UHoseya 2:1-23

  • U-Israyeli ongathembekile uyajeziswa (1-13)

  • Ukubuyiselwa kuJehova ukuze abe umyeni wakhe (14-23)

    • “Wena uyongibiza ngokuthi myeni wami” (16)

2  “Anothi kubafowenu, ‘Abantu bami!’ *+ Kodadewenu nithi, ‘O wena wesifazane oboniswe isihe!’ *+   Msoleni unyoko; msoleni,Ngoba akayena umkami + nami angiyena umyeni wakhe. Kufanele ayeke ukufebaAsuse nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,   Ngale kwalokho ngizomhlubula abe nqunu, ngimenze abe njengasosukwini lokuzalwa kwakhe,Ngimenze abe njengehlane,Ngimnciphise abe yizwe elingenamanzi,Ngimenze abulawe ukoma.   Ngeke ngiwabonise isihe amadodana akhe,Ngoba angamadodana obufebe.*   Ngoba unina wenze ubufebe. *+ Lowo owawakhulelwa wenze ngokuhlazisayo, + ngoba uthe,‘Ngizolandela izithandwa zami ezingikhanukelayo, +Labo abanginika isinkwa namanzi,Uboya nelineni, amafutha nesiphuzo.’   Ngakho indlela yakhe ngiyoyivimba ngameva;Ngiyophakamisa udonga lwamatshe lumvimbe,Ukuze angazitholi izindlela zakhe.   Uyogijima alandele izithandwa zakhe ezimkhanukelayo, kodwa ngeke azifice; +Uyozifuna, kodwa ngeke azithole. Uyobe esethi, ‘Ngizobuyela kumyeni wami, *+Ngoba kwakungihambela kahle ngaleso sikhathi kunamanje.’ +   Akazange abone ukuthi yimi owayemnika ukudla okusanhlamvu, + iwayini elimnandi namafutha,Nokuthi yimi owayemnika isiliva eliningiNegolide ababelisebenzisela uBhali. +   ‘Ngakho ngizobuya ngithathe ukudla kwami okusanhlamvu ngesikhathi sakoNewayini lami elimnandi ngenkathi yalo, +Ngizohlwitha uboya bami nelineni lami okwakuzomboza ubunqunu bakhe. 10  Manje ngizokwembula izitho zakhe zangasese phambi kwezithandwa zakhe ezimkhanukelayo,Akunamuntu oyomsindisa esandleni sami. + 11  Ngizoyiqeda yonke injabulo yakhe,Imikhosi yakhe, + ukwethwasa kwezinyanga zakhe, amasabatha akhe nazo zonke izinkathi zakhe zemikhosi. 12  Ngizozenza zibe incithakalo izihlahla zakhe zamagilebhisi nezomkhiwane, athe ngazo: “Ziwumholo wami, engiwunikwe izithandwa zami ezingikhanukelayo”;Ngizozenza zibe yihlathi,Izilwane zasendle zizozishwabadela. 13  Ngizomenza alandise ngezinsuku ayenzela ngazo izithombe zikaBhali imihlatshelo, +Ngesikhathi ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangemihlobiso yakhe, elandela nezithandwa zakhe ezimkhanukelayo,Yimina amkhohlwa,’ + kusho uJehova. 14  ‘Ngakho ngizomncenga,Ngizomholela ehlane,Ngizokhuluma naye ukuze ngizuze inhliziyo yakhe. 15  Ngizombuyisela amasimu akhe amagilebhisi kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, +ISigodi* Sase-Akori + siyoba isango lethemba kuye;Uyophendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe,Njengasosukwini aphuma ngalo ezweni laseGibhithe. + 16  Ngalolo suku,’ kusho uJehova,‘Wena uyongibiza ngokuthi, myeni wami, ngeke usangibiza ngokuthi nkosi yami.’* 17  ‘Ngiyowasusa amagama ezithombe zikaBhali emlonyeni wakhe, +Ngeke zisakhunjulwa ngamagama azo. + 18  Ngalolo suku, ngiyobenzela isivumelwano nezilwane zasendle +Nezinyoni zamazulu nezinto ezihuquzelayo zasemhlabathini; +Ngiyowuqeda umnsalo nenkemba nempi ezweni, +Ngiyobenza balale* ngokulondeka. + 19  Ngiyokwenza ube umakoti wami kuze kube phakade;Ngiyozinikela ekukuboniseni ukulunga nobulungisa,Ngothando oluqotho nangesihe. + 20  Ngiyozinikela kuwe ngokwethembeka,Nakanjani uyomazi uJehova.’ + 21  ‘Ngalolo suku ngiyophendula,’ kusho uJehova,‘Ngiyophendula amazulu,Wona aphendule umhlaba; + 22  Umhlaba uyophendula ukudla okusanhlamvu newayini elisha namafutha;Kona kuyophendula uJizreyeli. *+ 23  Ngiyozihlwanyelela yena njengembewu emhlabathini, +Ngiyombonisa isihe yena ongaboniswanga isihe;*Ngiyothi kulabo abangebona abantu bami:* “Ningabantu bami,” + Bona, bayothi: “UnguNkulunkulu wami.” ’ ” +

Imibhalo yaphansi

Bheka umbhw. kaHos 1:9.
Bheka umbhw. kaHos 1:6.
Noma, “okuziphatha okubi.”
Noma, “uziphathe kabi.”
Noma, “kumyeni wami wokuqala.”
Noma, “IThafa Eliphansi.”
Noma, “Bhali wami.”
Noma, “Ngiyobavumela baphile.”
Incazelo: “UNkulunkulu Uyohlwanyela Imbewu.”
Bheka umbhw. kaHos 1:6.
Bheka umbhw. kaHos 1:9.