Dlulela kokuphakathi

Ezempilo

Ukuba Nempilo Enhle

Umbono WeBhayibheli Ngempilo

Funda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngokugula nendlela yokwelashwa.

Izindlela Zokuthuthukisa Impilo Yakho

Izinyathelo ezinhlanu ongazithatha manje ukuze ube nempilo engcono.

Indlela Yokunciphisa Amathuba Okuthola Izifo

Nsuku zonke umzimba wakho ulwa nezitha ezinyenyayo nezingabonakali kodwa ezingakubulala.

Indlela Obheka Ngayo Izinto Iyawenza Umehluko!

Ingabe ukuhlakanipha kweBhayibheli kungakusiza wandise injabulo yakho?

Indlela Yokuthola Injabulo​—⁠Impilo Enhle Nokubekezela

Ingabe ukugula kusho ukuthi umuntu akasoze ajabula?

Zivikele Emangeni

Izindaba ezikhohlisayo, imibiko engamanga, nezinzwabethi kuthe chithi saka, kungabanga ngisho umonakalo.

Intsha Ikhuluma Ngendlela Yokuphila Enempilo

Ingabe ukuthola kunzima ukudla ngendlela efanele nokuvivinya umzimba? Kule video intsha ikhuluma ngalokho ekwenzayo ukuze ihlale inempilo enhle.

Yenza Ukuphila Kwakho Kube Ngcono​—Indlela Yokunakekela Impilo Yakho

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sinakekele impilo yethu.

Ukunqoba Ekulweni Nokukhuluphala Kwentsha

Funda ngendlela omunye owayewumlutha wokudla okungenamsoco enza ngayo ushintsho olulula futhi wakwazi ukulawula imikhuba yakhe yokudla.

Indlela Yokuqhubeka Ujabule Ngisho Nalapho Usukhulile

Izeluleko eziyisithupha ezisekelwe eBhayibhelini ezingakusiza ubheke ukuguga ngendlela efanele.

Ukubhekana Nokugula

Indlela Ongabhekana Ngayo Nenkinga Yempilo Engalindelekile

Yiluphi usizo ongaluthola eBhayibhelini uma uvele ugula kungalindelelwe?

Ukuphila Nesifo Esingamahlalakhona—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza?

Yebo! Funda ngezinyathelo ezintathu ezingakusiza ukuba ubhekane nesifo esingamahlalakhona.

Indlela Yokusiza Abanezifo Zokuphazamiseka Kwengqondo

Angasizakala kakhulu umngane wakho onesifo sokuphazamiseka kwengqondo uma umsekela.

Ingabe Sikhona Isizathu Sokuphila Nalapho Uphethwe Isifo Esibi?

Bona indlela abanye abakwaze ngayo ukubhekana nesifo esibi.

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo? (Ingxenye 1)

Abasha abane bachaza ngezinto ezibasizayo ukuze babhekane nezinkinga zabo zempilo futhi bahlale benombono oqondile.

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo?—(Ingxenye 2)

Funda ngokulandisa okuvela entsheni eyafunda ukubhekana nezinkinga zempilo ezinkulu kuyilapho ilondoloze umbono omuhle.

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo? (Ingxenye 3)

Ukulandisa kwabasebasha abathathu kungakusiza ufunde ukubhekana nezinkinga zakho ngokuphumelelayo.

“Angivumi Ukuhlale Ngikhathazeke Ngokugula Kwami”

Yini enikeza u-Elisa amandla okukhuthazelela ubuhlungu besifo esingamahlala khona ngisho nawokulibala ukuthi uyagula ngezinye izikhathi?

Ukubhekana Nokukhubazeka

Ukuthola Amandla Ebuthakathakeni

Owesifazane ohamba ngesihlalo sabakhubazekile uthola “amandla angaphezu kwavamile” ngokholo lwakhe.

Ukuphila Ngobumpumputhe

Ingabe abayizimpumputhe bangakwazi ngempela ukuthuthukisa ikhono lokusebenza kwenzwa yabo yokuzwa, yokuhogela, neyokuthinta?

Amehlo KaJairo—Indlela Yakhe Yokukhulekela Nokukhonza uNkulunkulu

Ngisho noma enokukhubazeka kobuchopho okubi kakhulu, uJairo ujabulela ukuphila okunenjongo.

Ukukhonza UNkulunkulu Kungumuthi Kuye!

U-Onesmus wazalwa enesifo sokukhumuzeka kwamathambo okuthiwa i-osteogenesis imperfecta. Izithembiso zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini zamkhuthaza kanjani?

Ukuphila Ngokuphuthaza

UJames Ryan wazalwa eyisithulu kwathi kamuva waba nayimpumputhe. Yini eyenza ukuphila kwakhe kwaba nenjongo?

Isiqeshana Se-video: “Ngaphandle Kwalo, Bengizozizwa Ngilahlekile”

Lalela indaba yowesilisa oyimpumputhe oye wazuza ngokuba neBhayibheli nge-Braille.

