IsAmbulo Esiya KuJohane 20:1-15

  • USathane uboshwa iminyaka engu-1 000 (1-3)

  • Ababusi beminyaka eyinkulungwane abakanye noKristu (4-6)

  • USathane uyakhululwa bese eyabhujiswa (7-10)

  • Abafile bahlulelwa phambi kwesihlalo sobukhosi esimhlophe (11-15)

20  Ngase ngibona ingelosi yehla ivela ezulwini iphethe isihluthulelo sakwalasha + neketanga elikhulu.  Yambamba udrako, + inyoka yokuqala, + onguDeveli + noSathane, + yambopha iminyaka engu-1 000.  Yamjikijela kwalasha, + yamvalela, yabeka uphawu, ukuze angazidukisi izizwe ize iphele iminyaka engu-1 000. Ngemva kwalokhu kumelwe akhululwe isikhashana. +  Ngabona nezihlalo zobukhosi, labo ababehlezi kuzo banikwa igunya lokwahlulela. Yebo, ngabona imiphefumulo* yalabo ababulawa* ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu, neyalabo ababengazange basikhulekele isilo sasendle noma isithombe saso futhi ababengalwamukelanga uphawu esiphongweni sabo* nasesandleni sabo. + Baphila futhi babusa njengamakhosi kanye noKristu + iminyaka engu-1 000.  (Bonke abanye abafile + abazange baphile yaze yaphela iminyaka engu-1 000.) Lolu wuvuko lokuqala. +  Uyajabula futhi ungcwele noma ubani onesabelo ovukweni lokuqala; + ukufa kwesibili + akunalo igunya phezu kwabo, + kodwa bayoba ngabapristi + bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse njengamakhosi kanye naye iminyaka engu-1 000. +  Ngokushesha nje lapho isiphelile le minyaka engu-1 000, uSathane uyokhululwa aphume ejele lakhe,  aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini womane omhlaba, uGogi noMagogi, ukuze azibuthele ndawonye empini. Isibalo sazo singangesihlabathi solwandle.  Zasakazekela emhlabeni wonke zazungeza ikamu labangcwele nedolobha elithandekayo. Kodwa kwehla umlilo uvela ezulwini wazishisa waziqeda. + 10  UDeveli owayezidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kwase kukhona khona isilo sasendle + nomprofethi wamanga; + bayohlushwa* imini nobusuku kuze kube phakade naphakade. 11  Ngabona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe naLowo owayehlezi kuso. + Umhlaba nezulu kwabaleka phambi kwakhe, + indawo yako ayibange isatholakala. 12  Ngabona abafile, izikhulu nabantukazana, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi, futhi imiqulu yavulwa. Kodwa kwavulwa nomunye umqulu; umqulu wokuphila. + Abafile bahlulelwa ngokwalezo zinto ezazibhalwe emiqulwini ngokwezenzo zabo. + 13  Ulwandle lwakhipha abafile ababekulo, nokufa neThuna* kwakhipha abafile ababekukho, bahlulelwa ngamunye ngokwezenzo zabo. + 14  Ukufa neThuna* kwaphonswa echibini lomlilo. + Lokhu kusho ukufa kwesibili, + ichibi lomlilo. + 15  Ngaphezu kwalokho, noma ubani ongatholakalanga ebhaliwe encwadini yokuphila + waphonswa echibini lomlilo. +

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “ababulawa ngembazo.”
Noma, “ebunzini labo.”
Noma, “bayoboshwa.”
Noma, “neHayidesi,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “neHayidesi,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.