhulula kumAsiriya +Lapho ehlasela izwe lakithi, enyathela endaweni yakithi.   Abasele bakaJakobe bayoba phakathi kwezizwe eziningiNjengamazolo avela kuJehova,Njengezihlambi zemvula ezimatisa izitshaloEzingathembele kumuntuNoma ezingalindeli amadodana abantu.   Abasele bakaJakobe bayoba phakathi kwezizwe,Phakathi kwezizwe eziningi,Njengebhubesi phakathi kwezilwane eziyingozi zasendle,Njengebhubesi eliselincane* phakathi kwemihlambi yezimvu,Elidlulayo linyathele futhi lidwengule;Angabi khona ozobakhulula.   Isandla sakho siyophakama ngaphezu kwabaphikisana nawe,Zonke izitha zakho ziyobhujiswa.” 10  “Ngalolo suku,” kusho uJehova,“Ngiyowaqeda amahhashi akho ngibhubhise nezinqola zakho. 11  Ngiyobhubhisa amadolobha ezwe lakhoNgidilize zonke izindawo zakho ezinezivikelo eziqinile. 12  Ngiyoqeda ukuthakatha okwenzayo,Akekho owenza imilingo oyosala phakathi kwakho. + 13  Ngiyobhubhisa izithombe zakho ezibaziwe nezinsika zakho phakathi kwakho,Ngeke uphinde ukhothamele imisebenzi yezandla zakho. + 14  Ngiyokhipha izigxobo zakho ezingcwele *+ phakathi kwakho,Ngibhuqe amadolobha akho. 15  Ngentukuthelo nangolaka ngiyophindiselaEzizweni ezingalalelanga.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “kwezinkulungwane.”
Noma, “abaholi.”
Noma, “Njengebhongo lebhubesi elinomhlwenga.”