Incwadi KaJakobe 2:1-26

  • Ukukhetha, isono (1-13)

    • Uthando, umthetho wobukhosi (8)

  • Ukholo ngaphandle kwemisebenzi lufile (14-26)

    • Amademoni ayakholwa athuthumele (19)

    • U-Abrahama ubizwa ngokuthi umngane kaJehova (23)

2  Bazalwane, anilubambile ukholo lweNkosi yethu ekhazimulayo uJesu Kristu, kuyilapho nibonisa ukukhetha, akunjalo? +  Ngoba, uma emhlanganweni wenu kungena umuntu ofake izindandatho zegolide eminweni futhi ogqoke izingubo eziwubukhazikhazi, bese kungena nomuntu ompofu ogqoke izingubo ezingcolile,  ingabe nimbheka ngomusa lowo ogqoke izingubo eziwubukhazikhazi nithi, “Hlala lapha endaweni enhle,” nithi kompofu, “Wena qhubeka umile,” noma, “Hlala laphaya phansi”? +  Uma kunjalo anihlukene yini ngezigaba phakathi kwenu + futhi anibona yini abahluleli abakhipha izinqumo ezimbi? +  Lalelani, bazalwane abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini labo izwe elibabheka njengabampofu ukuba babe abacebile okholweni + nezindlalifa zoMbuso, awuthembisa labo abamthandayo? +  Nokho, nina niye namhlaza umuntu ompofu. Akubona yini abacebile abanicindezelayo + futhi abanihudulela phambi kwezinkantolo zomthetho?  Abahlambalazi yini igama elihle enabizwa ngalo?  Uma-ke, nifeza umthetho wasebukhosini* ngokuvumelana nalo mbhalo, “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena,” + nenza kahle impela.  Kodwa uma niqhubeka nibonisa ukukhetha, + nenza isono, futhi umthetho unilahla ngecala* njengezeqamthetho. + 10  Ngoba noma ubani olalela wonke uMthetho kodwa aphule owodwa, uyephule yonke. + 11  Ngoba lowo owathi, “Ungaphingi,” + wathi futhi, “Ungabulali.” + Manje, uma ungaphingi kodwa ubulala, usuyiseqamthetho. 12  Qhubekani nikhuluma futhi niziphatha ngendlela abaziphatha ngayo labo abazokwahlulelwa ngomthetho wabantu abakhululekile. *+ 13  Ngoba lowo ongasibonisi isihe uyothola isahlulelo ngaphandle kwesihe. + Isihe siyanqoba phezu kwesahlulelo. 14  Kunanzuzoni, bazalwane, uma umuntu ethi unokholo kodwa engenayo imisebenzi? + Lolo kholo alunakumsindisa, akunjalo? + 15  Uma kukhona abazalwane noma odade abaswele okokugqoka* nokudla okwanele lolo suku, 16  nokho othile kini athi kubo, “Hambani ngokuthula; nifudumale futhi nisuthe,” kodwa ningabaniki izidingo zemizimba yabo, kunanzuzoni? + 17  Kanjalo, futhi, nokholo uma lungenayo imisebenzi, lufile. + 18  Noma kunjalo, omunye uzothi: “Wena unokholo, mina nginemisebenzi. Ngibonise ukholo lwakho ngaphandle kwemisebenzi, mina ngizokubonisa ukholo lwami ngemisebenzi yami.” 19  Uyakholwa ukuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, akunjalo? Wenza kahle impela. Nokho namademoni ayakholwa athuthumele. *+ 20  Kodwa ingabe uyathanda ukwazi, wena muntu ongenangqondo, ukuthi ukholo ngaphandle kwemisebenzi alusizi ngalutho? 21  Akuzange yini kuthiwe u-Abrahama ubaba ulungile ngenxa yemisebenzi ngemva kokuba enikele ngo-Isaka indodana yakhe e-altare? + 22  Uyabona ukuthi ukholo lwakhe lwasebenza kanye nemisebenzi yakhe futhi ukholo lwakhe lwapheleliswa yimisebenzi yakhe, + 23  futhi wagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abrahama waba nokholo kuJehova,* wabhekwa njengolungile,” + futhi wabizwa ngokuthi umngane kaJehova. *+ 24  Niyabona ukuthi umuntu kuzothiwa ulungile ngemisebenzi, hhayi ngokholo lodwa. 25  Ngendlela efanayo, uRahabi isifebe akushiwongo yini ukuthi ulungile ngenxa yemisebenzi, ngemva kokuba amukele izithunywa ngomusa futhi wazikhipha ngenye indlela? + 26  Impela, njengoba umzimba ngaphandle komoya ufile, + kanjalo nokholo ngaphandle kwemisebenzi lufile. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “wobukhosi.”
Noma, “unisola.”
NgesiGreki, “wenkululeko.”
NgesiGreki, “abahamba-ze.”
Noma, “aqhaqhazele.”