Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJeremiya

Izahluko

Okuphakathi

  • 1

    • UJeremiya umiswa njengomprofethi (1-10)

    • Umbono wesihlahla som-alimondi (11, 12)

    • Umbono webhodwe lokupheka (13-16)

    • UJeremiya uqiniselwa umsebenzi awuthunyiwe (17-19)

  • 2

    • U-Israyeli ushiya uJehova akhonze abanye onkulunkulu (1-37)

      • U-Israyeli ufana namagilebhisi asendle (21)

      • Imiphetho yezingubo zakhe ichaphazelwe yigazi (34)

  • 3

    • Ukujula kokuhlubuka kuka-Israyeli (1-5)

    • U-Israyeli noJuda banecala lokuphinga (6-11)

    • Banxuswa ukuba baphenduke (12-25)

  • 4

    • Ukuphenduka kuletha izibusiso (1-4)

    • Inhlekelele izoza ivela enyakatho (5-18)

    • UJeremiya uzwa ubuhlungu ngenhlekelele ezayo (19-31)

  • 5

    • Abantu bayasenqaba isiyalo sikaJehova (1-13)

    • Ukubhujiswa kodwa hhayi ukuqothulwa ngokuphelele (14-19)

    • UJehova uyabajezisa abantu (20-31)

  • 6

    • Ukuvinjezelwa kweJerusalema kuseduze (1-9)

    • UJehova ulithukuthelele iJerusalema (10-21)

      • Bathi “Kukhona ukuthula!” kube kungekho ukuthula (14)

    • Ukuhlasela okunonya okuvela enyakatho (22-26)

    • UJeremiya uba umvivinyi wensimbi (27-30)

  • 7

    • Ukuzikhohlisa ngokuthembela ethempelini likaJehova (1-11)

    • Ithempeli lizoba njengeShilo (12-15)

    • Ukukhulekela kwamanga kuyalahlwa (16-34)

      • Kukhonzwa “iNdlovukazi Yezulu” (18)

      • Kwenziwa imihlatshelo ngezingane eHinomu (31)

  • 8

    • Abantu bakhetha ukuphila ngendlela ethandwayo (1-7)

    • Kunakuhlakanipha kuni ngaphandle kwezwi likaJehova? (8-17)

    • UJeremiya ulilela ukwaphuka kukaJuda (18-22)

      • “Alikho yini ibhalsamu eGileyadi?” (22)

  • 9

    • Ukudabuka okujulile kukaJeremiya (1-3a)

    • UJehova ujezisa uJuda (3b-16)

    • Ukulilela uJuda (17-22)

    • Ukuzigabisa ngokwazi uJehova (23-26)

  • 10

    • Onkulunkulu bezizwe baqhathaniswa noNkulunkulu ophilayo (1-16)

    • Ukubhujiswa nokudingiswa kuyeza (17, 18)

    • UJeremiya usosizini (19-22)

    • Umthandazo womprofethi (23-25)

      • Umuntu akakwazi ukuqondisa isinyathelo sakhe (23)

  • 11

    • UJuda wephula isivumelwano sakhe noNkulunkulu (1-17)

      • Onkulunkulu abaningi njengamadolobha (13)

    • UJeremiya ufaniswa newundlu elizohlatshwa (18-20)

    • Ukuphikiswa okuvela kubantu basedolobhaneni lakubo kaJeremiya (21-23)

  • 12

    • UJeremiya uyakhalaza (1-4)

    • Impendulo kaJehova (5-17)

  • 13

    • Ibhande lelineni eligugile (1-11)

    • Izimbiza zewayini ezizophahlazwa (12-14)

    • UJuda ongasalungiseki uzodingiswa (15-27)

      • “UmKushe angasishintsha yini isikhumba sakhe?” (23)

  • 14

    • Isomiso, indlala nenkemba (1-12)

    • Abaprofethi bamanga bayalahlwa (13-18)

    • UJeremiya uvuma isono sesizwe (19-22)

  • 15

    • UJehova ngeke asishintshe isahlulelo sakhe (1-9)

    • UJeremiya uyakhalaza (10)

    • Impendulo kaJehova (11-14)

