UJeremiya 10:1-25

  • Onkulunkulu bezizwe baqhathaniswa noNkulunkulu ophilayo (1-16)

  • Ukubhujiswa nokudingiswa kuyeza (17, 18)

  • UJeremiya usosizini (19-22)

  • Umthandazo womprofethi (23-25)

    • Umuntu akakwazi ukuqondisa isinyathelo sakhe (23)

10  Yizwani izwi uJehova alikhulumile ngokumelene nani, nina ndlu ka-Israyeli.  Yilokhu uJehova akushoyo: “Ningayifundi imikhuba yezizwe, +Ningesatshiswa yizinkanyiso ezisemkhathiniNgoba izizwe ziyazesaba. +   Amasiko ezizwe ayize.* Umbazi ugawula isihlahla ehlathini,Bese enza ngaso isithombe esibaziwe. +   Basihlobisa ngesiliva nangegolide +Basishayelele ngesando nangezipikili ukuze singawi. +   Zinjengesithusamagwababa ensimini yamakhukhamba, azikwazi ukukhuluma; +Kufanele zithwalwe, ngoba azikwazi ukuhamba. + Ningazesabi, ngoba azinakulimaza muntu,Futhi azikwazi kwenza lutho oluhle.” +   O Jehova akekho onjengawe. + Wena umkhulu, igama lakho likhulu linamandla.   Ngubani okungafanele akwesabe, Nkosi yezizwe, + ngoba kufanele wesatshwe;Ngoba phakathi kwabo bonke abahlakaniphile kuyo yonke imibuso yomhlaba,Akekho nhlobo onjengawe. +   Bonke abanangqondo bayiziphukuphuku. + Ukufundiswa yisithombe esibaziwe akusizi ngalutho. *+   Kulethwa isiliva eliyizingcwecwe elivela eTharishishi, + negolide elivela e-Ufazi,Umsebenzi wengcweti, wezandla zosebenza ngensimbi. Izembatho zazo zenziwe ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka noboya obuphephuli. Zonke zenziwe yizingcweti. 10  Kodwa uJehova unguNkulunkulu ngempela. UnguNkulunkulu ophilayo + neNkosi yaphakade. + Ngenxa yentukuthelo yakhe umhlaba uyozamazama, +Azikho izizwe eziyokwazi ukumelana nentukuthelo yakhe. 11  * Yilokhu okufanele nikusho kuzo: “Onkulunkulu abangawadalanga amazulu nomhlabaBayoshabalala emhlabeni nangaphansi kwala mazulu.” + 12  Wenza umhlaba ngamandla akhe,Yena owamisa izwe elikhiqizayo ngokuhlakanipha kwakhe +Nowelula amazulu ngokuqonda kwakhe. + 13  Lapho kuzwakala izwi lakhe,Amanzi emazulwini ayahlokoma, +Ubangela ukuba amafu* enyuke esuka emikhawulweni yomhlaba. + Wenzela imvula umbani,Akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe. + 14  Wonke umuntu wenza ngokungacabangi nangokungabi nalwazi. Wonke umuntu osebenza ngensimbi uyohlazeka ngenxa yesithombe esibaziwe; +Ngoba isithombe sakhe sensimbi* singamanga,Awukho umoya kuzo. + 15  Ziyinkohliso,* umsebenzi wokwenziwa inhlekisa. + Lapho usuku lokubhujiswa kwazo lufika, ziyoshabalala. 16  OyiSabelo SikaJakobe akafani nalezi zinto,Ngoba nguYe owadala zonke izinto,U-Israyeli uyingxenye eyigugu kakhulu yefa lakhe. + NguJehova wamabutho igama lakhe. + 17  Phakamisa umthwalo wakho uwususe emhlabathini,Wena wesifazane obhekene nosizi. 18  Ngoba yilokhu uJehova akushoyo: “Bheka manje ngiyazixosha* izakhamuzi zezwe, +Ngizozibangela ukucindezeleka.” 19  Maye ngenxa yokwephuka kwami! + Inxeba lami alelapheki. Ngithe: “Impela lokhu kuyisifo sami, ngizosibekezelela. 20  Itende lami licekelwe phansi, nezintambo zetende lami zigqashuliwe zonke. + Amadodana ami angishiyile, awasekho. + Akusekho muntu ozokwelula itende lami noma ozophakamisa izindwangu zetende lami. 21  Ngoba abelusi baziphathe ngokungenangqondo, +Abazange babuze kuJehova. + Yingakho bengenzanga ngokuqondisisa,Yonke imihlambi yabo ihlakazekile.” + 22  Lalela! Umbiko! Uyeza! Ukuzamazama okukhulu okuvela ezweni elisenyakatho, +Ukuze amadolobha akwaJuda enziwe incithakalo, indawo ehlala izimpungushe. + 23  Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu akuyona eyakhe. Akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe. + 24  Ngiqondise, Jehova, ngendlela oyibona ifanele,Kodwa hhayi ngentukuthelo, + ukuze ungangibhubhisi. + 25  Thululela ulaka lwakho phezu kwezizwe ezingakunaki, +Naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho. Ngoba zimshwabadele uJakobe, +Ngempela zimshwabadele zaze zacishe zamqeda, +Izwe lakhe zilenze incithakalo. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ayinto engasizi ngalutho.”
Noma, “kuyize.”
Ivesi 11 lalibhalwe ngesi-Aramu ekuqaleni.
Noma, “imihwamuko.”
Noma, “esenziwe ngokuncibilikisiwe.”
Noma, “Ziyize.”
Noma, “ngiyazijikijela.”