NgokukaLuka 22:1-71

  • Abapristi baceba ukubulala uJesu (1-6)

  • Amalungiselelo ePhasika lokugcina (7-13)

  • Ukusungulwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa (14-20)

  • ‘Umuntu ozonginikela ukanye nami etafuleni’ (21-23)

  • Impikiswano eshubile ngokuthi ubani omkhulu (24-27)

  • Isivumelwano sikaJesu sombuso (28-30)

  • Ukuphika kukaPetru kuyabikezelwa (31-34)

  • Isidingo sokuma ngomumo; izinkemba ezimbili (35-38)

  • Umthandazo kaJesu eNtabeni Yeminqumo (39-46)

  • UJesu uyaboshwa (47-53)

  • UPetru uphika uJesu (54-62)

  • Kuhlekiswa ngoJesu (63-65)

  • Icala phambi kweSanhedrini (66-71)

22  UMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, obizwa ngokuthi iPhasika, + wawusondela. +  Abapristi abakhulu nababhali babefuna indlela ekahle yokumbulala, + ngoba babesaba abantu. +  USathane wangena kuJuda, okuthiwa u-Iskariyothe, owayengomunye wabayiShumi Nambili, +  wahamba wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna zethempeli ngokuthi wayezomnikela kanjani uJesu kubo. +  Kwabajabulisa kakhulu lokho futhi bavuma ukumnika imali yesiliva. +  Ngakho wavuma, waqala ukufuna ithuba elihle lokumkhaphela singekho isixuku eduze.  Lwafika usuku lweSinkwa Esingenamvubelo, okumelwe kwenziwe ngalo umhlatshelo wePhasika; +  ngakho uJesu wathuma uPetru noJohane, wathi: “Hambani nisilungisele iPhasika ukuze sidle.” +  Bathi kuye: “Ufuna sililungiselele kuphi?” 10  Wathi kubo: “Bhekani! Lapho ningena edolobheni nizohlangana nendoda ethwele imbiza yamanzi. Yilandeleni ningene endlini engena kuyo. + 11  Nithi kumninindlu, ‘UMfundisi uthi kuwe: “Liphi ikamelo lezimenywa engingadlela kulo iPhasika kanye nabafundi bami?” ’ 12  Lowo muntu uzonibonisa ikamelo elikhulu eliphezulu elinefenisha. Lilungiseleni lapho.” 13  Ngakho bahamba bathola kunjengoba nje eshilo kubo, balungiselela iPhasika. 14  Lapho ihora lifika, wahlala etafuleni kanye nabaphostoli. + 15  Wathi kubo: “Bengifisa kakhulu ukulidla nani leli Phasika ngaphambi kokuba ngihlupheke; 16  ngoba ngiyanitshela, ngeke ngiphinde ngilidle lize ligcwaliseke eMbusweni kaNkulunkulu.” 17  Emukela indebe, wabonga wayesethi: “Thathani lokhu nidluliselane kona, 18  ngoba ngiyanitshela, kusukela manje kuqhubeke, ngeke ngisawuphuza umkhiqizo wamagilebhisi uze ufike uMbuso kaNkulunkulu.” 19  Wathatha nesinkwa, + wabonga, wasihlephula, wabanika sona, wathi: “Lokhu kusho umzimba wami + ozonikelwa ngenxa yenu. + Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” + 20  Wenza okufanayo nangendebe ngemva kokudla isidlo sakusihlwa, wathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha + esenziwa ngegazi lami, + elizothululwa ngenxa yenu. + 21  “Kodwa bhekani! Isandla somuntu ozonginikela sikanye nami etafuleni. + 22  Ngoba ngempela iNdodana yomuntu iyahamba njengoba nje kunqunyiwe; + noma kunjalo, maye kulowo muntu ekhashelwa ngenxa yakhe!” + 23  Ngakho baqala ukukhuluma bodwa ngokuthi ubani kubo ngempela okwakungaba nguye owayezokwenza lokhu. + 24  Nokho, kwaphakama impikiswano evuthayo phakathi kwabo ngokuthi ubani kubo owayebonakala emkhulu kunabo bonke. + 25  Kodwa wathi kubo: “Amakhosi ezizwe azenza izingqongqo phezu kwazo, nalabo abanegunya phezu kwazo babizwa ngokuthi aBenzi Bokuhle. + 26  Nokho, nina akumelwe nibe njalo. + Kodwa omkhulu kunani nonke makabe njengomncane kunani nonke, + nalowo oholayo abe njengokhonzayo. 27  Ngoba yimuphi omkhulu, yilowo odla* etafuleni noma yilowo okhonzayo? Akuyena yini lowo odla* etafuleni? Kodwa mina ngiphakathi kwenu njengalowo okhonzayo. + 28  “Nokho, nina aningishiyanga + ekulingweni kwami; + 29  ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano sombuso + nami, 30  ukuze nidle futhi niphuze etafuleni lami eMbusweni wami, + nihlale ezihlalweni zobukhosi + ukuze nahlulele izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli. + 31  “Simoni, Simoni, bheka! USathane uyanifuna ukuze nonke anihlunge njengokolweni. + 32  Kodwa wena ngikunxusele ukuba ukholo lwakho lungapheli; + wena, lapho nje usubuyile, uqinise abafowenu.” + 33  Yena wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe kokubili ejele nasekufeni.” + 34  Kodwa wathi: “Ngiyakutshela Petru, iqhude ngeke likhale namuhla kuze kube yilapho usuphike kathathu ukuthi uyangazi.” + 35  Wathi futhi kubo: “Lapho nginithuma ningenasikhwama semali nasikhwama sokudla nazimbadada, + anizange niswele lutho, akunjalo?” Bathi: “Kunjalo!” 