    • Umthandazo kaJeremiya (15-18)

      • Ukuthokoziswa ukudla amazwi kaNkulunkulu (16)

    • UJeremiya uqiniswa nguJehova (19-21)

  • 16

    • UJeremiya akufanele ashade, alile noma aye emadilini (1-9)

    • Ukujeziswa nokubuyiselwa (10-21)

  • 17

    • Isono sikaJuda siqoshiwe (1-4)

    • Izibusiso zokwethembela kuJehova (5-8)

    • Inhliziyo ekhohlisayo (9-11)

    • UJehova, ithemba lika-Israyeli (12, 13)

    • Umthandazo kaJeremiya (14-18)

    • Ukugcina iSabatha lingcwele (19-27)

  • 18

    • Ubumba ezandleni zombumbi (1-12)

    • UJehova ufulathela u-⁠Israyeli (13-17)

    • UJeremiya wakhelwa uzungu; ukuncenga kwakhe (18-23)

  • 19

    • UJeremiya utshelwa ukuba aphahlaze isitsha sobumba (1-15)

      • Kunikelwa ngezingane kuBhali (5)

  • 20

    • UPhashuri ushaya uJeremiya (1-6)

    • UJeremiya akanakuyeka ukushumayela (7-13)

      • Umyalezo ovela kuNkulunkulu unjengomlilo ovuthayo (9)

      • UJehova unjengeqhawe elesabisayo (11)

    • UJeremiya uyakhalaza (14-18)

  • 21

    • UJehova wenqaba isicelo sikaZedekiya (1-7)

    • Abantu kufanele bakhethe ukuphila noma ukufa (8-14)

  • 22

    • Izimemezelo zokwahlulelwa kwamakhosi amabi (1-30)

      • Ngokuphathelene noShalumi (10-12)

      • Ngokuphathelene noJehoyakimi (13-23)

      • Ngokuphathelene noKhoniya (24-30)

  • 23

    • Abelusi abahle nababi (1-4)

    • Ukulondeka ngaphansi ‘kwendlalifa elungile’ (5-8)

    • Abaprofethi bamanga bayalahlwa (9-32)

    • ‘Umthwalo’ kaJehova (33-40)

  • 24

    • Amakhiwane amahle namakhiwane amabi (1-10)

  • 25

    • UJehova umelene nezizwe (1-38)

      • Izizwe zizokhonza iBhabhiloni iminyaka engu-70 (11)

      • Indebe yewayini yolaka lukaNkulunkulu (15)

      • Inhlekelele isuka kwesinye isizwe iya kwesinye (32)

      • Ababulawe nguJehova (33)

  • 26

    • UJeremiya wesatshiswa ngokuthi uzobulawa (1-15)

    • UJeremiya usinda ekufeni (16-19)

      • Kucashunwa isiprofetho sikaMika (18)

    • Umprofethi u-⁠Urija (20-24)

  • 27

    • Ijoka laseBhabhiloni (1-11)

    • UZedekiya utshelwa ukuba azinikele eBhabhiloni (12-22)

  • 28

    • UJeremiya uphikisana nomprofethi wamanga uHananiya (1-17)

  • 29

    • Incwadi kaJeremiya eya kwabadingiselwe eBhabhiloni (1-23)

      • U-Israyeli uyobuya ngemva kweminyaka engu-70 (10)

    • Umyalezo oya kuShemaya (24-32)

  • 30

    • Izithembiso zokubuyiselwa nokwelashwa (1-24)

  • 31

    • Abasindile bakwa-Israyeli bazophinde bahlale ezweni (1-30)

      • URaheli ukhalela izingane zakhe (15)

    • Isivumelwano esisha (31-40)

  • 32

    • UJeremiya uthenga insimu (1-15)

    • Umthandazo kaJeremiya (16-25)

    • Impendulo kaJehova (26-44)

  • 33

    • Isithembiso sokubuyiselwa (1-13)

    • Ukulondeka ngaphansi ‘kwendlalifa elungile’ (14-16)

    • Isivumelwano noDavide nabapristi (17-26)

      • Isivumelwano ngokuqondene nemini nobusuku (20)

