IzAga 25:1-28

  • Imfihlo (9)

  • Amazwi akhethwe kahle (11)

  • Ukuhlonipha umuzi kamakhelwane wakho (17)

  • Ukunqwabelanisa amalahle avuthayo ekhanda lesitha (21, 22)

  • Umbiko omuhle unjengamanzi abandayo (25)

25  Nalezi futhi yizaga zikaSolomoni, + ezakopishwa* izinceku* zikaHezekiya + inkosi yakwaJuda:   Kuyinkazimulo kaNkulunkulu ukugcina indaba iyimfihlo +Nenkazimulo yamakhosi ukuhlolisisa indaba.   Njengoba amazulu ephakeme nomhlaba ujulile,Kunjalo nangenhliziyo yamakhosi, ayiphenyeki.   Uma umuntu esusa ukungcola esiliveni,Isiliva liyohlanzeka kakhulu. +   Susa omubi phambi kwenkosi,Isihlalo sayo sobukhosi siyoma siqine ngokulunga. +   Ungaziphakamisi phambi kwenkosi, +Ungahlali phakathi kwezikhulu, +   Ngoba kungcono ukuba ithi kuwe, “Khuphukela lapha,”Kunokuba ikuhlaze phambi kwesicukuthwane. +   Ungajahi lapho uyokwethula icala enkantolo,Ngoba uyokwenzenjani kamuva uma umakhelwane wakho ekuhlaza? +   Lungisa udaba lwakho nomakhelwane wakho, +Kodwa ungakwembuli otshelwe kona ngasese, *+ 10  Ukuze olalele angakuhlaziNawe ungasakazi umbiko omubi* ongenakuwuhoxisa. 11  Njengama-apula egolide ezitsheni zesilivaLinjalo izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele. + 12  Njengecici legolide nomhlobiso wegolide elisezingeni eliphezuluUnjalo umsoli ohlakaniphile endlebeni elalelayo. + 13  Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvunaSinjalo isithunywa esithembekile kulabo abasithumile,Ngoba sivuselela amandla enkosi yaso. + 14  Njengamafu nomoya okungayilethi imvulaUnjalo umuntu oziqhayisa ngokuthi uzokhipha isipho kodwa angasikhiphi. *+ 15  Yisineke esigoba umuntu onegunya,Nolimi olumnene lungaphula ithambo. + 16  Uma uthola uju, yidla lolo oludingayo kuphela,Ngoba uma udla oluningi kakhulu ungase uluhlanze. + 17  Unyawo lwakho malungavami endlini kamakhelwane wakho,Ukuze angakhathali nguwe bese ekuzonda. 18  Njengomshiza wempi nenkemba nomcibisholo ocijileUnjalo umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe. + 19  Njengezinyo eliphukile noma unyawo oluxegezelayoKunjalo ukuthembela kumuntu ongathembekile* ngezikhathi ezinzima. 20  Njengomuntu okhumula ingubo ngosuku olubandayoNanjengoviniga othelwe kusawoti*Unjalo umuntu oculela inhliziyo edabukile izingoma. + 21  Uma isitha sakho silambile, sinike isinkwa sidle;Uma somile sinike amanzi siphuze, + 22  Ngoba uyobe unqwabelanisa amalahle avuthayo ekhanda laso *+Futhi uJehova uyokuvuza. 23  Umoya wasenyakatho uletha imvula,Nolimi oluhlebayo lubanga intukuthelo. + 24  Kungcono ukuhlala echosheni lophahlaKunokuhlala endlini eyodwa nomfazi othanda ingxabano. *+ 25  Njengamanzi abandayo emphefumulweni* okhatheleUnjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude. + 26  Njengesiphethu esidungekile nomthombo owonakeleUnjalo umuntu olungile onqotshwa omubi.* 27  Akukuhle ukudla uju oluningi +Nokuzifunela inkazimulo. + 28  Njengedolobha elifohliwe elingenalo udonga,Unjalo umuntu ongakwazi ukulawula intukuthelo yakhe. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “amadoda.”
Noma, “ezakopishwa futhi zahlanganiswa.”
Noma, “izimfihlo zabanye.”
Noma, “inhlebo elimazayo.”
NgesiHebheru, “isipho samanga.”
Noma kungaba, “okhohlisayo.”
Noma, “kuyi-alikhali.”
Okuwukuthi, ukuthambisa umuntu uqede ukuba lukhuni kwakhe.
Noma, “oyisicefe; obeleselayo.”
NgesiHebheru, “oyendayenda phambi komubi.”