IsAmbulo Esiya KuJohane 14:1-20

  • IWundlu nabangu-144 000 (1-5)

  • Imiyalezo evela ezingelosini ezintathu (6-12)

    • Ingelosi emkhathini inezindaba ezinhle (6, 7)

  • Bayajabula labo abafa bemunye noKristu (13)

  • Izivuno ezimbili zomhlaba (14-20)

14  Ngabona iWundlu *+ limi eNtabeni iZiyoni, + kumi kanye nalo abangu-144 000 + kubhalwe igama lalo negama likaYise + eziphongweni zabo.*  Ngezwa umsindo uvela ezulwini unjengomsindo wamanzi amaningi nanjengomsindo wokuduma okukhulu kwezulu; umsindo engawuzwa wawunjengowabahlabeleli futhi beshaya amahabhu abo.  Bacula okungathi ingoma entsha + phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo + nabadala, + futhi akekho owakwazi ukuyazi kahle leyo ngoma ngaphandle kwabangu-144 000, + abathengwe emhlabeni.  Laba yibo abangazange bazingcolise ngabesifazane; eqinisweni, banjengezintombi. + Laba yibo abaqhubeka belandela iWundlu kungakhathaliseki ukuthi liyaphi. + Laba bathengwa + kubantu njengolibo + kuNkulunkulu neWundlu,  futhi akukho nkohliso etholakala emilonyeni yabo; abanasici. +  Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele kwabahlala emhlabeni, kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu. +  Yayithi ngezwi elikhulu: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, + ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle + nemithombo* yamanzi.”  Nenye ingelosi, eyesibili, yalandela, yathi: “Liwile! IBhabhiloni Elikhulu + liwile, + lona elenza ukuba zonke izizwe ziphuze iwayini lenkanuko* yokuziphatha kabi kwalo ngokocansi!” *+  Nenye ingelosi, yesithathu, yazilandela, ithi ngezwi elikhulu: “Uma umuntu ekhulekela isilo sasendle + nesithombe saso, abekwe nophawu esiphongweni sakhe* noma esandleni sakhe, + 10  uyophuza newayini lentukuthelo kaNkulunkulu elithululelwa endebeni yolaka lwaKhe + lingahlanjululiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule + phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu. 11  Intuthu yokuhlushwa kwabo inyuka kuze kube phakade naphakade, + futhi abakutholi ukuphumula imini nobusuku, labo abakhulekela isilo sasendle nesithombe saso, nanoma ubani obekwa uphawu lwegama laso. + 12  Yingakho abangcwele + bedinga ukukhuthazela, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nababambelela ngokuqinile okholweni + lukaJesu.” 13  Ngezwa izwi livela ezulwini lithi, “Bhala: Bayajabula abafile, abafa bemunye neNkosi + kusukela kulesi sikhathi kuqhubeke. Yebo, kusho umoya, mabaphumule ekuzikhandleni kwabo, ngoba izinto abazenza zihamba nabo.” 14  Ngabe sengibona ifu elimhlophe, phezu kwalo kuhlezi othile onjengendodana yomuntu, + enomqhele wegolide ekhanda nesikela elibukhali esandleni sakhe. 15  Kwaqhamuka enye ingelosi iphuma endlini engcwele yethempeli, imemeza lowo ohlezi efwini ngezwi elikhulu, ithi: “Faka isikela lakho uvune, ngoba selifikile ihora lokuvuna, ngoba isivuno somhlaba sesivuthwe ngokuphelele.” + 16  Ohlezi phezu kwefu walifaka isikela lakhe emhlabeni, umhlaba wavunwa. 17  Kwaqhamuka nenye futhi ingelosi iphuma endaweni engcwele yethempeli ezulwini, nayo iphethe isikela elibukhali. 18  Kwaqhamuka nenye futhi ingelosi iphuma e-altare, inegunya phezu komlilo. Yamemeza leyo eyayiphethe isikela elibukhali ngezwi elikhulu, yathi: “Faka isikela lakho elibukhali ubuthe amahlukuzo amagilebhisi omhlaba, ngoba izithelo zawo sezivuthiwe.” + 19  Le ngelosi yalifaka isikela layo emhlabeni yawabutha amagilebhisi omhlaba, yawaphonsa esikhamweni sewayini esikhulu sentukuthelo kaNkulunkulu. + 20  Isikhamo sewayini sanyathelwa ngaphandle kwedolobha, kwaphuma igazi esikhamweni sewayini lakhuphuka laze lafika ematomini amahhashi, ibanga eliyizinkundla zemidlalo ezingu-1 600.*

Imibhalo yaphansi

Noma, “iMvana.”
Noma, “emabunzini abo.”
Noma, “neziphethu.”
NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “lentukuthelo.”
Noma, “ebunzini.”
Ibanga elingaba ngu-296 km. Inkundla yemidlalo yayingu-185 m. Bheka iSithasiselo B14.