  • 34

    • Umyalezo wesahlulelo oya kuZedekiya (1-7)

    • Isivumelwano sokunikeza izigqila inkululeko siyephulwa (8-22)

  • 35

    • AmaRekabi abeka isibonelo esihle sokulalela (1-19)

  • 36

    • UJeremiya ubizela uBharuki lokho okufanele akubhale emqulwini (1-7)

    • UBharuki ufunda ngokuzwakalayo emqulwini (8-19)

    • UJehoyakimi ushisa umqulu (20-26)

    • Umyalezo ubhalwa kabusha komunye umqulu (27-32)

  • 37

    • Ukuhoxa kwamaKhaledi kungokwesikhashana (1-10)

    • UJeremiya uyaboshwa (11-16)

    • UZedekiya ubonana noJeremiya (17-21)

      • UJeremiya unikezwa isinkwa (21)

  • 38

    • UJeremiya uphonswa emthonjeni (1-6)

    • U-Ebhedi-meleki utakula uJeremiya (7-13)

    • UJeremiya uncenga uZedekiya ukuba azinikele (14-28)

  • 39

    • Ukunqotshwa kweJerusalema (1-10)

      • UZedekiya uyabaleka kodwa abanjwe (4-7)

    • UJeremiya uzovikelwa (11-14)

    • Ukuphila kuka-Ebhedi-meleki kuzosindiswa (15-18)

  • 40

    • UNebuzaradani ukhulula uJeremiya (1-6)

    • UGedaliya umiswa phezu kwezwe (7-12)

    • UGedaliya wakhelwa uzungu (13-16)

  • 41

    • UGedaliya ubulawa u-⁠Ishmayeli (1-10)

    • U-Ishmayeli ubalekela uJohanani (11-18)

  • 42

    • Abantu bacela uJeremiya ukuba abathandazele acele isiqondiso (1-6)

    • UJehova uyaphendula: “Ningayi eGibhithe” (7-22)

  • 43

    • Abantu abalaleli bayahamba baya eGibhithe (1-7)

    • Kufika izwi likaJehova kuJeremiya eGibhithe (8-13)

  • 44

    • Ukubikezelwa kwenhlekelele ezokwehlela amaJuda aseGibhithe (1-14)

    • Abantu abasilaleli isixwayiso esivela kuNkulunkulu (15-30)

      • Kukhonzwa “iNdlovukazi Yezulu” (17-19)

  • 45

    • Umyalezo kaJehova oya kuBharuki (1-5)

  • 46

    • Isiprofetho esimelene neGibhithe (1-26)

      • IGibhithe lizonqotshwa nguNebukhadinezari (13, 26)

    • Izithembiso ku-Israyeli (27, 28)

  • 47

    • Isiprofetho esimelene namaFilisti (1-7)

  • 48

    • Isiprofetho esimelene noMowabi (1-47)

  • 49

    • Isiprofetho esimelene no-Amoni (1-6)

    • Isiprofetho esimelene no-Edomi (7-22)

      • Isizwe sakwa-Edomi siyoshabalala (17, 18)

    • Isiprofetho esimelene neDamaseku (23-27)

    • Isiprofetho esimelene neKhedari neHazori (28-33)

    • Isiprofetho esimelene ne-Elamu (34-39)

  • 50

    • Isiprofetho esimelene neBhabhiloni (1-46)

      • Balekani niphume eBhabhiloni (8)

      • U-Israyeli uzobuyiselwa ezweni lakhe (17-19)

      • Amanzi aseBhabhiloni azokoma (38)

      • EBhabhiloni ngeke kusahlala muntu (39, 40)

  • 51

    • Isiprofetho esimelene neBhabhiloni (1-64)

      • AmaMede azolinqoba ngokuzumayo iBhabhiloni (8-12)

      • Incwadi iphonswa e-⁠Ewufrathe (59-64)

  • 52

    • UZedekiya uvukela iBhabhiloni (1-3)

    • UNebukhadinezari uvimbezela iJerusalema (4-11)

    • Ukubhujiswa kwedolobha nethempeli (12-23)

    • Abantu badingiselwa eBhabhiloni (24-30)

    • UJehoyakini uyakhululwa ejele (31-34)