Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

uJobe

Izahluko

Okuphakathi

  • 1

    • Ubuqotho nengcebo kaJobe (1-5)

    • USathane ungabaza izisusa zikaJobe (6-12)

    • UJobe ulahlekelwa impahla yakhe kanye nezingane (13-19)

    • UJobe akamsoli uNkulunkulu (20-22)

  • 2

    • USathane uphinde angabaze izisusa zikaJobe (1-5)

    • USathane uyavunyelwa ukuba ashaye umzimba kaJobe ngamathumba (6-8)

    • UmkaJobe uthi: “Thuka uNkulunkulu ufe!” (9, 10)

    • Kufika abangani bakaJobe abathathu (11-13)

  • 3

    • UJobe uqalekisa usuku azalwa ngalo (1-26)

      • Ubuza ukuthi kungani ehlupheka (20, 21)

  • 4

    • Inkulumo yokuqala ka-Elifazi (1-21)

      • Uhlekisa ngobuqotho bukaJobe (7, 8)

      • Ukhuluma ngomyalezo womoya (12-17)

      • ‘UNkulunkulu akazethembi izinceku zakhe’ (18)

  • 5

    • Inkulumo yokuqala ka-Elifazi iyaqhubeka (1-27)

      • ‘UNkulunkulu ubamba abahlakaniphile ebuqilini babo’ (13)

      • ‘UJobe akufanele enqabe isiyalo sikaNkulunkulu’ (17)

  • 6

    • Impendulo kaJobe (1-30)

      • Uthi unesizathu sokukhala (2-6)

      • Abaduduzi bakhe bayakhohlisa (15-18)

      • “Amazwi ashiwo ngobuqotho awabuhlungu!” (25)

  • 7

    • Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-21)

      • Ukuphila kunjengomsebenzi oyimpoqo (1, 2)

      • “Kungani amagalelo akho uwabhekise kimi?” (20)

  • 8

    • Inkulumo yokuqala kaBhilidadi (1-22)

      • Uthi amadodana kaJobe onile (4)

      • ‘Ukube ubumsulwa, uNkulunkulu ubeyokuvikela’ (6)

      • Uthi uJobe akamesabi uNkulunkulu (13)

  • 9

    • Impendulo kaJobe (1-35)

      • Umuntu ofayo akanakuphikisana noNkulunkulu (2-4)

      • ‘UNkulunkulu wenza izinto ezingaphenyeki’ (10)

      • Umuntu akanakumelana noNkulunkulu (32)

  • 10

    • Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-22)

      • ‘Kungani uNkulunkulu elwa nami?’ (2)

      • UNkulunkulu uqhathaniswa noJobe ofayo (4-12)

      • ‘Sengathi ngingakhululeka’ (20)

  • 11

    • Inkulumo yokuqala kaSofari (1-20)

      • Usola uJobe ngenkulumo eyize (2, 3)

      • Utshela uJobe ukuba adede kokubi (14)

  • 12

    • Impendulo kaJobe (1-25)

      • “Angikho ezingeni eliphansi kwelenu” (3)

      • “Sengiyinhlekisa” (4)

      • ‘UNkulunkulu uhlakaniphile’ (13)

      • UNkulunkulu ungaphezu kwabahluleli namakhosi (17, 18)

  • 13

    • Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-28)

      • ‘Ngingancamela ukukhuluma noNkulunkulu’ (3)

      • “Ningodokotela abangasizi ngalutho” (4)

      • “Ngiyazi ukuthi ngimsulwa” (18)

      • Ubuza ukuthi kungani uNkulunkulu embheka njengesitha (24)

  • 14

    • Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-22)

      • Umuntu uphila isikhashana futhi ugcwele izinkathazo (1)

      • “Kukhona ithemba ngisho nangesihlahla” (7)

      • “O ukube ubungangithukusa eThuneni!” (13)

      • “Uma umuntu efa, angabuye aphile futhi?” (14)

      • UNkulunkulu uyolangazelela umsebenzi wezandla zakhe (15)

  • 15

    • Inkulumo yesibili ka-Elifazi (1-35)

