IzAga 8:1-36

  • Ukuhlakanipha okwenziwe samuntu kuyakhuluma (1-36)

    • ‘Ngingowokuqala kuyo yonke imisebenzi kaNkulunkulu’ (22)

    • ‘Ngiyisisebenzi esiyingcweti phambi kukaNkulunkulu’ (30)

    • ‘Ngangiwathanda amadodana abantu’ (31)

8  Ukuhlakanipha akumemezi yini? Ukuqonda akuliphakamisi yini izwi lako? +   Kuma ezindaweni eziphakeme + ngasemgwaqweni,Empambanweni yemigwaqo.   Kuqhubeka kumemeza kakhulu + eceleni kwamasango angena edolobheni,Lapho kungenwa khona eminyango,Kuthi:   “O nina bantu, ngiyanibiza;Ngimemeza wonke umuntu.*   Nina eningenalwazi, fundani ukukhalipha; +Nina eniyiziphukuphuku zuzani inhliziyo enokuqonda.   Lalelani, ngoba engikushoyo kubalulekile,Izindebe zami zikhuluma okulungile;   Ngoba umlomo wami uhlebeza iqiniso,Izindebe zami ziyakwenyanya okubi.   Wonke amazwi omlomo wami alungile. Awekho asontekile noma ayisigwegwe kuwo.   Wonke aqondile kwabanokuqonda,Alungile kulabo abathole ulwazi. 10  Thathani isiyalo sami esikhundleni sesiliva,Nolwazi esikhundleni segolide lekhethelo, + 11  Ngoba ukuhlakanipha kungcono kunamakhorali;*Zonke ezinye izinto ezifiselekayo azinakuqhathaniswa nako. 12  Mina kuhlakanipha, ngihlala nokukhalipha;Ngithole ulwazi nekhono lokucabanga. + 13  Ukwesaba uJehova kusho ukuzonda okubi. + Ngiyakuzonda ukuziphakamisa, ukuziqhenya, + indlela embi nenkulumo eyonakele. + 14  Ngineseluleko esihle nokuhlakanipha okuwusizo; +Ukuqonda + namandla + kungokwami. 15  Amakhosi abusa ngami,Nezikhulu eziphakeme zikhipha izinqumo ezilungile. + 16  Izikhulu zibusa ngami,Nezicukuthwane zahlulela ngokulunga. 17  Ngiyabathanda abangithandayo,Labo abangifunayo bayongithola. + 18  Ingcebo nenkazimulo kukimi,Ingcebo engapheli* nokulunga. 19  Isithelo sami singcono kunegolide, singcono kunegolide elicwengekile,Umkhiqizo wami ungcono kunesiliva lekhethelo. + 20  Ngihamba endleleni yokulunga,Phakathi nezindlela zobulungisa; 21  Labo abangithandayo ngibanika ifa elinothile,Ngigcwalisa izinqolobane zabo. 22  UJehova wangenza ngaba ngukuqala kwendlela yakhe, +Owokuqala kuyo yonke imisebenzi yakhe yakudala. + 23  Ngamiswa kusukela endulo, +Kusukela ekuqaleni, kusukela ezikhathini zangaphambi komhlaba. + 24  Engakabibikho amanzi ajulile, + ngazalwa,*Zingakabibikho iziphethu eziphuphuma amanzi. 25  Zingakabekwa izintaba endaweni yazo,Engakabibikho amagquma, ngazalwa, 26  Engakawenzi umhlaba nezindawo zawo ezingenaluthoNoma amagabade okuqala enhlabathi. 27  Lapho ehlela amazulu, + ngangikhona;Lapho ebeka umngcele* phakathi kwesibhakabhaka nolwandle, + 28  Lapho emisa* amafu phezulu,Lapho enza imithombo yamanzi ajulile, 29  Lapho emisela ulwandle umyaloOwukuthi amanzi angadluleli ngale kwalokho akuyalile, +Lapho emisa* izisekelo zomhlaba, 30  Ngangiseceleni kwakhe ngiyisisebenzi esiyingcweti. + Yimi ayengithanda ngokukhethekile + usuku nosuku;Ngangijabula phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi; + 31  Ngangijabula ngomhlaba wakhe owawuzohlala abantu,Ngiwathanda ngokukhethekile amadodana abantu.* 32  Manje madodana ami, ngilaleleni;Yebo, bayajabula abagcina izindlela zami. 33  Lalelani isiyalo + nihlakaniphe,Ningalokothi ningasinaki. 34  Uyajabula umuntu ongilalelayoNgokusheshe afike* emnyango wami usuku nosuku,Ngokulinda eduze kwezinsika zomnyango wami; 35  Ngoba ongitholayo uyothola ukuphila, +UJehova uyamamukela. 36  Kodwa onganginaki uzilimaza yena,Nalabo abangizondayo bathanda ukufa.” +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “amadodana abantu.”
Noma, “Izinto zenani elikhulu eziyifa.”
Noma, “ngazalwa njengokungathi ngemihelo.”
NgesiHebheru, “isiyingi.”
NgesiHebheru, “eqinisa.”
Noma, “eyala ukuba kube khona.”
Noma, “isintu.”
Noma, “Ngokuhlala ephapheme.”