KumaHebheru 2:1-18

  • Naka ngaphezu kokujwayelekile (1-4)

  • Zonke izinto zingaphansi kukaJesu (5-9)

  • UJesu nabafowabo (10-18)

    • UMmeli Oyinhloko wensindiso yawo (10)

    • Umpristi ophakeme onesihe (17)

2  Yingakho kudingekile ukuba sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esizizwile, + ukuze singalokothi sikhukhuleke. +  Ngoba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi + laba eliqinisekile, futhi zonke izoni nabantu abangalaleli bathola isijeziso ngokuvumelana nobulungisa, +  thina siyophunyuka kanjani uma siyishaye indiva insindiso enkulu kangaka? + Ngoba yiNkosi yethu eyaqala ukukhuluma ngale nsindiso + futhi basiqinisekisa ngayo labo abayizwa iNkosi,  kuyilapho uNkulunkulu ehlanganyela ekufakazeni ngezibonakaliso nangezimangaliso nemisebenzi yamandla ehlukahlukene + nangomoya ongcwele owabiwa ngokwentando yakhe. +  Ngoba uNkulunkulu akabekanga izingelosi ukuba zibuse umhlaba ozayo, + lo esikhuluma ngawo.  Kodwa endaweni ethile ufakazi othile wathi: “Uyini umuntu ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinakekele? +  Wamenza waba ngaphansana kwezingelosi; wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo, futhi wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho.  Zonke izinto wazibeka ngaphansi kwezinyawo zakhe.” + Ngokubeka zonke izinto ngaphansi kwakhe, + uNkulunkulu akashiyanga lutho lungekho ngaphansi kwakhe. + Nokho, manje asikaziboni zonke izinto zingaphansi kwakhe. +  Kodwa siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi, + manje osethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngoba eye wafa, + ukuze ngomusa omkhulu kaNkulunkulu anambithe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu. + 10  Ngoba kwakufanele ukuba Lowo izinto zonke ezikhona ngenxa yakhe futhi ezikhona ngaye, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, + enze uMmeli Oyinhloko wensindiso yawo + aphelele ngezinhlupheko. + 11  Ngoba lowo ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo + bonke bavela koyedwa, + futhi ngenxa yalesi sizathu akanamahloni okubabiza ngokuthi abafowethu, + 12  njengoba ethi: “Ngizomemezela igama lakho kubafowethu; ngizokudumisa ngengoma phakathi kwebandla.” + 13  Aphinde athi: “Ngizothembela kuye.” + Athi futhi: “Bheka! Mina nabantwana uJehova* angiphe bona.” + 14  Ngakho-ke, njengoba ‘abantwana’ bengabantu begazi nenyama,* naye ngokufanayo waba umuntu wegazi nenyama, *+ ukuze ngokufa kwakhe amenze ize lowo onendlela yokubangela ukufa, + okungukuthi, uDeveli, + 15  futhi akhulule bonke labo ababeyizigqila ukuphila kwabo konke ngenxa yokwesaba ukufa. + 16  Ngoba akuzona ngempela izingelosi azisizayo, kodwa usiza inzalo* ka-Abrahama. + 17  Ngenxa yalokho, kwakumelwe abe ‘njengabafowabo’ ezicini zonke, + ukuze abe umpristi ophakeme onesihe nothembekile ezintweni eziphathelene noNkulunkulu, ukuze anikele umhlatshelo oyisihlawulelo + ngenxa yezono* zabantu. + 18  Njengoba naye ahlupheka lapho evivinywa, + uyakwazi ukusiza labo abavivinywayo. +

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “naye wahlanganyela izinto ezifanayo.”
NgesiGreki, “bengabahlanganyeli begazi nenyama.”
NgesiGreki, “imbewu.”
Noma, “umhlatshelo ohlawulela izono; inhlawulo yezono.”