      • Uthi uJobe akamesabi uNkulunkulu (4)

      • Uthi uJobe uyagabadela (7-9)

      • ‘UNkulunkulu akanalo ukholo kwabangcwele bakhe’ (15)

      • ‘Umuntu ohluphekayo mubi’ (20-24)

  • 16

    • Impendulo kaJobe (1-22)

      • “Ningabaduduzi abayinkathazo!” (2)

      • Uthi uNkulunkulu umenza isisulu sakhe (12)

  • 17

    • Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-16)

      • “Ngizungezwe abahleki bosulu” (2)

      • “Ungenze inhlekisa” (6)

      • “IThuna liyoba ikhaya lami” (13)

  • 18

    • Inkulumo yesibili kaBhilidadi (1-21)

      • Uveza okwehlela izoni (5-20)

      • Uthi uJobe akamazi uNkulunkulu (21)

  • 19

    • Impendulo kaJobe (1-29)

      • Wenqaba ukusolwa “abangani” bakhe (1-6)

      • Uthi ulahliwe (13-19)

      • “Umkhululi wami uyaphila” (25)

  • 20

    • Inkulumo yesibili kaSofari (1-29)

      • Uzizwa ehlazwe uJobe (2, 3)

      • Uthi uJobe mubi (5)

      • Uthi uJobe uyakujabulela ukona (12, 13)

  • 21

    • Impendulo kaJobe (1-34)

      • ‘Kungani ababi bechuma?’ (7-13)

      • Udalula “abaduduzi” bakhe (27-34)

  • 22

    • Inkulumo yesithathu ka-Elifazi (1-30)

      • ‘Umuntu angamzuzisa yini uNkulunkulu?’ (2, 3)

      • Usola uJobe ngobugovu nangokungabi nabulungisa (6-9)

      • ‘Buyela kuNkulunkulu uvuselelwe’ (23)

  • 23

    • Impendulo kaJobe (1-17)

      • Ufuna ukwethula udaba lwakhe phambi kukaNkulunkulu (1-7)

      • Uthi akamtholi uNkulunkulu (8, 9)

      • ‘Ngihambe endleleni yakhe ngangaphambuka’ (11)

  • 24

    • Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-25)

      • ‘Kungani uNkulunkulu engalubeki usuku lwakhe lokwahlulela?’ (1)

      • Uthi uNkulunkulu uvumela ububi (12)

      • Izoni ziyabuthanda ubumnyama (13-17)

  • 25

    • Inkulumo yesithathu kaBhilidadi (1-6)

      • ‘Umuntu angaba kanjani msulwa phambi kukaNkulunkulu?’ (4)

      • Uthi ubuqotho bomuntu buyize (5, 6)

  • 26

    • Impendulo kaJobe (1-14)

      • “Indlela enimsize ngayo ongenamandla!” (1-4)

      • ‘UNkulunkulu ulengisa umhlaba phezu kweze’ (7)

      • “Kumane kuyingxenye encane nje yemisebenzi yakhe” (14)

  • 27

    • UJobe uzimisele ukugcina ubuqotho (1-23)

      • ‘Ngeke ngibulahle ubuqotho bami’ (5)

      • Abangemesabi uNkulunkulu abanathemba (8)

      • “Kungani enikukhulumayo kuyize leze?” (12)

      • Omubi ugcina engenalutho (13-23)

  • 28

    • UJobe uqhathanisa ingcebo yomhlaba nokuhlakanipha (1-28)

      • Imisebenzi yomuntu yasemayini (1-11)

      • Ukuhlakanipha kuwedlula kude amapharele (18)

      • Ukwesaba uJehova kuwukuhlakanipha kwangempela (28)

  • 29

    • UJobe ukhumbula izinsuku ezimnandi ngaphambi kokuvivinywa kwakhe (1-25)

      • Wayehlonishwa esangweni ledolobha (7-10)

      • Inkambo yakhe edlule yobulungisa (11-17)

      • Wonke umuntu wayesilalela iseluleko sakhe (21-23)

  • 30

    • UJobe uchaza isimo sakhe esishintshile (1-31)

