KwabaseGalathiya 2:1-21

  • UPawulu uhlangana nabaphostoli eJerusalema (1-10)

  • UPawulu ulungisa uPetru (uKhefase) (11-14)

  • Kuthiwe balungile ngenxa yokholo kuphela (15-21)

2  Ngemva kweminyaka engu-14 ngaphinde ngakhuphukela eJerusalema ngihamba noBarnaba + noThithu. +  Ngakhuphuka ngenxa yesambulo, ngethula kubo izindaba ezinhle engizishumayela phakathi kwezizwe. Nokho lokhu kwenziwa ngasese, phambi kwamadoda ayehlonishwa kakhulu, ukuze kuqinisekiswe ukuthi angigijimelanga ize noma ngangingagijimeli ize.  Noma kunjalo, ngisho noThithu owayenami, + akacindezelwanga ukuba asokwe, + nakuba ayengumGreki.  Kodwa leyo ndaba yavela ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswe ngesinyenyela, + abangena ngokunyenya bezohlola inkululeko + esiyijabulelayo njengabafundi bakaKristu Jesu, ukuze basigqilaze ngokuphelele; +  asibathobelanga, cha, hhayi ngisho nesikhashana *+ nje, ukuze iqiniso lezindaba ezinhle liqhubeke linani.  Kodwa ngokuqondene nalabo ababebonakala bebalulekile +—noma ngabe babeluhlobo luni lwabantu, akwenzi mahluko kimi, ngoba uNkulunkulu akayi ngokubonakala komuntu kwangaphandle—lawo madoda ayehlonishwa kakhulu awashongo lutho olusha kimi.  Ngokuphambene nalokho, lapho bebona ukuthi ngiphathiswe izindaba ezinhle zalabo abangasokile, + njengoba nje uPetru ayephathiswe ezalabo abasokile—  ngoba lowo owanika uPetru amandla okuba umphostoli kwabasokile wanginika nami amandla kwabezizwe +  lapho bebona umusa omkhulu engangiwunikiwe, + uJakobe + noKhefase* noJohane, labo ababebonakala beyizinsika, banika mina noBarnaba + isandla sokudla njengophawu lokuthi sibambisene, ukuze siye ezizweni, bona baye kwabasokile. 10  Abakucela nje ukuba sikhumbule abampofu, futhi ngizamile ukukwenza ngenkuthalo lokhu. + 11  Nokho, lapho uKhefase *+ efika e-Antiyokiya, + ngameluleka,* ngoba ngokusobala wayesephutheni.* 12  Ngoba ngaphambi kokufika kwamadoda athile avela kuJakobe, + wayedla nabantu bezizwe; + kodwa lapho efika, wayeka ukudla nabo wazihlukanisa, esaba labo besigaba sabasokile. + 13  Wonke amanye amaJuda ahlanganyela naye kulokhu kuzenzisa, kangangokuthi ngisho noBarnaba wahambisana nabo ekuzenziseni kwabo. 14  Kodwa lapho ngibona ukuthi babengahambi ngokuvumelana neqiniso lezindaba ezinhle, + ngathi kuKhefase* phambi kwabo bonke: “Uma wena, nakuba ungumJuda, uphila njengoba kuphila izizwe, ungaphili njengamaJuda, ungabacindezela kanjani abantu bezizwe ukuba baphile ngokuvumelana nomkhuba wamaJuda?” + 15  Thina esingamaJuda ngokuzalwa, esingezona izoni ezivela ezizweni, 16  siyaqaphela ukuthi umuntu kuthiwa ulungile, hhayi ngenxa yemisebenzi yomthetho, kodwa kuphela ngokholo + kuJesu Kristu. + Ngakho sibe nokholo kuKristu Jesu, ukuze kuthiwe silungile ngenxa yokholo kuKristu, hhayi ngenxa yemisebenzi yomthetho, ngoba akekho umuntu okuyothiwa ulungile ngenxa yemisebenzi yomthetho. + 17  Uma nathi sitholakale siyizoni ngesikhathi sifuna ukuba kuthiwe silungile ngoKristu, ingabe-ke uKristu uyisikhonzi sesono? Lutho neze! 18  Uma zona kanye izinto engake ngazidiliza ngiphinde ngizakha futhi, ngibonisa ukuthi ngiyiseqamthetho. 19  Ngoba mina ngafa ngokuqondene nomthetho, + ukuze ngiphile ngakuNkulunkulu. 20  Ngibethelwe esigxotsheni kanye noKristu. + Akusemina ophilayo, + kodwa uKristu ophila ebunyeni nami. Ngempela ukuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokholo eNdodaneni kaNkulunkulu, + eyangithanda futhi yazinikela ngenxa yami. + 21  Angiwunqabi* umusa omkhulu kaNkulunkulu, + ngoba uma ukulunga kutholakala ngokugcina umthetho, kusho ukuthi uKristu wafela ize. +

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “nehora.”
Obuye abizwe ngokuthi uPetru.
Noma, “wayenecala.”
Noma, “ngamelana naye ubuso nobuso.”
Obuye abizwe ngokuthi uPetru.
Obuye abizwe ngokuthi uPetru.
Noma, “Angiwusunduzeli eceleni.”