Eyesibili KwabaseKorinte 9:1-15

  • Isikhuthazo ngokupha (1-15)

    • UNkulunkulu uthanda umuphi ojabulayo (7)

9  Ngokuphathelene nokukhonza abangcwele, + akudingekile ngempela ukuba nginibhalele,  ngoba ngiyakwazi ukuzimisela kwenu engiziqhayisa ngakho kwabaseMakedoniya, ukuthi sekuwunyaka manje abazalwane base-Akhaya belungele ukusiza, intshiseko yenu iye yakhuthaza iningi labo.  Kodwa ngithumela abazalwane, ukuze ukuziqhayisa kwethu ngani kungabi yize kule ndaba, nokuba nibe abakulungele ngempela, njengoba nje ngathi niyobe ninjalo.  Uma kungenjalo, uma abaseMakedoniya bengeza nami banithole ningazilungiselele, siyohlazeka thina—ingasaphathwa eyenu—ngenxa yokunethemba kwethu.  Ngakho ngacabanga ukuthi kudingekile ukukhuthaza abazalwane ukuba beze kini kusengaphambili futhi basilungise kusengaphambili isipho senu enisenza ngesandla esivulekile esathenjiswa ngaphambili, ukuze sibe sesilungile njengesipho enisenza ngesandla esivulekile hhayi njengento ephangiwe.  Kodwa ngokuqondene nalokhu, lowo ohlwanyela kancane uyovuna kancane futhi, nalowo ohlwanyela kakhulu uyovuna kakhulu futhi. +  Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka* noma ngaphansi kokucindezelwa, + ngoba uNkulunkulu uthanda umuntu ojabulayo lapho epha. +  Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uyakwazi ukwenza wonke umusa wakhe omkhulu uvame kini, ukuze ngaso sonke isikhathi nibe abaneliseke ngokugcwele kuzo zonke izinto, nibe nokuningi kwawo wonke umsebenzi omuhle. +  (Njengoba nje kulotshiwe: “Uyaphana;* ubanikile abampofu. Ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.” + 10  Manje Lowo onika umhlwanyeli imbewu ngobuningi nesinkwa sokudla uyoninika futhi aniphindaphindele imbewu ukuze nihlwanyele futhi uyosandisa isivuno sokulunga kwenu.) 11  Kuzo zonke izinto nicetshiselwa yonke inhlobo yokuphana, okuveza ngathi isenzo sokubonisa ukubonga kuNkulunkulu; 12  ngoba inkonzo yalo msebenzi womphakathi ayikhona nje ukunakekela kahle izidingo zabangcwele + kodwa nokuceba ezenzweni eziningi zokubonisa ukubonga kuNkulunkulu. 13  Ngobufakazi obunikezwa yile nkonzo yokunikeza usizo, bakhazimulisa uNkulunkulu ngenxa yokuthi niyazithoba ezindabeni ezinhle mayelana noKristu, njengoba nje namemezela obala, nangenxa yokuthi niyaphana emnikelweni wenu kubo nakubo bonke. + 14  Ngokuninxusela baveza uthando abanithanda ngalo ngenxa yomusa kaNkulunkulu omkhulu odlulele ophezu kwenu. 15  Makabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe sesihle esingachazeki.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ngokuba manqikanqika.”
Noma, “Wabile kabanzi; Uphe ngesandla esivulekile.”