      • Abangelusizo lwalutho bamenza inhlekisa (1-15)

      • Kubonakala engalutholi usizo kuNkulunkulu (20, 21)

      • “Isikhumba sami sesimnyama” (30)

  • 31

    • UJobe uvikela ubuqotho bakhe (1-40)

      • “Isivumelwano namehlo ami” (1)

      • Ucela ukukalwa uNkulunkulu (6)

      • Akasona isiphingi (9-12)

      • Akayena umthandi wemali (24, 25)

      • Akazikhonzi izithombe (26-28)

  • 32

    • U-Elihu osemncane uqala ukuphawula (1-22)

      • Uthukuthelele uJobe nabangani bakaJobe (2, 3)

      • Ulinde ngenhlonipho ngaphambi kokuba akhulume (6, 7)

      • Iminyaka nje iyodwa ayimenzi umuntu ahlakaniphe (9)

      • U-Elihu ulangazelela ukukhuluma (18-20)

  • 33

    • U-Elihu usola uJobe ngokuzibona elungile (1-33)

      • Kutholakala isihlengo (24)

      • Buyela ezinsukwini zobungqabavu bobusha bakho (25)

  • 34

    • U-Elihu ulwela ubulungisa bukaNkulunkulu nezindlela zakhe (1-37)

      • UJobe wathi uNkulunkulu umgodlele ubulungisa (5)

      • UNkulunkulu weqiniso akalokothi enze okubi (10)

      • UJobe untula ulwazi (35)

  • 35

    • U-Elihu uveza ukucabanga kukaJobe okuyiphutha (1-16)

      • UJobe uthe ulunge ngaphezu kukaNkulunkulu (2)

      • UNkulunkulu uphakeme kakhulu, isono asimlimazi (5, 6)

      • UJobe kufanele alinde uNkulunkulu (14)

  • 36

    • U-Elihu ubabaza ubukhulu bukaNkulunkulu obungaphenyeki (1-33)

      • Abalalelayo bayachuma; abangamesabi uNkulunkulu bayalahlwa (11-13)

      • ‘Ukhona yini umfundisi onjengoNkulunkulu?’ (22)

      • UJobe kufanele adumise uNkulunkulu (24)

      • “UNkulunkulu mkhulu kunalokho esingase sikwazi” (26)

      • UNkulunkulu ulawula imvula nombani (27-33)

  • 37

    • Amandla emvelo embula ubukhulu bukaNkulunkulu (1-24)

      • UNkulunkulu angayiqeda imisebenzi yomuntu (7)

      • ‘Cabangisisa ngemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu’ (14)

      • Abantu abanakumqonda uNkulunkulu (23)

      • Akekho umuntu okufanele acabange ukuthi uhlakaniphile (24)

  • 38

    • UJehova ufundisa umuntu ngokuba phansi kwakhe (1-41)

      • ‘Wawukuphi lapho kudalwa umhlaba?’ (4-6)

      • Amadodana kaNkulunkulu amemeza ehalalisa (7)

      • Imibuzo ngezinqubo ezingokwemvelo (8-32)

      • “Imithetho ebusa amazulu” (33)

  • 39

    • Indalo eyizilwane ibonisa ukungazi komuntu (1-30)

      • Izimbuzi zezintaba nenyamazane (1-4)

      • Imbongolo yasendle (5-8)

      • Inkunzi yasendle (9-12)

      • Intshe (13-18)

      • Ihhashi (19-25)

      • Uheshe nokhozi (26-30)

  • 40

    • Eminye imibuzo evela kuJehova (1-24)

      • UJobe uyavuma ukuthi akanalutho azolusho (3-5)

      • “Uyobungabaza yini ubulungisa bami?” (8)

      • UNkulunkulu uchaza amandla kaBhehemoti (15-24)

  • 41

    • UNkulunkulu uchaza uLeviyathani omangalisayo (1-34)

  • 42

    • UJobe uphendula uJehova (1-6)

    • Abangani abathathu bayalahlwa (7-9)

    • UJehova ubuyisela uJobe ayenakho (10-17)

      • Amadodana namadodakazi kaJobe (13-15)