UJehova Ungibusise Ngokuningi Kakhulu

UFélix Alarcón wathola injongo yokuphila yangempela ngemva kokuba sengozini yesithuthuthu eyamshiya ekhubazeke kusukela entanyeni kuye ezansi.

Ngathola Ithemba Ngesikhathi Engangilidinga Ngaso Kakhulu

Lapho eneminyaka engu-20, uMiklós Aleksza wakhubazeka ngenxa yengozi ebuhlungu eyamehlela. IBhayibheli lamsiza kanjani ukuba athole ithemba langempela lekusasa elingcono?

Ukunakekela Abagulayo Nabakhulile

Lithini IBhayibheli Ngokunakekela Abazali Asebekhulile?

IBhayibheli linezibonelo zamadoda nabesifazane bokholo abenza kanjalo.

Lapho Ingane Yakho Ikhubazekile

Cabanga ngezinselele ezintathu ongase ubhekane nazo nokuthi ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kungakusiza kanjani.

Kuthiwani Uma Umzali Wami Egula?

Akuwena wedwa omusha obhekene naleso simo. Thola ukuthi yini esize abanye babhekana naso.

Ongakwenza Lapho Umuntu Omthandayo Enesifo Esingalapheki

Amalungu omndeni angamduduza futhi amnakekele kanjani othandekayo wawo onesifo esingalapheki? Umuntu onakekela ogulayo angabhekana kanjani nokucindezeleka angase abe nakho?

Lapho Oshade Naye Ehlushwa Impilo

Funda ukusikisela okuthathu okungasiza imishado enomuntu onesifo esingamahlalakhona.

Izifo Nokugula

Ukubhebhetheka Kwamagciwane—Ongakwenza

Yini engakusiza emzimbeni, ngokomzwelo, nangokomoya lapho uthinteka ekuhlaseleni kwamagciwane?

Okufanele Ukwazi Ngokuphazamiseka Kwengqondo

Izinyathelo ezingu-9 ezingakusiza ubhekane ngokuphumelelayo nenkinga yengqondo.

I-anemia​—Izimbangela, Izimpawu Nezindlela Zokuyelapha

Iyini i-anemia? Ingabe ingagwemeka noma yelapheke?

Isifo Sikashukela—Ungawanciphisa Yini Amathuba Okuba Naso?

Abangamaphesenti angu-90 abanesandulela sesifo sikashukela abazi ukuthi banaso.

Okufanele Ukwazi Ngesifo Sokuwa

Hlola amaqiniso ayisisekelo ngalesi sifo esivame ukungaqondwa kahle.

Ingabe Usengozini Yokuba Nesifo Sezinsini?

Isifo sezinsini singesinye sezifo zomlomo ezivame kakhulu emhlabeni. Sibangelwa yini? Ungazi kanjani uma unaso? Kanti futhi ungawanciphisa kanjani amathuba okuba nesifo sezinsini?

Uyini Umehluko Phakathi Kokuguliswa Ukudla Nokungezwani Nokudla?

Zikhona yini izingozi zokuzitholela wena ukuthi unani?

Okufanele Ukwazi Ngomalaleveva

Ungakwazi ukuzivikela uma uhlala noma uhlela ukuvakashela ezweni elikhungethwe yiwo.

Ukubhekana Nezinselele Zokunqamuka Kokuya Esikhathini

Uma wena nosondelene nabo nikuqonda ngokwengeziwe ukunqamuka kokuya esikhathini, niyokuhlomela kangcono ukubhekana nezinkinga ezihlobene nakho.

Ukucindezeleka

Indlela Yokwelapha Ukucindezeleka

Funda ngezinye izindlela zokwelashwa kanye nezingqinamba abavame ukubhekana nazo abantu abacindezelekile.

Lithini IBhayibheli Ngokucindezeleka?

Funda ukuthi kungani abantu behlushwa ukucindezeleka nokuthi iBhayibheli lingakusiza kanjani ukuba ubhekane nemizwa engemihle.

Ngisaphilelani Nje?

Yini engenza umuntu abheke ukufa njengomngane?

Lapho Ukuphila Kungabekezeleleki

Kunezizathu ezinhle zokuqhubeka nokuphila, naphezu kwezimo ezinzima obhekana nazo.

Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?

Funda indlela yokubona izimpawu kanye nezimbangela zokucindezeleka. Thola ukuthi yini abazali nabanye abangayenza ukuze nabo basize.

Ukwanda Okushaqisayo Kokuphazamiseka Komqondo Entsheni—Lithini IBhayibheli?

IBhayibheli linikeza usizo entsheni ecindezelekile ngokwenqondo.

Kungani Ngizisika?

Ukuzilimaza kuyinkinga kubantu abaningi abasha. Uma uthambekele kulo mkhuba, ungaluthola kanjani usizo?

Yini Engingayenza Uma Ngicindezelekile?