36  Wabe esethi kubo: “Kodwa manje onesikhwama semali makasithathe, ngokufanayo nesikhwama sokudla, futhi ongenayo inkemba makathengise ingubo yakhe yangaphandle ayithenge. 37  Ngoba ngiyanitshela ngithi okulotshiwe kumelwe kufezeke kimi, okuwukuthi, ‘Wabalwa kanye nabangenamthetho.’ + Ngoba kuyagcwaliseka lokho okuphathelene nami.” + 38  Ngemva kwalokho bathi: “Nkosi, bheka! Nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.” 39  Lapho ephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengokujwayelekile, abafundi nabo bamlandela. + 40  Esefikile kuleyo ndawo wathi kubo: “Thandazani ningayeki, ukuze ningangeni esilingweni.” + 41  Waqhela kubo cishe ngebanga umuntu angaphonsa ngalo itshe, waguqa ngamadolo wathandaza, 42  wathi: “Baba, uma uthanda, susa le ndebe kimi. Noma kunjalo, makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” + 43  Ngemva kwalokho ingelosi evela ezulwini yabonakala kuye futhi yamqinisa. + 44  Kodwa ngendlela ayenomunyu ngayo, waqhubeka ethandaza ngobuqotho nakakhulu; + izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini. 45  Lapho esukuma ngemva kokuthandaza, waya kubafundi bakhe, wabathola belele, bekhathele ngenxa yosizi. + 46  Wathi kubo: “Nilaleleni? Vukani, nithandaze ningayeki, ukuze ningangeni esilingweni.” + 47  Esakhuluma, kwaqhamuka isixuku, siholwa umuntu okuthiwa uJuda, omunye wabayiShumi Nambili, waya kuJesu ukuze amqabule. + 48  Kodwa uJesu wathi kuye: “Juda, ingabe unikela ngeNdodana yomuntu ngokuyiqabula?” 49  Lapho labo ababeseduze naye bebona okwakuzokwenzeka, bathi: “Nkosi, sigalele yini ngenkemba?” 50  Omunye wabo waze ngisho wagalela inceku yompristi ophakeme, wayisusa indlebe yesokudla. + 51  Kodwa uJesu wathi: “Kwanele.” Wayithinta indlebe wayiphulukisa. 52  UJesu wabe esethi kubapristi abakhulu nasezinduneni zethempeli nasemadodeni amadala ababeze lapho kuye: “Ingabe nize nezinkemba nemishiza njengokungathi nizobopha isigebengu? + 53  Ngesikhathi nginani ethempelini usuku nosuku + anizange nibeke izandla zenu kimi. + Kodwa leli ihora lenu negunya lobumnyama.” + 54  Ngemva kwalokho bambopha, bamhola + bamngenisa endlini yompristi ophakeme; kodwa uPetru wayelandela ekude. + 55  Lapho bebasa umlilo phakathi negceke behlala phansi ndawonye, uPetru wayehlezi phakathi kwabo. + 56  Kodwa intombazane eyinceku, yambona ehlezi emlilweni, yambukisisa yathi: “Lo muntu naye ubekanye naye.” 57  Kodwa waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.” 58  Ngemva kwesikhashana omunye umuntu wambona wathi: “Nawe futhi ungomunye wabo.” Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angiyena.” + 59  Cishe ngemva kwehora, omunye umuntu waphikelela egomela ethi: “Impela lo muntu naye ubekanye naye, ngoba eqinisweni, ungowaseGalile!” 60  Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angiyazi le nto oyishoyo.” Ngaso leso sikhathi, esakhuluma, iqhude lakhala. 61  INkosi yaphenduka yambheka ngqo uPetru, uPetru wawakhumbula amazwi eNkosi lapho ithi kuye: “Ngaphambi kokuba iqhude likhale namuhla uzongiphika kathathu.” + 62  Waphumela ngaphandle wakhala kalusizi. 63  Amadoda ayebambe uJesu aqala ukuhlekisa ngaye, + emshaya; + 64  ngemva kokumboza ubuso bakhe, ayelokhu embuza ethi: “Profetha! Ubani okushayile?” 65  Asho nezinye izinto eziningi emhlambalaza. 66  Lapho kusa, umkhandlu wamadoda amadala abantu, kokubili abapristi abakhulu nababhali, wahlangana ndawonye, + wamyisa ehholo lawo leSanhedrini, uthi: 67  “Uma unguye uKristu, sitshele.” + Kodwa wathi kuwo: “Ngisho noma nginganitshela, ngeke nhlobo nikukholwe. 68  Ngaphezu kwalokho, uma benginganibuza, beningeke niphendule. 69  Nokho, kusukela manje kuqhubeke iNdodana yomuntu + izobe ihlezi esandleni sokudla sikaNkulunkulu esinamandla.” + 70  Ngemva kwalokho, onke athi: “Ngakho-ke, ingabe uyiNdodana kaNkulunkulu?” Wathi kuwo: “Nina ngokwenu nithi ngiyiyo.” 71  Athi: “Sisabudingelani obunye ubufakazi? Ngoba thina ngokwethu sikuzwe ngomlomo wakhe siqu.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ohlezi.”
Noma, “ohlezi.”