KuThithu 3:1-15

  • Ukuzithoba okufanele (1-3)

  • Kulungele ukwenza imisebenzi emihle (4-8)

  • Gwema izimpikiswano eziwubuwula nezimfundiso ezingamanga (9-11)

  • Iziqondiso nemikhonzo (12-15)

3  Qhubeka ubakhumbuza ukuba bazithobe futhi balalele ohulumeni neziphathimandla, + ukuba balungele yonke imisebenzi emihle,  bangakhulumi kabi ngamuntu, bangathandi izingxabano, kodwa babe abalinganiselayo, + bebonisa bonke ubumnene kubantu bonke. +  Ngoba nathi sake saba abangenangqondo, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezifiso ezihlukahlukene nezenjabulo, siqhubeka ebubini nasemoneni, singabenyanyekayo, sizondana.  Nokho, lapho umusa woMsindisi wethu, uNkulunkulu, + nothando analo ngabantu kubonakaliswa  (hhayi ngenxa yanoma yimiphi imisebenzi yokulunga esasiyenzile, + kodwa ngenxa yesihe sakhe), + wasisindisa ngokusigeza okwasiletha ekuphileni + nangokusenza basha ngomoya ongcwele. +  Wathululela lo moya phezu kwethu ngokucebile* ngoJesu Kristu uMsindisi wethu, +  ukuze ngemva kokuba sekuthiwe silungile ngenxa yomusa wakhe omkhulu, + sibe izindlalifa + ezinethemba lokuphila okuphakade. +  La mazwi athembekile, futhi ngifuna uqhubeke uzigcizelela lezi zinto, ukuze labo asebeye bakholwa kuNkulunkulu bagcine izingqondo zabo zigxile ekwenzeni imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi ziyabazuzisa abantu.  Kodwa ungazifaki ezimpikiswaneni eziwubuwula neziphathelene nezinhlu zozalo, nasekuxabaneni nokulwisana ngoMthetho, ngoba akuzuzisi futhi kuyize. + 10  Male + umuntu osakaza imfundiso engamanga + ngemva kokumeluleka* okokuqala nokwesibili, + 11  wazi ukuthi umuntu onjalo uphambukile endleleni futhi uyona, ezilahla yena. 12  Lapho ngithumela u-Arethema noma uThikhiku + kuwe, yenza konke okusemandleni akho ukuba uze kimi eNikopholi, ngoba nginqume ukubuchitha khona ubusika. 13  Qikelela ukuthi unikeza uZena, onolwazi ngoMthetho, no-Apholo abakudingayo ukuze bangasweli lutho ohambweni lwabo. + 14  Kodwa abafowethu mabafunde ukuqhubeka benza imisebenzi emihle ukuze basize lapho kunezidingo eziphuthumayo, + ukuze bangabi abangatheli. *+ 15  Bonke abanami bayakhonza kuwe. Ungikhonzele kulabo abasithandayo okholweni. Kwangathi umusa omkhulu ungaba nani nonke.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ngesandla esivulekile.”
Noma, “kokumxwayisa.”
Noma, “abangakhiqizi.”