Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubhekana Nezinselele Zokunqamuka Kokuya Esikhathini

Ukubhekana Nezinselele Zokunqamuka Kokuya Esikhathini

“Ngavele ngagajwa imizwa yokudabuka nje ngaphandle kwesizathu noma kungalindelekile. Ngakhala futhi ngazibuza ukuthi ingabe ngiyasangana yini.”—URondro, * oneminyaka engu-50 ubudala.

“Uvuka ekuseni, uthole ukuthi endlini izinto zibheke phezulu. Izinto zakho awuzitholi. Izinto obuzenza nje kalula iminyaka eminingi, manje sekubonakala kuwumqansa ukuzenza, awazi ukuthi kungani.”—UHanta, oneminyaka engu-55 ubudala.

LABA besifazane babengaguli. Kunalokho, babebhekene nenqubo yokunqamuka kokuya esikhathini, okuwushintsho olungokwemvelo ekuphileni komuntu wesifazane nolokuvaleka kwethuba lokuba nabantwana. Uma ungowesifazane, ingabe ususondele kuleso sikhathi sokuphila? Ingabe vele usubhekene naso? Noma ngabe ikuphi, uma wena nabathandekayo bakho kukuningi enikwaziyo ngale nqubo, niyokuhlomela kangcono ukuhlangabezana nezinselele ezihlobene nakho.

Inqubo Yokunqamuka Kokuya Esikhathini

Inqubo yokunqamuka kokuya esikhathini (lapho sekusondele ukuba owesifazane ayeke ngokuphelele ukuya esikhathini), ihlanganisa kokubili isikhathi esiholela kukho nokunqamuka ngokwakho. * Nokho, ngokuvamile inkulumo ethi ‘ukunqamuka kokuya esikhathini,’ ivame ukubhekisela kuzo zonke izigaba zale nqubo.

Iningi labesifazane liqala le nqubo lapho selineminyaka engu-40, kodwa kwabanye ayiqali kuze kube yilapho sebeneminyaka engu-60. Ngokuvamile, ukuya esikhathini kunqamuka kancane kancane. Ngenxa yokushintshashintsha kokukhiqizwa kwama-hormone, owesifazane angase eqiwe inyanga, aye esikhathini ngezikhathi angavamile ukuya ngazo, noma ophe kakhulu kunokuvamile. Kwabesifazane abambalwa, ukuya esikhathini kuvele kunqamuke nje ngokushesha.

Incwadi ethi Menopause Guidebook ithi: “Ukunqamuka kokuya esikhathini kuyahluka kwabesifazane ngabanye.” Iyanezela: “Ukungaphatheki kahle okuvame ukuhambisana nokunqamuka kokuya esikhathini, ukushisa komzimba,” okungase kulandelwe ukuzwela amakhaza kakhulu. Lezo zimpawu zingakwenza ungalali kahle futhi zikuqede amandla. Kuthatha isikhathi  esingakanani lokhu kungazizwa kahle? Ngokwencwadi i-Menopause Book, “abanye besifazane baba neziqubu ezimbalwa zokushisa komzimba, ezithatha unyaka owodwa noma emibili phakathi nale nqubo yokunqamuka kokuya esikhathini. Kwabanye kuba iminyaka eminingi, kanti abangamaphesenti ambalwa kakhulu babika ukuthi baba neziqubu zokushisa komzimba ukuphila kwabo konke.” *

Ngenxa yokushintshashintsha kwama-hormone, kungenzeka nokuthi owesifazane acindezeleke noma abe nokushintshashintsha kwemizwelo, okungamenza akhale, angakwazi ukugxilisa ingqondo futhi abe nanenkinga yokukhohlwa. Nakuba kunjalo, incwadi i-Menopause Book ithi, “mancane kakhulu amathuba okuthi owesifazane oyedwa angahlaselwa yizo zonke lezi zinkinga.” Eqinisweni, abanye babhekana nezinkinga ezimbalwa zokungaphatheki kahle, noma zingabi bikho nhlobo.

Indlela Yokubhekana Nakho

Izinguquko ezilula endleleni yokuphila, zingase zikunciphise ukungazizwa kahle. Ngokwesibonelo, ababhemayo bangalinciphisa izinga lokushisa komzimba ngokuyeka ugwayi. Abesifazane abaningi bayazuza futhi ngokwenza ushintsho ekudleni abakudlayo, njengokunciphisa otshwaleni noma ngisho nokugwema ukubuphuza, ukugwema iziphuzo ezine-caffeine, ukudla okunezinongo noma okunoshukela, okungase kubangele ukushisa komzimba. Nokho, kubalulekile ukudla ngendlela efanele, okusho ukudla izinhlobonhlobo zokudla okunomsoco.

Ukuvivinya umzimba nakho kuyasiza kakhulu ekunciphiseni izimpawu zokunqamuka kokuya esikhathini. Ngokwesibonelo, kunganciphisa inkinga yokuqwasha futhi kunciphise inkinga yokushintshashintsha kwemizwelo, kuqinise amathambo futhi kuthuthukise impilo. *

Khuluma Ngakho Ngokukhululekile

URondro oke wacashuwa wathi: “Asikho isidingo sokufela ngaphakathi. Uma ukhuluma ngakho nosondelene nabo, ngeke bakhathazeke kakhulu uma bephawula izinto ezenzeka kuwe.” Eqinisweni, bangase babe nesineke kakhudlwana futhi babonise ukuqonda. Eyoku-1 Korinte 13:4 ithi: “Uthando lunesineke futhi lunomusa.”—Good News Translation.

Abesifazane abaningi basizwa nawumthandazo, kuhlanganise nalabo abezwa ubuhlungu ngenxa yokuthi ngeke besakwazi ukuzala izingane. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “[UNkulunkulu] usiduduza kuzo zonke izinkinga zethu.” (2 Korinte 1:4, The New English Version) Okunye okududuzayo ukwazi ukuthi inqubo yokunqamuka kokuya esikhathini iyedlula. Lapho isidlulile, abesifazane abaqhubeka beyinakekela kahle impilo yabo bangase baphinde bazizwe benamandla futhi babe nempilo enhle eminye iminyaka eminingi.

^ isig. 2 Amagama ashintshiwe.

^ isig. 6 Uma owesifazane engazange aye esikhathini kwaze kwaphela izinyanga ezingu-12, odokotela babheka lokho njengokunqamuka kokuya esikhathini.

^ isig. 8 Ezinye izinkinga zempilo, ezihlanganisa isifo segilo kanye nezifo ezithathelwanayo ngisho nemithi ethile yokwelapha, zingakubangela ukushisa komzimba. Kungaba kuhle uqiniseke ukuthi akuzona lezo zinto ezibangela ukushisa komzimba ngaphambi kokuba uphethe ngokuthi kubangelwa ukunqamuka kokuya esikhathini.

^ isig. 12 Ukuze basize iziguli zabo zibhekane kangcono nale nqubo yokunqamuka kokuya esikhathini, odokotela bangase bazinike imikhiqizo ehlukahlukene, njengama-hormone, amaphilisi ama-vitamin kanye nemithi yokunciphisa ukucindezeleka. Ayikho imikhiqizo noma izindlela zokwelapha i-Phaphama! ezitusa ngokukhethekile.