Izinto ezibalwe kulesi sihloko zingakusiza ululame.

Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Uma Ngicindezelekile?

Kunezinto ezintathu uNkulunkulu asipha zona ngomusa ukuze sikwazi ukubhekana nemizwa yokucindezeleka.

Angisafuni Ukuphila—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?

Umuntu ofuna ukuzibulala angasithola yini iseluleko esiwusizo eBhayibhelini?

Ukukhathazeka Nokucindezeleka

Indlela Yokulawula Ukukhathazeka

Yimaphi amacebiso namavesi eBhayibheli angakusiza ungakhathazeki ngokungadingekile?

Indlela IBhayibheli Elingawasiza Ngayo Amadoda Akhathazekile

Bayanda abantu abakhathazekile kulezi zinsuku ezibucayi. Uma kuwukuthi uhlale ukhathazekile, lingakusiza yini iBhayibheli?

Ungabhekana Kanjani Nokuvaleleka Endlini

Lapho uvalelekile kungabonakala kungenakwenzeka ukuthola ithemba, injabulo nokwaneliseka​—kungenzeka.

Indlela Yokubhekana Nokucindezeleka

Hlola ezinye zezimiso ezisebenzayo ezingakusiza ubhekane kangcono nokucindezeleka futhi mhlawumbe ukunciphise.

Ngingabhekana Kanjani Nokukhathazeka?

Amacebiso amahlanu angakusiza wenze ukukhathazeka kukuzuzise kunokuba kukulimaze.

Lingakusiza Yini IBhayibheli Ukuba Ubhekane Nokukhathazeka?

Ukukhathazeka kubonakala kuyingxenye yempilo. Ingabe kuyoke kuphele?

Okushiwo IBhayibheli Ngokukhathazeka

Uhlobo olufanele lokukhathazeka lungazuzisa; kanti olungafanele lungalimaza. Ungabhekana kanjani nakho ngokuphumelelayo?

Izindlela Eziyinhloko Zokubhekana Nokucindezeleka

Amacebiso asebenzayo atholakala eBhayibhelini angakusiza ukwazi ukubhekana nezimbangela ezine ezivamile zokucindezeleka.

Inselele: Izibopho Eziningi

Uma uzama ukwenza yonke into ungagcina ungenzanga lutho. Ungakunciphisa kanjani ukucindezeleka?

Ngingakugwema Kanjani Ukuphelelwa Amandla Ngenxa Yokukhandleka Ngokweqile?

Kubangelwa yini? Ingabe nawe usengcupheni? Uma kunjalo, yini ongayenza?

Lapho Indodakazi Yakho Esakhula Icindezelekile

Maningi amantombazanyana asakhula azizwa ekhungathekiswa izinguquko abhekana nazo. Abazali bangawasiza kanjani ukuze akwazi ukubhekana nokucindezeleka?

Ungabhekana Kanjani Nokucindezeleka?

Funda ngezimbangela eziyinhloko zokucindezeleka nokuthi iziphi izinyathelo ongazithatha ukuze ubhekane nazo.

Ingabe Ulindele Ukuba Yonke Into Ingabi Naphutha?

Ungawubona kanjani umehluko phakathi kokuzama ukwenza into kahle nokuzama ukwenza into engaphezu kwamandla akho?

Indlela Yokubhekana Noshintsho

Ushintsho alugwemeki. Cabanga ngalokho okwenziwe abanye ukuze babhekane nalo ngokuphumelelayo.

Indlela Yokunqoba Ukuzizwa Ungalondekile

Izinto ezintathu ezingakusiza uzizwe ulondekile.

Ukunakekela Impilo

Kufanele Yini UmKristu Elashwe Odokotela?

UNkulunkulu unendaba yini nokuthi sikhetha hlobo luni lokwelashwa?

Lapho Ugulelwa Othandekayo

Ukubona udokotela nokuhlala esibhedlela kungaba into ethusayo. Ungamsiza kanjani umngane noma isihlobo ukuba babhekane kangcono nalesi simo esinzima?

Izindlela Zokwelapha Ezingahileli Ukumpontshelwa Igazi

Funda ukuthi ochwepheshe abavela emazweni angaphezu kuka-40 basabela kanjani lapho bethola ukwaziswa okuphathelene nezindlela zokwelapha ezingahileli ukumpontshelwa igazi.

Ukumpontshelwa Igazi—Lokho Okushiwo Odokotela Manje

OFakazi BakaJehova baye bagxekwa ngenxa yokwenqaba ukupontshelwa igazi. Ubantu kwezokwelapha bacabangani ngokumpontshelwa igazi?

Ukwenqaba Ukumpontshelwa Igazi Kusiza Iziguli EzingoFakazi Ukuba Zisheshe Zilulame

Imibiko ibonisa ukuthi iziguli ezenqaba ukumpontshelwa igazi zinamathuba amaningi okusinda futhi zihlala isikhathi esifushane esibhedlela.