Eksodusi 23:1-33

  • Izinqumo zokwahlulela zika-Israyeli (1-19)

    • Ngokuphathelene nokwenza ngokwethembeka nangobulungisa (1-9)

    • Ngokuphathelene namasabatha nemikhosi (10-19)

  • Ingelosi iqondisa u-Israyeli (20-26)

  • Ukuthola umhlaba nemingcele (27-33)

23  “Ungawusakazi* umbiko ongelona iqiniso. + Ungabambisani nomubi ngokuba ufakazi onezinhloso ezimbi. +  Ungalandeli isixuku ngenjongo yokwenza okubi, ungamelani nobulungisa ngokunikeza ubufakazi obuvuna isixuku.*  Ungakhethi engxabanweni yomuntu ohluphekayo. +  “Uma ubona inkomo yesitha sakho noma imbongolo yaso iduka, kumelwe uyibuyisele kuso. +  Uma ubona ukuthi imbongolo yomuntu okuzondayo iwele ngaphansi komthwalo wayo, ungayishalazeli uhambe. Kumelwe umsize ayivuse. +  “Ungamahluleli ngokungenabulungisa ohluphekayo phakathi kwakho ecaleni lakhe. +  “Ungahlanganiswa yilutho nezinsolo ezingamanga,* ungambulali omsulwa nolungile ngoba ngeke ngithi omubi ulungile. *+  “Ungasamukeli isifumbathiso, ngoba isifumbathiso sivala amehlo abantu ababona ngokucacile futhi singahlanekezela amazwi abantu abalungile. +  “Ungasicindezeli isifiki. Niyazi ukuthi kunjani ukuba isifiki ngoba naniyizifiki ezweni laseGibhithe. + 10  “Uyohlwanyela izwe lakho ngembewu futhi ubuthe umkhiqizo walo iminyaka eyisithupha. + 11  Kodwa ngonyaka wesikhombisa kufanele ungatshali lutho, uliyeke lingalinyiwe, abahluphekayo phakathi kwabantu bakini bayodla kulo, abakushiyayo kuyodliwa izilwane zasendle. Yilokho okufanele ukwenze ngensimu yakho yamagilebhisi nangezihlahla zakho zeminqumo. 12  “Umsebenzi wakho uyowenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa kufanele uwuyeke, ukuze inkunzi nembongolo yakho kuphumule nendodana yesigqilakazi sakho kanye nesifiki baphumule. + 13  “Kumelwe uqaphe ukuba wenze konke engikutshele kona, + akumelwe ubize amagama abanye onkulunkulu; akufanele azwakale ezindebeni* zakho. + 14  “Kathathu ngonyaka kumelwe ungigubhele umkhosi. + 15  Uyogcina uMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo. + Uyodla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengoba nje ngikuyalile, ngesikhathi esibekiwe ngenyanga ka-Abhibhi, *+ ngoba naphuma ngaleso sikhathi eGibhithe. Akekho okufanele avele phambi kwami engaphethe lutho. + 16  Uyogcina uMkhosi Wesivuno* sezithelo zokuqala ezivuthiwe zomsebenzi wakho, zalokho owakutshala ensimini; + ugcine noMkhosi Wokubutha* ekupheleni konyaka, lapho ubutha ensimini isivuno sokugcina somsebenzi wakho. + 17  Kathathu ngonyaka, bonke abesilisa bakho kufanele bavele phambi kweNkosi yeqiniso, uJehova. + 18  “Igazi lomhlatshelo wami ungalinikeli kanye nanoma yini efakwe imvubelo. Imihlatshelo yamanoni enikelwa emikhosini yami akufanele ihlale ubusuku bonke kuze kube sekuseni. 19  “Kufanele ulethe endlini kaJehova uNkulunkulu wakho okuhle kunakho konke kwezithelo zokuqala ezivuthiwe zomhlabathi. + “Ungayibilisi inyama yezinyane obisini lukanina. + 20  “Ngithumela ingelosi ngaphambi kwakho + ukuba ikuqaphe endleleni futhi ikulethe endaweni engiyilungiselele. + 21  Yinake futhi ulalele izwi layo. Ungamelani nayo ngoba ngeke izixolele izono zenu, + ngoba igama lami likuyo. 22  Nokho, uma ulilalelisisa izwi layo, wenze konke engikushoyo, ngiyoba nobutha ezitheni zakho ngimelane nabamelana nawe. 23  Ingelosi yami izohamba phambi kwakho futhi izokuletha kuma-Amori, kumaHeti, kumaPherizi, kumaKhanani, kumaHivi nakumaJebusi, futhi ngizowaqothula. + 24  Ungabakhothameli onkulunkulu bawo noma uyengelwe ukuba ubakhonze, ungayilingisi imikhuba yawo. + Kunalokho kumelwe ubaqede, ubhidlize nezinsika zawo ezingcwele. + 25  Kumelwe ukhonze uJehova uNkulunkulu wakho, + yena uyosibusisa isinkwa namanzi akho. + Ngiyosisusa isifo phakathi kwenu. + 26  Ngeke kube khona owesifazane ophuphunyelwa isisu noma owesifazane oyinyumba ezweni lenu, + ngiyonenza niphile isikhathi eside.* 27  “Ngiyobenza bangesabe ngisho nangaphambi kokufika kwenu, + ngiyobaphithizelisa bonke abantu enihlangana nabo, ngenze nazo zonke izitha zenu zibaleke, nizinqobe. *+ 28  Ngaphambi kokuba nifike ngiyokwenza izitha zenu zidangale, *+ ngixoshe amaHivi, amaKhanani namaHeti asuke phambi kwenu. + 29  Ngeke ngiwaxoshe phambi kwenu ngonyaka owodwa, ukuze izwe lingabi ihlane, bese kwanda izilwane zasendle. + 30  Ngiyowaxosha kancane kancane phambi kwenu, nize nande futhi nidle ifa lezwe. + 31  “Ngiyonweba umngcele wenu kusukela oLwandle Olubomvu kuye olwandle lwamaFilisti, kusukela ehlane kuye eMfuleni; *+ ngoba abakhe ezweni ngizobanikela esandleni senu futhi niyobaxosha basuke phambi kwenu. + 32  Ningasenzi isivumelwano nabo noma nonkulunkulu babo. + 33  Akufanele bahlale ezweni lenu ukuze banganenzi none kimi. Uma kwenzeka nikhonza onkulunkulu babo, nakanjani kuyoba ugibe kini.” +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “Ungawuthathi.”
Noma, “ubufakazi obuthandwayo.”
NgesiHebheru, “nezwi elingamanga.”
Noma, “akanacala.”
NgesiHebheru, “emlonyeni.”
Owaziwa nangokuthi uMkhosi Wamadokodo (Amatabernakele).
Owaziwa nangokuthi uMkhosi Wamasonto, noma iPhentekoste.
Noma, “ngiyosenza sigcwale isibalo sezinsuku zenu.”
Noma, “ngiyokwenza zonke izitha zenu zinifulathele.”
Noma kungaba, “zitatazele; zesabe kakhulu.”
Okuwukuthi, i-Ewufrathe.