Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokunakekela Abazali Asebekhulile?

Lithini IBhayibheli Ngokunakekela Abazali Asebekhulile?

Impendulo yeBhayibheli

 Izingane esezingabantu abadala zinomsebenzi obalulekile wokuqiniseka ukuthi abazali bazo asebekhulile bayanakekelwa. IBhayibheli lithi izingane esezingabantu abadala kufanele “zenze imisebenzi ebonisa ukholo ngokunakekela imindeni yazo nangokubuyisela abazali bazo . . . , ngoba lokhu kuyamjabulisa uNkulunkulu.” (1 Thimothewu 5:4, i-New International Version) Lapho izingane esezindala ziqiniseka ukuthi abazali bazo asebekhulile bayanakekelwa, zisuke zilalela nomyalo weBhayibheli othi zihloniphe abazali bazo.—Efesu 6:2, 3.

 IBhayibheli alinayo imithetho eqondile mayelana nokunakekela abazali asebekhulile. Nokho, lisinikeza izibonelo zamadoda nabesifazane bokholo abenza kanjalo. Liphinde linikeze neseluleko esisebenzayo esingasiza abanakekeli.

 Amanye amalungu omndeni abanakekela kanjani abazali asebekhulile ngezikhathi zeBhayibheli?

 Babebanakekela ngezindlela ezihlukahlukene, kuye nangezimo.

  •   UJosefa wayehlala kude noyise osekhulile, uJakobe. Lapho esekwazi ukwenza kanjalo, wahlela ukuba uJakobe athuthele eduze naye. UJosefa wabe esekwazi ukumnika indawo yokuhlala, ukumnika ukudla nokumvikela uyise.—Genesise 45:9-11; 47:11, 12.

  •   URuthe wathuthela ezweni lakubo kamamezala wakhe futhi wasebenza ngokuzikhandla ukuze amnakekele.—Ruthe 1:16; 2:2, 17, 18, 23.

  •   UJesu, ngaphambi nje kokuba afe, wabela owayezonakekela unina, uMariya, cishe ngaleso sikhathi owayesengumfelokazi.—Johane 19:26, 27. a

 Yisiphi iseluleko esiwusizo esivela eBhayibhelini esingasiza abanakekeli?

 IBhayibheli linezimiso ezingasiza abanakekeli ukuba babhekane nezinselele ngezinye izikhathi ezikhandlayo ngokomzimba nangokomzwelo zokunakekela abazali asebekhulile.

  •   Hlonipha abazali bakho.

     Okushiwo yiBhayibheli: “Hlonipha uyihlo nonyoko.”—Eksodusi 20:12.

     Singasetshenziswa kanjani lesi simiso? Bonisa abazali bakho inhlonipho ngokubavumela ukuba babe nenkululeko ngangokunokwenzeka kuye ngalokho abakwazi ukukwenza. Ngezinga okungenzeka ngalo, bavumele bazenzele ezabo izinqumo mayelana nokunakekelwa kwabo. Ngesikhathi esifanayo, babonise inhlonipho ngokwenza ongakwazi ukukwenza ukuze ubasize.

  •   Bonisa ukuqonda futhi uthethelele.

     Okushiwo yiBhayibheli: “Ukuqondisisa komuntu nakanjani kuyaludambisa ulaka lwakhe futhi kungubuhle ukushalazelela ukoniwa.”—IzAga 19:11.

     Singasetshenziswa kanjani lesi simiso? Uma umzali osekhulile esho okuthile okungewona umusa noma ebonakala engabongi ngokumnakekela kwakho, zibuze, ‘Bengingazizwa kanjani ukube bengibhekene nokulinganiselwa kanye nokukhungatheka okufanayo? Lapho sizama ukubonisa ukuqonda nokuthethelela, singagwema ukwenza isimo esibi sibe esibi nakakhulu.

  •   Xoxa nabanye.

     Okushiwo yiBhayibheli: “Amacebo awaphumeleli lapho kungekho khona ukubonisana, kodwa kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.”—IzAga 15:22.

     Singasetshenziswa kanjani lesi simiso? Yenza ucwaningo ngendlela yokubhekana nezinkinga zempilo abazali bakho okungenzeka banazo. Thola ukuthi yiluphi usizo olutholakalayo emphakathini wangakini. Khuluma nabanye abaye banakekela abazali asebekhulile. Uma unabafowenu nodadewenu, kunganjani nibe nomhlangano womndeni ukuze nixoxe ngezidingo zabazali benu, indlela yokubanakekela, nendlela eningabambisana ngayo kulo msebenzi.

    Cabangani ngokuhlela umhlangano womndeni ukuze nixoxe ngokunakekela abazali asebekhulile

  •   Yiba nesizotha.

     Okushiwo yiBhayibheli: “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.”—IzAga 11:2.

     Singasetshenziswa kanjani lesi simiso? Yazi ukuthi kungakanani onamandla okukwenza. Ngokwesibonelo, wonke umuntu unesikhathi namandla alinganiselwe. Lokhu kulinganiselwa kungathinta lokho ongakwazi ukukwenzela abazali bakho ngokoqobo. Uma uzithola ukhungathekiswa umthwalo wokunakekela abazali bakho, kucabangele ukucela usizo kwamanye amalungu omndeni noma kwabaqeqeshelwe ukusiza.

  •   Zinakekele nawe.

     Okushiwo yiBhayibheli: “Akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kodwa uyawondla futhi awuphathe kahle.”—Efesu 5:29.

     Singasetshenziswa kanjani lesi simiso? Nakuba unomsebenzi wokunakekela abazali bakho, kusadingekile ukuba unakekele izidingo zakho nezomndeni wakho uma ushadile. Kusadingeka udle kahle. Kusadingeka ukuba uphumule ngokwanele futhi ulale ngokwanele. (UmShumayeli 4:6) Kudingeka ukuba uthi ukuhlaba ikhefu uma kungenzeka. Ngokwenza lezi zinto ungaba sesimweni esingcono—ngokomzwelo, ngokwengqondo, nangokomzimba—sokunakekela abazali bakho.

 Ingabe iBhayibheli lithi kufanele ubanakekelele ekhaya abazali bakho asebekhulile?

 IBhayibheli alinawo umthetho oqondile wokuthi izingane esezikhulile kufanele zibanakekelele ekhaya yini abazali bazo. Eminye imindeni ikhetha ukugcina abazali bazo asebekhulile ekhaya isikhathi eside ngangokunokwenzeka. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, bangase babe nomuzwa wokuthi ukunakekelwa ekhaya lasebekhulile kungaba yindlela engcono. Umndeni ungahlangana ndawonye ukuze unqume ukuthi yini elungele wonke umuntu ohilelekile.—Galathiya 6:4, 5.

a Mayelana nale ndaba, esinye isazi seBhayibheli sithi: “Kungenzeka ukuthi uJosefa [umyeni kaMariya] wayesashona kudala, nokuthi indodana yakhe uJesu yayimnakekela, futhi manje njengoba yayifa kwakuzokwenzekani ngaye? . . . UKristu lapha ufundisa izingane ukuba zinakekele inhlalakahle yabazali bazo asebekhulile.”—The NIV Matthew Henry Commentary in One Volume, amakhasi 428-429.